Annual General Conference – 23 July 2004 – Zulu

INGQUNGQUTHELA JIKELELE YONYAKA YAMA-29
YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO
INGQIKITHI – “UBUNYE NAMANDLA OKUBHEKANA NEZINSELELO EZINTSHA
NOMSEBENZI OMKHULU OTHUNYWA I-IFP”

Ondini: Julayi 23-25, 2004

IZINQUMO

INgqungquthela Yonyaka ye-IFP ihlangane Ondini ngomhlaka-25 Julayi yemukela ngazwi linye:

ISINQUMO 1: UMSEBENZI WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO NJENGEQEMBU ELIPHIKISA NGOBUNTU

INgqungquthela:

Iqaphela ukuthi nanxa iQembu lihlehlele emuva okhethweni lwalonyaka umlando usuwethwese iQembu LeNkatha YeNkululeko umsebenzi omkhulu kakhulu wokuphikisa ngendlela eqotho neyakhayo ukwenza i-ANC iziphendulele ukuqinisekisa ukusebenza kwentando yeningi nebonakala iba buthaka

Ingqungquthela Inquma:

  • Ukubizela iQembu LeNkatha YeNkululeko ekufezeni umsebenzi omusha nomkhulu ewuthunyiwe wokuphokophela ukuba ibe yiQembu elimele bonke abantu baseNingizimu ne-Afrika;
  • Ukugunyaza iQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba lisukume libhekane nenselelo yomsebenzi wayo omusha wokuba yiqembu eliphikisayo elihlanganisa konke futhi elikholekayo elizohlinzeka izithiyo kanye nezilinganiso ezidingwa yintando yeningi ephilayo;
  • Ukukhuthaza iQembu LeNkatha YeNkululeko ukukhuluma liphikisane nobuholi be-ANC nxa benza amaphutha kanye nokuzwakalisa ukukhathazeka kwabalandeli be-ANC ngoba okuyigugu kubo kuyigugu nakithi, nokwenza njalo ngaphandle kokwesaba nokwenzelela;
  • Ukudonsa ngendlebe iQembu LeNkatha YeNKululeko ukuba likhumbule ukuthi ngisho noma ngabe isimo siyalikhuthaza ukuba lisole ubuholi be-ANC ukuze ibe nokuziphendulela, iQembu LeNkatha YeNkululeko kaliyiso isitha futhi kalehlukile kubalandeli be-ANC naseningini labantu baseNingizimu ne-Afrika;
  • Ukusekela ubuholi be-ANC uma budinga ukuba kushayelwe ihlombe nokubasola nxa lingasazihloniphi izidingo nezifiso zabalandeli bayo kanye nabethu;
  • Ukusekela isiphakamiso someMengameli weQembu LeNkatha Yenkululeko ngesidingo seNgqungquthela ezochaza iphinde ihlaziye umsebenzi ofanele ufezwe ngamaqembu aphikisayo lapho kuyohlangana kuwo iqembu elibusayo kanye namaqembu aphikisayo;
  • Ukubizela i-ANC ekubeni ivume futhi ihloniphe umsebenzi wokuphikisa njengento edingekayo ukuze intando yeningi isebenze ngendlela efanele ne-ANC ikwazi ukubusa ngendlela eyiyo;
  • Ukweluleka i-ANC ngokuthi kufanele yemukele ukuthi ukuze ikwazi ukulawula ngendlela elungileyo kudingeka ukuphikisa okunamandla nokugxilisa umqondo futhi kugcizelelwe ukuthi iqembu eliphikisayo namuhla lingaba yiqembu elibusayo kusasa ngokwentando yeningi;
  • Ukuxwayisa ubuholi be-ANC ngokuthi bungazishayi indiva iziphakamiso kanye nemibono ngezizathu zokuthi kaziveli kulabo abakhethwe eqenjini layo elibusayo, noma ephalamende noma eqenjini eliphikisayo;
  • Ukubizela iPhalamende, kumbandakanye amalungu ephalamende kanye nayo i-ANC ukuba abe nokuthile akwenzayo futhi athuthukise amandla nesibindi nokuzethemba ukusola uMengameli nxa isidingo nokuqondisa uMengameli emigomeni yakhe sikhona kunokuba kube yinhlanekela yalokho.

ISINQUMO 2: INGOZI ELENGELA UMBUSO WETHU WENTANDO YENINGI

INgqungquthela:

Iqaphela ngokukhathazeka ngemiphumela embusweni wentando yeningi engahle idalwe yiningi elikhulu ngokweqisa elazuzwa yiqembu elibusayo;

Inquma:

  • Ukuzwakalisa ukukhathazeka kwayo ngokuthi leliningi elikhulu ngalendlela lingaholela ekusetshenzisweni kwamandla ngendlela engeyiyo liphinde lizwakalise ukudabuka ukuthi leliningi elikhulu ngalendlela lingumphumela wezizathu eziningi ezimbandakanye nomkhonyovu wokhetho owawubonakala ezindaweni eziningi nokuthi abantu babevota nasezindaweni ababengabhalisanga kuzo;
  • Lizwakalisa ukukhathazeka ukuthi iningi elingavamile ngalendlela liholela ekwethuleni kwezinsizakalo okusezingeni eliphansi ngenxa yokwentuleka kokuziphendulela kanye nokufakana kwezihlobo ezikhundleni, okufana nokuqokwa kwezisebenzi zikahulumeni ezikhundleni eziphezulu ngokukhetha abalandeli beqembu elithile ukuba bafakwe ezikhundleni;
  • ukubophezela iQembu LeNkatha YeNkululeko ekubeni lihlale njalo liqaphe izinqumo kanye nemigomo ye-ANC, lenze nokuba i-ANC ihlale iziphendulela kuzozonke izinqumo ezithathayo zokusebenzela izidingo eziseceleni ezandisa amandla e-ANC;
  • Iyakusola ukunqwatshelwa kwamandla ndawonye njengoba kwenzeka manje kunqwatshelwa wonke amandla emazingeni e-ANC;
  • Ixwayisa abantu baseNingizimu ne-Afrika ukuba bavikele iSakhiwo Sezwe esesingasagxilisiwe futhi esingasewona umthetho ophakeme kakhulu nongathinteki waseNingizimu ne-Afrika, njengoba i-ANC isikwazi ukuwuguqula ngomathanda yize noma iningi labantu baseNingizimu ne-Afrka bengakufuni lokho njengoba kwenzeka ngesikhathi somthetho wokuchibela iSakhiwo ukuze abantu bakwazi ukugcogcoma nezihlalo ababezifumene kwamanye amaQembu;
  • Iyakusola ukufiphazwa kanye nokubhidlika kwemingcele owehlukanisa phakathi kweqembu lombusazwe kanye nombuso futhi iqembu elibusayo liyaqhubeka nokusebenzisa umbuso njengesikhali esisezandleni ze-ANC;
  • Iyakuqaphela ukuntuleka kwenkululeko yePhalamende engakwazi ukukhombisa amandla okuzimela ePhalamende futhi lingabi ngaphansi kwesigungu esibusayo;
  • Ukuzwakalisa ukudabuka ngokuntuleka kwamandla okuzimela kweZifundazwe njengoba manje oNdunankulu beZifundazwe sebephendula kuMengameli ngqo noseqinisekisa ukuthi zonke izifundazwe kufanele ziqhube ngokwamagunya e-ANC;
  • ukuhlaba umkhosi kuwowonke amaqembu ezombusazwe ukuba emukele ukuthi intando yethu yeningi kufanele ilondolozwe ngokuvuma ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sengxoxo-mpikiswano eqondene nesimo sezinto njengamanje maqondana nokubusa ngentando yeningi, ukuze intando yeningi ithuthuke futhi ibe nekusasa eliqhakazile eNingizimu ne-Afrika.

ISINQUMO 3: UBUNYE

Ingqungquthela ikukhumbula ukuthi iQembu LeNkatha YeNkululeko lasungulwa ngo-1975 ngaphansi kwesimiso esiyisisekelo sobunye bangaphakathi;

Iyakunaka futhi ukusho koMengameli weQembu LeNkatha YeNkululeko ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sobunye kuwowonke amazinga kanye nezinhlaka zeQembu LeNkatha YeNkululeko ngenhloso yokufeza umsebenzi kanye nomthwalo wethu omusha njengeqembu eliphikisa ngendlela eqotho

Sinquma:

  • ukunxenxa wonke amalunga eQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba anamathele ezimisweni nasemigomeni yeSakhiwo seQembu LeNkatha YeNKululeko ehlonipha umehluko phakathi kwemisebenzi yeziphathimandla kanye nokuqiniseka ukuthi amalunga aphathwa ngendlela elinganayo ngaphandle kokuhlululwa;
  • Ithuma uMhlahlandlela ukuba uvuselele iKomidi Lokuxazulula Izigqinamba ukuze lixazulule izingxabano zangaphakathi kwakhiwe nemihlangano yokuqeqesha okuzokhuthaza ukugcinwa kwemithetho yeQembu ibuye futhi isungule Negula Lokucabanga eliyokwakha amasu okuthuthukisa ubunye;
  • Ukukhuthaza impilo yeQembu ezoncika eSakhiweni seQembu LeNkatha YeNkululeko lokhu kumbandakanye nokuxhumana okuvamile phakathi kwamaziko, iziyingi, namanye amazinga eQembu;
  • Ukukhuthaza ubuholi beQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba balalele amalunga asemazingeni aphansi nokuphendula kulezozinto ezibakhathazayo ngesikhathi bebuyiselwe eceleni nokuchitha abaholi abaphaziphakamisayo nabadakwa ngamandla;
  • Ukuthuma iQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba ligqugquzele izinhlelo zokuzisiza, imidlalo, imfundo, ezokuhlalisana kahle nezinye njalo njalo, ngesikhathi likhuthaza amasiko ehlukene eQenjini nokubekezelelana phakathi kwabanobuzwe obehlukene;
  • Ibize zonke izinhlaka zeqembu kanye nabaholi kanye nabalandeli, ukuba bangaphindi bazigaxe ekugqubuzaneni kwamaviyo okuyinto edala ukwehlukana iphinde idale ukungavumelani kwangaphakathi, yikuxazulula noma yimuphi umbango ngokuthuthukisa indlela yentando yeningi ezinkethweni zangaphakathi njengoba kwenzekile kuleNgqungquthela;
  • Ukuba iQembu lethu liguqule indlela elenza ngayo izinto ukuze libe nombono ohlangeneyo, lizinikele futhi lizimisele ngokuphumelela;
  • Ukusho ukuthi yilelo nalelolungu elisezinhleni zeQembu LeNkatha YeNkululeko lineqhaza okufanele lilibambe ukuze sifumane leloqhaza esililangazelelayo;
  • Ukuqinisa ubunye ngobungani kulempi esizohlangabezana nayo yokhetho lohulumeni basekhaya oluzayo;
  • Ukuthuma wonke amalungu eQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba emukele ukuthi ubunye kufanele kube yiwona mfutho osiqhubela phambili ngesikhathi sikhankasela ukhetho njengoba silwela ukunqoba

