29th Youth Brigade Annual General Conference (2007) (Zulu)

INGQUNGQUTHELA YONYAKA YOMBUTHO WENTSHA
WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO YAMA-29

INGQIKITHI:
“INTSHA NJENGEZINGQWELE KUNOMA YISIPHI ISIMO ESIBUCAYI”

EMANDLENI/MATLENG, ULUNDI : DISEMBA 7-9, 2007

IZINQUMO

ISINQUMO 1

UMBUTHO WENTSHA WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LITHUNGATHA IMFUNDO YEZINGA ELIPHEZULU KUBOBONKE

INgqunguthela:

1. IYAZIVUMA izinselelo ezinkulu ezibhekene noMnyango Wemfundo kazwelonke neziphathimandla zemfundo eZifundazweni;

2. KUYAYIDABUKISA ukuthi abafundi bethu abaningi bafumana imfundo yezinga eliphansi e-primary nase-secondary nokuthi lokhu kunomphumela wokulikhinyabeza ikusasa lemfundo yabo yezinga elilandela i-high school namathemba abo okuqashwa;

3. IYAKUSHO ukuthi uma lesisimo singaguquki, ukushiywa ngaphandle kwabampofu – ikakhulukazi abampofu basezindaweni zasemakhaya – kuzoqhubeka, futhi kube nemiphumela edabukisayo neyesikhathi eside esizayo;

4. IKHOLWA ngukuthi kulezizimo, intsha yaseNingizimu ne-Afrika, iningi layo eyingxenye yabampofu kunabobonke abampofu, kufanele yemukele ukuzisiza nokuzethemba nokuba izilungiselele ubuholi ukuze ikwazi ukufaka umoya ukuthathwa kwezinqumo ezithinta impilo yabo;

5. IYALISOLA igebe elikhulu “lezinga” eliphakathi kwezikole zasemadolobheni nezasemakhaya, iningi lazo elehlulekayo ukwethula izidingo;

6. ISIKHOMBA NGOKUCACILEYO isidingo sezinga elikhulu lokuphendula nokusebenza ngezinga elingcono ohlelweni lwethu lwezikole;

7. IYAYESEKA inhlabamkhosi yokuba kube nokuhlolwa nokulinganiswa kabusha kohlelo lwethu lokufundisa nokuvivisa;

8. IYAKUCHITHA lokhu okubonakala kungukubhidlika kweningi lama-SETA futhi ikholwa ngukuthi kufanele libukezwe ngokushesha iqhaza lawo;

9. ICELA uhulumeni ukuba akhuthaze amabhizinisi azimeleyo ukuba azimbandekanye kakhulu nokuvivisela amakhono okusemthethweni nokunokufakazelwa;

10. IGCIZELELA isidingo esibucayi sokuba uhlelo lwethu lwemfundo lukhiqize abantu abanokuqashwa abazobhekana nezidingo zesizwe maqondana namakhono;

11. IYAQHUBEKA IYAKUVUMA ukuthi ukuzimbandakanye ngendlela eyakhayo kwabazali nabaphathi bezingane emakhaya ethu nasezindaweni zokufunda kumqoka ekukhiqizeni abafundi abaphumelelayo nezindawo zemfundo ezichumayo naphezu kwezimo ezingenawo amathuba eneleyo.

ISINQUMO 2

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IBASHAYELA INDESHENI OTHISHA ABASEBENZA NGOKUZIKHANDLA NABAFUNA UKUBA KUBE NOKUZIPHATHA NGOKUZIQOQA NENHLONIPHO

INgqungquthela:

1. IYAYEMUKELA futhi iyishayela ihlombe iminikelo emikhulu eyenziwe ngothisha abaningi ekufezeni imiphumela encomekayo ezimeni ezivamise ukubanzima, lapho kuvunywa khona ukuthi ingxenye enkulu yezinga lentshisekelo liphansi;

2. IYAZESEKA izinyathelo ezincoma ukuba labothisha abenza umsebenzi oncomekayo bafumane amabhonasi nezinye izindlela zokubakhuthaza ezihambisana nezinga lokuphumelela kwabafundi nelihambisana nezindawo ezivuna isimo sokufunda ababeneqhaza ekuzidaleni;

3. IYABASOLA othisha ababeka izidingo zabo ngaphambi kwezomsebenzi abazikhethele wona njengabawubizelweyo;

4. IFUNA ukuba kube nokuhlolwa nokulinganiswa okuqinileyo nokwenzelwa obala kwabobonke abafundisi kuyoyonke iminyango ukuqiniseka ukuthi othisha abehlulekayo nabasebenzi abaqaphela inqubo ngaphezu komsebenzi, kabaqhubeki nokudala ukwehluleka kubafundi;