 

ISINQUMO 4: UKUHLUMELELISA KANYE NOKWAKHA KABUSHA IQEMBU

INgqungquthela:

iKwemukela ukuthi sithunywe ngabalandeli bethu ukuba siphinde silinganise izenzo zethu maqondana nazozonke izimo zempilo yeQembu LeNkatha YeNkululeko.

Inquma:

  • Ukuhalalisela iphinde income uMengameli weQembu LeNkatha YenKululeko ngokuthatha izinyathelo zokuqala ukuthuthukisa kanye nokuhola ekuhleleni kanye nasekuvuselelweni kabusha kweQembu maqondana nokusho kwakhe ukuthi kayesabi inguquko kepha yinye kuphela into okufanele siyesabe yikwesaba uqobo lwakho;
  • Ukusemukela isimemezelo kanye nesibonelo soMengameli weQembu LeNkatha YeNkululeko ngokuba agqugquzele zonke izinhlaka zeQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba zingayesabi inguguko;
  • Ukuqinisa nokwemukela izichibelo zeSakhiwo seQembu LeNkatha YeNKululeko eziphakanyiswe nguMhlahlandlela ukuba kusungulwe isikhundla sikaNobhala-Jikele kanye nesekela lakhe abakhethwayo esikhundleni sikaNobhala-Jikelele Wokuphatha;
  • Ukushayela ihlombe uMengameli weQembu LeNkatha YeNkululeko ngendlela ahola ngayo uguquko kanye nokuvuselela kabusha;
  • Ukugunyaza uMengameli ukuba aqhubeke nomkhankaso wenguquko nokwakha isiqiniseko sokuthi leNgqungquthela isiyiqalo kunokuba ibe yisiphetho salologuquko;
  • Ukuqinisa nokuvumela isichibelo seSakhiwo seQembu LeNkatha YeNkululeko sokuhlela kabusha uMhlahlandlela weQembu lokhu okuyoqinisekisa ukuthi loMkhandlu wokulawula weQembu lethu umele abalandeli abasemazingeni oquqaba futhi uxhumene nabantu abasemazingeni oquqaba;
  • Ukwesekela izinguquko eziphakanyisiwe zokwenza uMhlahlandlela ukuba ube mncane ukuze kusheshe futhi kudidiyelwe kangcono ukuthathwa kwezinqumo;
  • Ukuthuma iQembu ukuba ligcine umonya wobunye waleNgqungquthela kanye negagasi lokuvuselela kanye nokwakha kabusha;
  • Ukuthuma amalungu ethu ukuba asebenze ngendlela enokubonelelana futhi enenhlonipho nokuba aqiniseke ukuthi uhlelo lwethu lokuvuselela kabusha luthuthukisa ukuzithiba nokuzihlonipha okukhulu kwangaphakathi;
  • Ukuthuma iQembu ukuba libambe imihlangano ngezikhathi ezimisiwe kuwowonke amazinga kusukela emazikweni kuze kuyofika eMhlahlandleleni, nokuqiniseka ukuthi kukhona ukusebenzisana okusezingeni eliphezulu phakathi koMhlahlandlela kanye namalungu, kanye nalabo abasimele ePhalemende, eMikhandlwini yeZifundazwe eShayumthetho nasemazingeni oquqaba ukukhulisa umqondo wokuxoxisa ‘ubuso nobuso nabavoti’;
  • Ukuthuma iQembu ukuba libambe imihlangano yeNgqungquthela kwezinye izifundazwe ukwenabisa uthando lweQembu ezweni lonke.