5. ICELA ukuba iziphathimandla zemfundo nezinyonyana zezisebenzi ukuba baphenyisise futhi babhekane ngendlela esobala nokukhula kwesibalo ngendlela ethusayo kwemibiko evele ezweni lonke yokuhlukunyezwa kwabafundi ngokocansi okwenziwa ngabafundisi; imibiko yothisha abaqhubeka nokufika sekwdlule isikhathi; imibiko yothisha abafika bedakiwe kanye nemibiko yothisha abadicilela phansi izindlu zokufundela bazihambele izikhathi ezinde;

6. INXUSA iziphathimandla zemfundo, abazali nabaphathi ukuba bagcizelele ekuphatheni okunokuziqoqa nenhlopho kubafundsi nabafundi ngazozonke izikhathi nokuba bonke abathintekayo benziwe bakuqonde ngokucacileyo ukuthi ukweyisa, ubuvila nokuvukela abaphetheyo ngeke kunyamezelelwe;

7. INXUSA ukuthi noma ngabe aguge kangakanani amalungiselelo ezikole ezindaweni ezithile, intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko kufanele ibambe iqhaza lobuholi ekugxiliseni ukuzigqaja nokuhlonipha indawo lapho kufundiswa nalapho kufundwa khona, nokuthi kufanele benze yonke into enokwenziwa ukukhuthaza ukuba imiphakathi yezikole nje jikelele ikuqede ukufuhluza nokuba igcine izindlu zokufundela nazozonke ezinye izindawo zihlanzekile futhi zinobunono.

ISINQUMO 3

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IYASESEKA ISIDINGO SOKUDALWA KWEZIMO EZINTSHA EMFUNDWENI

INgqungquthela:

IYAYIVUMA imibiko yemizamo ehlukeneyo eyenziwayo emhlabeni wonke ukuguqula izinhlelo zemfundo ezibhekene nobunzima lapho kuvamise khona ukuba kube ngabampofu abaqhubeka nokucindezeleka;
IKHOLWA ngukuthi iziphathimandla zemfundo kuyoyonke iNingizimu ne-Afrika kakufanele ukuba ziqinise izintamo, kepha kufanele zikwemukelwe ukudalwa kwezimo ezintsha futhi zikulungele ukuphindaphinda imicabango emisha nxa/kanye nalapho kukhona ithuba;
ITHUMA abafundi ukuba bafumane izindlela namasu okucwaninga izinhlelo zemfundo nezinhlelo zezifundo eZwenikazi lase-Afrika nasemhlabeni wonke nokuba batshengise ubuholi ekuphikisaneni ngemibono yabo ngolwethu uhlelo lwemfundo nezinhlelo zezifundo nxa ziqhathaniswa nezakwezinye izindawo;
IZWILE ngempumelelo esibekhona kuze kube yimanje ngohlelo lokulinga lwezikole zomphakathi ezigunyazwe nguMbuso ezanda nalolonke elaseMelika nokubonakala ukuthi zikhiqiza imiphumela emihle kakhulu;
IBASHAYELA IHLOMBE abenza imisebenzi yesihawu abakhuthalele ukweseka lezizikole, futhi ibuza ukuthi kungani abantu bezinga eliphakathi kwelezicebi nelabampofu kanye nabantu abadla izambane likampondo abazuza ngoHlelo Lokuhlinzekwa Kwabamnyama Ngamandla Kwezomnotho (Black-Economic Empowerment) bangabonakali bona bezimbandakanye nokulekelela abafundi abampofu abavela emiphakathini entulayo ukuba bafumane imfundo yezinga eliphezulu;
IKUQAPHELA ngentshisekelo ukuthi lezizikole zokulinga zinikezwa isimo esixegayo kakhulu ngokusebenza kothishanhloko bazo ngendlela yokuphendula ngabakwenzayo nokuthi izabelo zezimali zezikole ezisebenza kahle ziyakhuliswa;
IYAZESEKA izinyathelo zaloluhlobo ezifuna ukuba kuphendulwe ngokwenziwayo nezihambisana ngokupheleleyo k=nomgomo weQembu LeNkatha Yenkululeko;
ITHUMA abaholi beQembu LeNkatha Yenkululeko abamele umphakathi kohulumeni ukuba bayifundisise lemibiko yezinhleo zemfundo ezilingwayo nokuqiniseka ukuthi ngabe kuyinto enokwenzeka yini kanye/noma enethuba ukuba loluhlobo lwezikole zomphakathi ziphindaphindwe nalapha eNingizimu ne-Afrika.