ISINQUMO 5: UKUTHUTHUKISWA KOBUHOLI KANYE NOKUFINYELELA KWEQEMBU KUBANTU

Nggqunguthela:

iKwemukela ukuthi ukuze iQembu LeNkatha YeNkululuko likwazi ukusingatha ngokugcwele umsebenzi omusha eliwunikwa ngumlando wokuba yiqembu eliphikisayo ngokwakhayo, kuphoqekile ukuba ukuthuthuka kobuholi nokufinyelela kweQembu kubantu kube yingxenye yenguquko enhle,

Inquma ukuba:

  • Umsebenzi wobuholi siphinde siwubuyekeze kabusha siwuthathe ngokuzimisela eQenjini LeNkatha LeNkululeko maqondana nezingqinamba ezinqala esibhekene nazo esikhathini samanje;
  • Ukuhlanganisa ukufinyelela ngombono nobuholi obudlondlobele kabusoze baba nancazelo ngaphandle kokukhombisa ngokucacile ukukhathazeka okuyiqiniso nozwelo ekuphathekeni komuntu emazingeni aphansi;
  • Indawo yobuholi nentuthuko idinga ukuba iqinisiwe ukuze kunikwe amandla futhi kuqeqeshwe bonke abaholi beQembu LeNkatha YeNkululeko;
  • Kuthunywe isizukulwane sentsha samanje sithwale ijoka lokulethwa komjikelezo wokuthula futhi sazi ukuthi siyophumelela nxa sinikwa amandla kanye namakhono adingekayo ukuba kufezwe umsebenzi emazingeni oquqaba;
  • Ukukhuthaza abaholi be-IFP ukuba babe yiziko eliphethe umlayezo womsebenzi wethu omusha esiwuthunyiweyo libuse ezindimbaneni zabantu, ukwethulwa kodaba lwethu njengoba besenza esikhathini eside esedlule;
  • Ukubiza abaholi beQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba baveze amakhono amakhulu kakhulu obuholi kukhokonke esikwaziyo nesikwenzayo singashiyi lutho ekuzuzeni abantu;
  • Ukwenza iQembu LeNkatha YeNkululeo ikhethwe nguwowonke umuntu nakuzozonke izifundazwe zaseNingizimu ne-Afrika;
  • Ukuthuma iQembu ukuba liqeqeshe kakhulu abaholi ukuze babe yizisebenzi ezinhle zeQembu nokuqiniseka ukuthi amandla ombusazwe wokuphikisa akhuliswa kakhulu;
  • Ukuthuma uMhlahlandlela ukuba uxhumanise kabanzi izinzululwazi zeQembu LeNkatha YeNkululeko ngombono kanye nezinto ezisungulwayo futhi kuvunyelwe ukuba konke lokhu kusukele emazingeni aphansi oquqaba kukhuphukele emazingeni aphezulu;
  • Ukuthuma uquqaba ukuba lumeme abaholi beQembu LeNkatha YenKululeko kanye neziphathimandla ukuze zazise ngezinkundla lapho ziyokwethula khona ezombusazwe wokuphikisa;
  • Ukukhuthaza iQembu LeNktha YeNkuluIeko ukuba lithume abaholi abasuka ezindaweni ezifanele nokuthi labobaholi kufanele basize leyo miphakathi njalo, bavakashele abantu futhi babambe neqhaza emisebenzini yabo;
  • Ukuthuma zonke izinhlaka zeQembu ukuqinisa ukuxhumana nabezindaba nokufuna ukusakazelwa izindaba okuhle nokumqoka uma kwenzeka, onobhala abangabasakazi bezindaba ukuqiniseka ukuthi imisebenzi iyenziwa nasemazingeni aphansi ngaphandle kokuvinjelwa yiziNhloko zamaHhovisi;
  • Ukuthuma iQembu ukuba landise ukuziphendulela ngokombusazwe kusuka ebuholini obuphezulu kuya emazingeni oquqaba, kuxoshwe abaholi abangasebenzi noma abangenalwazi, ngesikhathi esifanayo kugxiliswe imfundiso yokusebenzisana, eyokuhloniphana kanye nobuqotho eQenjini;
  • Ukuthuma iQembu ukuba lidthuthukise njalo umsebenzi wokwethekela izimali ukuze lokhu kungabi ngumsebenzi owenziwa yinhloko yehhovisi nobuholi obuphezulu kuphela, kepha kufanele kugunyazwe kusukela emazikweni kuya eziyingini ukuze kugqugquzelwe imisebenzi eyenziwa kuleyondawo;
  • Ukubiza iQembu ukuba libe nesisekelo solwazi namakhono abantu okungafinyelelwa kuwo nxa kukhona abaqashi noma kusetshenziswe yiQembu ngenhloso yobuholi;
  • Ukwenza iQembu LeNkatha YeNkululeko libe yiqembu elikhethwa yintsha.

ISINQUMO 6: UKUKHULA KOMNOTHO NOKUDALEKA KWAMATHUBA EMISEBENZI

INgqungquthela:

Iqaphela ukuthi nxa iNingizimu ne-Afrika iqhubeka ngendlela enyonyobayo yokukhula komnotho kuzophinde kulahleke esinye isigidi semisebenzi eminyakeni emihlanu ezayo;

Ikhumbula ukuthi ukukhula komnotho kudinga ukuba kunwetshe okungenani ngamaphesenti ayi-6 ekhulwini lokhu okuyisivivini esemukelekayo nakwezinye izimakethe ezisathuthuka, ukuze kunqanyulwe amaketanga obubha obukhulu;

Iphinda izwakalisa ukukhathazeka kwayo ngokuthi njengamanje ukunikwa kwabampisholo amandla kwezomnotho kudala ukusizakala kwedlanzana labakhethiweyo kuphela; Ngalokhu

INgqungquthela inquma:

  • Ukugunyaza iQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba ligcwalise isikhala emgomeni kahulumeni ngolwethu uHlelo Olusha lweNtuthuko yeMpela oluyophendula izingqinamba eziphambili emgomeni wokuthuthukisa umnotho kanye nokwakhiwa kwemisebenzi, ukulwa nengculaza kanye nesandulela sayo, ubelelesi, inkohlakalo kanye nobubha;
  • Ukugqugquzela ukuba kuthengiswe amabhizinisi ombuso kubantu abazimeleyo, okumbandakanye nokudayiswa kwemithombo eyizinsizakalo zomphakathi ngokushesha ukudlulisela wonke amabhizinisi angaphansi kukahulumeni kubantu abazimeleyo;
  • Ukugqugquzela uhulumeni ukuba enze umnotho waseNingizimu ne-Afrika ukwazi ukuncintisana ngokunciphisa umthwalo wentela uze ufinyelele emazingeni acoshakala emhlabeni wonke kanye nokugudluza ngokwehlisa amandla emali nomthwalo wentela kuze kufinyelelee emazingeni amazwe omhlaba kanye nokulahlekwa okudalwa yimigodo edalwa yilesisimo;
  • Ukugcizelela ukuba ukunikwa kwabamnyama amandla kwezomnotho (BEE) kwenzeke ngendlela esobala futhi kwandiswe isisekelo sakho;
  • Ukukhuthaza uhulumeni ukuba amakethe iNingizimu ne-Afrika njengezwe elikhiqiza ukudla okusezingeni eliphezulu emazweni omhlaba kanye nokugqugquzela uguquko lokukhiqhizwa kohlaza;
  • Ukugqugquzela uhulumeni ukuba athuthukise intuthuko yokulima okuphumelelayo, ngokuhlinzeka abantu ngogandaganda omanyolo nalapho bengakwazi khona ukufumna usizo lokuqhuba lomsebenzi kanye nokubahlinzeka ngabalimisi abangalekelela umphakathi ukulima.
  • Nokuba uhulumeni ahlinzeke ngosizo abezimboni ezincane neziphakathi nendawo lokuba bakwazi ukufumana izinkece zokuqala amabhizinisi, nokuthi uhulumeni asebenzisane nezizinda ezincance zokubolekisa ngemali nokuthi aphinde ahlele iSikhwama Sentsha soMsobomvu, ukulekelela ukuba kwakhiwe izinhlelo zokuqinisa indlela yokubolekiswa ngezinkece ukuze abantu baqeqeshelwe amakhono kanye nokuwedlulisela phambili lawomakhono;
  • Nokutshena uhulumeni ukuthi kufanele ahlele kabusha isikhwama seNtsha soMsobomvu ukwelekelela ukuba kumiswe izinhlelo eziqinesiqiniseko zokuthuthukisa intsha futhi lokhu kwenziwe kuxhumane nentsha yawowonke amaqembu;
  • Ukugqugquzela iQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba lisungule amahhovisi okwazisa ukulekelela abantu ukuba bakwazi ukufinyelela emalini yokusungula amabhizinisi kanye nokukwazi ukudweba izinhlelo zamabhizinisi, ngesikhathi esifanayo kube kunxenxwa uhulumeni ukuba enze ulwazi kube yinto elula ukuyifumana.
  • Ukugqugquzela uhulumeni ukuba enze amathuba okuba abantu bakwazi ukufaka izicelo zemisebenzi yomphakathi (tender opportunities) kubelula futhi kunike ithuba elilinganayo kuwowonke umuntu ngesikhathi esifanayo lokhu kuhambisane nobungako benkece futhi okungaphinde kulekelele osomabhizinisi abancance nabaphakathi nendawo.
  • Ukugqugquzela uhulumeni ukuba athuthukise isu lokuthuthukisa umnotho lokhu okusekeleke kulowomcebo wemvelo leso naleso Sifundazwe esinawo, izidingo eziqondile zomphakathi zomnotho, isimo sezulu, ukuma kwenhlabathi lokhu kuhambelane nomqondo wokuthi leso naleso sifundazwe sehlukile kwesinye, nokuthi futhi sinenkomba Eyehlukileyo Yokuthuthukiswa Kwabantu (Human Development Index).
  • Ukugqugquzela uhulumeni ukuba aluthathele phezulu futhi alusebenze udaba labantu abangena kulelizwe ngokungekho emthethweni ukuze agweme ukuba lelizwe lilahlekelwe yifa lalo elilingene ngokuthathwa yilababantu abangena kuleli ngokungemthetho;.
  • Ukugqugquzela uhulumeni ukuba anxenxe osomabhizinisi bakwamanye amazwe abaphuma kulelizwe ngesikhathi somkhankaso wonswinyo lwalelizwe ngenxa yobandlululo
  • Ukugqugquzela uhulumeni ukuba axhumanise ukuqeqeshwa kuhambisane namathuba emisebenzi kanye nokugqugquzela ukwakhiia kwezindawo zokuthuthukiswa kwamakhono;
  • Ukugqugquzela izwe ukuba likhombe, lethule liphinde libungaze abantu baseNingizimu ne-Afrika abamhlophe nabampisholo asebekwazile ukuphumelela njengosomabhizinisi liphinde libenze ‘amaqhawe omzabalazo omusha’ weminyaka eyishumi yesibili yentando yeningi;