ISINQUMO 4

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IFUNA UKUBA LIHOXISWE LINGASATSHALALISWA IBHUKU LOMLANDO ELIHLAMBALAZAYO ELIBIZWA NGOKUTHI “IN SEARCH OF HISTORY”

INgqungquthela:

1. ISILIHLOLILE ibhuku labafundi besigaba 12 elibizwa ngokuthi “IN SEARCH OF HISTORY” (elishicilelwe ngabakwa-Oxforf University Press Southern Africa – J Bottaro, P Visser, N Worden) okubikwa ukuthi lizokhishelwa abafundi nguMnyango Wemfundo kulolonke izwe ngonyaka ozayo;

2. IKHOLWA ngukuthi lelibhuku nokuthile elikuquketheyo, okhlanganisa namakhathuni okuthiwa aqonde ukubeka umfanekiso womlando walesisikhathi, lihlambalaza kakhulu uMengameli weQembu LeNkatha Yenkululeko neQembu akhethelwe ukulihola;

3. IFUNA ukuba kumiswe ukusatshalaliswa kwalelibhuku kusukela khona manje;

4. IGCIZELELA ukuthi uMengameli wethu usebenze futhi usaqhubeka nokusebenza egameni lethu ngazozonke izikhathi nangomyalelo weQembu, ngakho noma yikuphi ukucabanga okufana nalokhu okuqukethwe yilelibhuku okukhomba ukuntula ubuqotho kwezombusazwe ohlangothini lwakhe, kusihlasela sonke.

ISINQUMO 5

IQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LILEKELELA UKWENZA IZINDAWO ZETHU ZOKUFUNDA ZIPHEPHE NOKUBA ZINGABINAYO INDLUZULA NOKWESABISA

INgqungquthela:

1. IYAKWEMUKELA ukuthi ukwesatshiswa nokuchukuluzwa kwabafundu ngabanye abafundi osekusabalele kuyiqiniso ezikoleni eziningi njengoba kwenzeka nasekwandeni kwezigcwelegcwele;

2. IYQHUBEKA NOKUKWEMUKELA ukuthi othisha nabafundi bagcwelezwa ngendluzula ngezikhali ezifana nommese nezibhamu begcwelelwa ngabanye abafundi nabafohlayo bangene emabaleni ezikole;

3. IYADABUKA futhi ukuthi abazali abathile namalungu athile emindeni abafundi nabo sekhonjwe njengabanye babahlaseli babafundi nawothisha;

4. IKHOLWA nangukuthi imibiko eshaqisayo yokucwaninga kwakamuva yezinga lokuhlukunyezwa okunonya ngokocansi kwesibalo esikhulu samantombana nabafana abancane ngabafunda nabo, okuvamise ukuba kufihlwe, kufanele kubhekwane nayo ngokushesha;

5. IKHUTHAZA ukuba izingane zaziswe ngendlela enozwelo nefanelekileyo ukuthi ukuziphatha okuphambana nesimilo kuneshwa lokuthi kuyinto ekhona emphakathini, ukuthi izinkubele kufanele zikhuthazwe ukuba zibakhombe abahlukumezi bazo nokuthi bonke abathintekayo kufanele balekelelwe yizingcwepheshi ezifanelekileyo maqondana nalokhu;

6. ISOLA imiphumela yalokhu kuphila okubi ngendlela esabekayo nezimo zenhlalo yomphakathi ngengxenye enkulu yalokhu kuziphatha okunokonala;

7. IWESEKA NGOKUPHELELEYO umthetho omusha ohlinzeka ukusesha nokwephuca nokuhlolela izidakamizwa okwenziwa ngaphandle kokubikezelwa;

8. IYAKUVUMAukuthi usizo lwezokwelapha, oluhlanganisa nokweluleka nezinyathelo zokujezisa kungase kube yizinyathelo ezifanelekileyo ezimeni ezithile zokuziphatha okunendluzula nokungahmabisaniyo nemigomo yomphakathi, okufana nokuchukuluza, kepha ukuthi kufanele kube nezjeziso ezinzima ngamacala obugebengu nje jikelele enziwa emabaleni ezikole njengesixwayiso sokuthi lezizenzo zingase zilandelwe yizinyathelo ezinzima;

9. ITHUMA wonke amalungu nabeseki ukuba batshengise ubuholi nokuba bagqugquzele ukuba kuliwe nazozoznke izinhlobo zokuchukuluza nokwesabisa nokuba baphumele obala bakhulume ngobugebengu neshwa elihambisana nezenzo zezigcwelegcwele.