ISINQUMO 7: UKULWA NOBUGEBENGU

INgqungquthela:

Ikuvuma ukuthi ubelelesi buvame ukubhebhezelwa ngamazinga aphezulu okungaqashwa kanye nobuphofu obucindezelayo kanye nokungalingani ngokwamathuba namazinga;

Ingqungquthela iyakuqaphela nokuthi iNingizimu ne-Afrka ikleliswe njengelinye lamazwe anendluzula esezingeni eliphezulu emhlabeni ikakhulukazi lawo athatheka njengamazwe angekho empini, kanye nokuthi amajele ezweni lakithi akleliswa njengamajele agcwele ngokweqisa emhlabeni navame ukubizwa ngokuthi angama ‘nyunivesithi obugebengu’

iNgqungquthela inquma:

  • Ukugqugquzela uhulumeni ukuba ahlinzeke ngamaphoyisa aqeqeshwe kangcono, akhokhelwa kangcono, nalawulwa kangcono, nanempahla yokusebenza engcono;
  • Ukunxenxa ukuba kube nokuhlelwa ngendlela elinganayo komsebenzi wamaphoyisa kanye nezimali ezweni lonke kanye naphakathi kwezindawo zasemadolobheni nezindawo zasemakhaya kanye naphakathi kwezindawo ezihlala abacebile kanjalo nalabo abampofu;
  • Ukugqugquzela yonke imiphakathi ukuba yesekele futhi isize amaphoyisa ngokubamba iqhaza ezinhlanganweni zokuvimbela ubelelesi kanye nokuqapha emphakathini;
  • Ukugqugquzela umnyango ohlongozwayo weZemidlalo ukuba wakhiwe eSifundazweni SaKwaZulu Natal ukuqiniseka ukuthi yonke intsha iyalufumana usizo olwakhayo lwezemidlalo kanye nokungcebeleka ukuze lokhu kube yinto engcono intsha engaguqukela kuyo kunobugebengu;
  • Ukugqugquzela izinhlelo ezinkulu neziningi zokufundisa umphakathi ukuba zifakwe ezikoleni, emiphakathini, kanye nasezindaweni zokusebenza ukuze kubunjwe izakhamizi eziphilayo zezwe lakithi;
  • Ukuthuma omasipala abalawulwa yiQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba bandise umsebenzi wezinkundla zamaphoyisa emphakathini;
  • Ukugqugquzela omasipala ukuba bahlele kabusha usizo abaluletha emphakathini, ukubunjwa kabusha kwezingane ezihlala ezitaladini ukuze kunqanyulwe isongo lubelelesi kusukela ezigxabeni zabo;
  • Ukuba kukhuthazwe ukwakhiwa kwezinhlelo zokuvimbela ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezikoleni kanye nasezinhlanganweni zentsha njengokufundisa ukungazisebenzisi izidakamizwa;
  • Ukugqugquzela uhlelo lokuqondisa izigwegwe ukuba luguqulwe ukuze lunikeze izigwebo ezigqugquzela uhlelo lobulungiswa oluhlumelelisa izimilo kanye nobulungiswa kulabo abephule umthetho nabenze amacala amancane;

ISINQUMO 8: INKOHLAKALO

Ingqungquthela:

Ikuqaphela ukuthi inkohlakalo isigxile kakhulu empilweni yomphakathi waseNingizimu ne-Afrika nokuthi iningi labaholi beqembu elibusayo lifumaneka ligaxele ezenzweni ezingamahlazo, elidume kabi nje yilelo lokuthengiswa kwezikhathi nezigidigidi, nokho umuntu ubona befumana ukuphathwa ngezandla ezinokubonelela yi-ANC, lokhu okudlulisa umlayezo emphakathini wokuthi uhulumeni akanaso isandla esiqinile kulabo abenza izenzo zenkohlakalo kepha uzenza umuntu onesandla esiqinile ezizathwini zenkohlakalo.

iNgqungquthela Ithi:

  • Uhulumeni kufanele abeke eqhulwini amasu okulwa nenkohlakalo ikakhulukazi kuleyominyango yombuso egebele kakhulu enkohlakalweni;
  • Uhulumeni kanye nombono womphakathi ngendlela efanayo kufanele bakwemukele ukuthi noma yikuphi lapho kunokuntuleka khona kwemigomo yokusetshenziswa kwezinkece ngomsebenzi owenziwe kuvamile ukuba inkohlakalo ifumane indawo yokwakhela, njengasesimeni sezindlu ezakhiwa ngaphansi kohlelo lwe – RDP nazo ezakhiwa ngenani eliphezulu ngendlela esabekayo;
  • iyexwayisa ngokuthi ukugcogcoma nezihlalo ilungu elisuke lizifumane ngaphansi kwelinye iQembu kudala usiko lwenkohlakalo njengoba kuklomelisa amambuka ngemali yokugwazela, izikhundla kanye nolunye usizo kulowo kuphela owenza lokho;
  • iqhaza elibanjwa yilabo abacwaninga amabhuku ezimali abaqhamuka ngaphandle nabangaphakathi ukuba baqaphe kakhulu izindawo lapho inkohlakalo ivame ukuba yenzeke khona;
  • kufanele kukhuliswe amandla ophiko lwabacwaningi mabhuku ezimali abasemthethweni abaqhamuka ehhovisi Lomcwaningi Mabhuku Ezimali oMkhulu;
  • ukuba abantu bafundiswe nokuthi kufanele bazi ukuthi inkohlakalo intshontsha kulabo abampofu kunabobonke abampofu;
  • abaholu beQembu LeNkatha YeNkululeko kufanele baqaphe baphinde babike ngenkohlakalo esemahhovisi okuphatha aholwa yiQembu LeNkatha LeNkatha;
  • noma yimuphi umholi weQembu LeNkatha YeNkululeko osazigaxa ezenzweni zenkohlakalo kufanele esule khona manje.

ISINQUMO 9: UBUBHA

INgqungquthela:

Ikuqaphela ukuthi ukukhulula abantu bakithi ebuphofini obukhulu izigidi zabantu baseNingizimu ne-Afrika ezizifumana zikubo kakusiyo nje into enyanzelayo ngokobuntu, kepha kuyinto emqoka ekunethezekeni kwesizwe kwesikhathi eside esizayo;

Nangokuchaza kweBhange Lomhlaba lapho lithi “ezikhathini eziningi ubuphofu yisimo abantu abafisayo ukuphunyuka kuso’,okumbandakanye indlala, yikuntuleka kwendawo yokufihla ikhanda, ukuntula ukunakekelwa ngokwamakhambi, ukuntula imfundo kanye nokuntula umsebenzi;

INgqungquthela Igqugquzela ukuba:

  • Uhulumeni abhekane nobuphofu ngohlelo lwentuthuko yempela, kunokuba akwenze lokhu ngeziqubulo ezingasho lutho kanye nezethembiso ezingenalutho zemigomo emidala kahulumeni
    Ukuba iQembu LeNkatha YeNkululeko lisungule liphinde liqinise uPhiko lwawo LweNtuthuko ukuze lelekelele amalungu ethu kanye nemiphakathi yethu ngamasu entuthuko kanye nendlela yokuyisungula;
  • Amaziko eQembu LeNkatha YeNkululeko abe yizinjini zentuthuko ukuze akhombe aphinde ehlukanise imisebenzi ngokwemiphakathi ngokwehlukana kwemiphakathi kanye nezidingo zayo kanye namakhono;
  • Amaziko eQembu LeNkatha YeNkululeko abe yinqola okuhamba ngayo izinhlelo zokunciphisa ububha nokuthi zethulwe ngawo, kusukela ekuthuthukisweni ukuqeqeshelwa amakhono, ukugcinwa kwezinkece, ukudayiswa komkhiqizo kanye nokwabiwa kwesivuno;
  • Uhulumeni abeke eqhulwini ukugaxwa kohlelo lokuphepha kokudla kanye nesu lokukhiqiza lokhokudla;
  • ‘isivumelwano esisha’ kulabobantu abahlala ezindaweni zasemakhaya ukuqinisekisa ukuthi umhlaba usetshenziswa ngokugcwele kwezolimo ngokubanikeza amathuluzi okulima afana nogandaganda nje;
  • Amandla okwethula omasipala kufanele aqiniswe futhi bafumane ukwesekwa okufanele nolwazi lokwenza ngcono izinhlelo zabo zentuthuko ezididiyelwe;
  • Ukuhlinzekela ngokuqeqesha nokunikeza usizo kubantu abantulayo ezindaweni zasemakhaya kanye nezasemadolobheni ukuze basungule izinhlangano zohwebo zokubambisana;
  • kusungulwe iketanga lomjikelezo wangaphakathi wentuthuko yomphakathi ngosizo lwemisebenzi ekhiqizayo, izimakethe zendawo kanye nezinhlelo zikahulumeni ezisebenzayo ezizohlinzeka ngezinto zokukhuthaza ukuze kukhonjwe amathuba okutshalwa kwezimali ezivela kwamanye amazwe nakhona lapha ngaphakathi.

ISINQUMO 10: INGCULAZA NESANDULELA SAYO

Ingqungquthela:

Ikuqaphela ukuthi ingculaza nesandulela sayo isibhuqabhuqe umphakathi wakithi, ibhidliza imindeni kanye nemiphakathi, futhi isasele iyiyona nselelo enkulu kunazozonke emigomeni womphakathi oyinselelo esikhathini sethu:

Inquma:

  • Ukushayela ihlombe uMntwana uMangosuthu Buthelezi ngobuholi asebunikezile odabeni lwengculaza nesandulela sayo okuyinto esimfake ezindlekweni ezinkulu eziqondene naye siqu;
  • Ukuunxusa bonke abantu baseNingizimu ne-Afrika ukuba balingise isibonelo soMntwana uMangosuthu Buthelezi sokuba aqede ukukhishwa inyumbazana kwalabo abanegciwane lengculaza kanye nomqondo wokwehlukanisa phakathi ‘kwabo’ ‘nathi’;
  • Ukunxusa uhulumeni ukuba asheshise uhlelo oluzonabisa ukukhishwa kwemishanguzo eyi-Anti-Retroviral kanye nezikhungo zokuhlola kuzozonke izindawo zempilo, ezimbonini ezinkulu, emitholampilo kanye nasezikhungweni zemfundo ephakeme;
  • Ukugqugquzela ukuba kufundiswe ukuze kuliwe nalenhlekelele lokhu kusekeleke phezu kwazozonke izinto umuntu angahle akhethe phakathi kwazo kumbandakanye nokuzithiba, ukwethembeka kanye-ke nokusebenzisa amakhondomu;
  • Ukunxusa uhulumeni ukuba alethe zonke izidingo ezibonakalayo zokusiza izingane eseziphenduke izintandane ngenxa yengculaza kanye nemindeni esiphethwe yizingane kanye nezinye nje izingane kugqugquzelwe ukukhuselwa kwezingane ngabantu abangazizali, ukutholwa kwezingane, kanye namahostela anababheki asebebadala.

ISINQUMO 11: UKHETHO LOHULUMENI BASEKHAYA

INgqungquthela:

Iqaphela ukuthi iQembu LeNkatha Yenkululeko kufanele linqobe ngendlela ebonakalayo okhethweni lohulumeni basemakhaya oluzayo nxa ifuna ukubuyisa amandla ayo ngo-2009 nokuthi i-ANC izozimisela ukuba lesiSifundazwe ingabe isasidedela ekulawulweni yiyo, kanye nokuthi izofaka izinkece ezingakaze zibonwe Iphinde ithumele abaholi bayo abanohlonze ukuze kuphumelele lenxoso yayo.

Sizwakalisa igunya futhi sithuma;

  • IQembu leNkatha YeNkululeko ukuba lazi ukuthi umkhankaso wokhetho lohulumeni basekhaya luka-2005 usuqalile;
    Amakhansela eQembu LeNkatha YeNkululeko ukuba azi ukuthi sesifikile isikhathi sokuba aziphendulele emihlanganweni yonyaka yamaziko kulonyaka ngenhloso yokukhipha ohlwini luka 2005 lawo makhansela angasebenzanga kahle;
  • Amakhansela azi ukuthi koMasipala abaholwa yiQembu LeNkatha YeNkululeko kufanele azame ngawowonke amandla awo ukusebenzisa incwadi yentuthuko eyakhishwa yiQembu ngonyaka ka-2000;
  • Omasipala abaholwa yiQemabu LeNkatha YeNkululeko ukuba bathuthukise izinhlelo ezinhle zokwethula kulezizingqinamba ezinhlanu, ingculaza, ubugebengu, ukuntuleka kwamathuba emisebenzi, ukukhuliswa komnotho kanye nokulwa nobubha nenkohlakalo;
  • Omasipala abaholwa yiQembu LeNkatha YeNkululeko ukuthi kufanele babambisane ukuhlinzeka ukwethulwa kwezinkonzo kusosonke isifundazwe sethu.

ISINQUMO 12: UBUHOLI BOMNTWANA UMANGOSUTHU BUTHELEZI

INgqungquthela:

Iqaphela ukuthi uMengameli weQembu LeNkatha YeNkululeko uMntwana uMangosuthu Buthelezi uhlinzeke ngobuholi bezinga eliphezulu obungaguqukiyo, obugxilile, nobunobulungiswa nombono obungeqhatshaniswe eNingizimu ne-Afrika.

Sishayela Umntwana Mangosuthu Buthelezi ihlombe ngokukhuthazeka kwakhe ngokuba iQembu livuselelwe kabusha.

Amagunya:

IQembu likhuthaza umkhankaso wokwenza kabusha kanye nokuvuselela koMengameli weQembu LeNkatha YeNkululeko, siphinda;

  • Sizwakalisa ukuthokoza kwethu okukhulu nokubethemba ubuholi boMntwana uMangosuthu Butheelzi
  • Sifisela uMntwana Mangosuthu Buthelezi izilokotho zempilo ende nenentokozo.
  • Sizwakalise ukudabuka ngendlela engenanhlonipho uMntwana uMangosuthu Buthelezi aphathwa kabi ngayo nguMengameli Mbeki
  • Sinxuse iNingizimu ne-Afrika ukuba yemukele iqhaza elikhulu lobuholi obehlinzekwe nguMntwana uMangosuthu Bethelezi eminyakeni eyishumi ekuhulumeni wobumbano ikakhulukazi maqondana nezingqinamba ezifana nengculaza, ukuveza amathuba emisebenzi, ukunciphisa ububha kanye nokukhululiswa umnotho;
  • Sexwayisa labo ababeka imibono ukuba bapheze ukuzikhathaza ukuthi ngubani ozolandela uButhelezi ngoba kucisho kube liqiso ukuthi akekho omunye ozokwazi ukuhola lokhu kuphikisa okuqotho nobunobulungiswa.