ISINQUMO 6

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IBAFISELA IMPUMELELO BONKE ABAFUNDI ABASEBENZE NGOKUZIKHANDLA KUMATIKULETSHENI NGEMUVA KONYAKA ONZIMA

INgqungquthela:

1. IFISELA bonke abafundi bakamatikuletsheni abasebenze ngokuzikhandla impumeleleo ebafaneleyo;

2. IYABUVUMA ubunzima obubhekane nabafundi ngalonyaka ngenxa yokubonisana ngamaholo okubenokuphazamisa nokube nomphumela wokuba othisha bangabikho emsebenzini isikhathi eside;

3. IYABANCOMA labothisha abazame ukulekelela abafundi ekuvaleni igebe lezifundo ezilahlekileyo nabenze konke okunokwenziwa ukulungiselela abafundi babo ngokuyikho;

4. INXUSA labobafundi abangaphumelelanga ukuba bangalilahli ithemba, kepha ukuba baphinde bazame futhi nokuba bayiphinde kabili imizamo yabo ukuze baqiniseke ukuthi bayaphumelela ngonyaka ozayo;

5. IYAPHINDA FUTHI inxusa intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko nalabo asebephothule umatikuletsheni ukuba batshengise ubuholi babo ngokuhlangana balekelele nokuba beluleke abafundi abazabalazayo abadinga usizo maqondana nezindaba ezehlukeneyo zezifundo;

6. ICELA bonke labo abacabanga ukungenela izifundo zemfundo ephakemeyo njengamanje ukuba bayicabangisise imfundo yemisebenzi ethile kanye neyamakhono ehlukeneyo antulekayo kuyoyonke iNingizimu ne-Afrika;

7. IYAWESEKA umbono wokuthi kuningi okudingeka ukuba kwenziwe emkhakheni wemfundo ukubhekana nezinhlelo zokuqukethwe yizifundo nezinselelo eziqondene nezinga lemfundo kanye nesidingo sokwenza ngcono ukuxhumana nokuvivisa okungaphandle kwesikole.

ISINQUMO 7

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IFUNA UKUBA KUBEKHONA ABAXOSHWAYO NGEMUVA KOMONAKALO OWENZEKE EKUPHATHWENI KWEZIMALI ZEMINIKELO EVELA EMAZWENI ANGAPHANDLE NAMAHLAZO OHLELWENI LOKUTHENGWA KWEMPAHLA KAHULUMENI

INgqungquthela:

IKHOLWA ngukuthi kufanele kubekhona abaxoshwayo kulandela imibiko yehlazo lokuthi uMnyango Wemfundo uphoqeleke ukuba ulahlekelwe yizi-R323 000 000 zezimali ezingasetshenziswanga ebeziyiminikelo evela emazweni angaphandle angaphansi kweNyonyana YaseYurophu (European Union), ebihlinzekelwe ukwakha izindlu zokufundela, izizinda zokudla kwezingane zesikole nokuhlinzeka amanzi, ukuthuthwa kokungcola nogesi ezikoleni eMpumalanga Koloni, eLimpopo naKwaZulu Natali;
IBUZA ukuthi iminyango ethintekayo lingalunyamezelela kanjani loluhlobo lokuntuleka kwekhono futhi icela ukuba kubenencazelo enemininingwane eyenzelwa umphakathi maqondana nalokhu;
ICELA uNgqongqoshe Wemfundo neziphathimandla zemfundo ezifundazweni ukuba zichaze ngokugcweleyo ukuthi kwenzeke kanjani lokhu nokuba kumiswe izindlela ezisebenzayo zokuqiniseka ukuthi zonke izimali zeminikelo zisetshenziswa ngokugcweleyo ngaphakathi kwemidiyo yesikhathi edingekayo;
IFUNA ukuba imibiko yonyaka yazozonke izimali zeminikelo eqondene nezemfundo evela ngaphakathi nevela ngaphandle ikhishelwe umphakathi futhi isatshalaliswe kabanzi;
ITHUKUTHELISWA ngukuthi abanezivumelwano zokuhlinzeka izincwadi nezinto zokubhala nenye impahla ezikoleni eGauteng babiza imali efinyelela ema-R13,87 ngepensela lilinye;
IBUZA ukuthi ngabe lokhu kakwenzeki yini kwezinye izindawo kulolonke izwe nokuthi yikhani kusazodaluleka;
ICELA ukuba kubenophenyo lwezwelonke ngazozonke izivumelwano namathenda aqondene nokuhlinzekwa kwayoyonke impahla ezikoleni imikhandlu yabo yokuphatha ethunywe yiminyango yemfundo ukuba yemukele impahla yokweseka abafundi ehlinzeka yizinkampani ezithile, esikhundleni sokuba iziphathele yona izimali zayo maqondana nalokhu;
ILINDELE ukuba intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko litshengise ubuholi ngokudalula nokuphumela obala ikhulume ngazozonke izinhlobo zenkohlakalo nokusetshenziswa kabi kwezimali zikahulumeni kanye nokusola indlela okubikwa ukuthi i-ANC isebenzisa ngayo inkampani “engubuso” (i-Chancellor House) ukufumana izivumelwano zoMbuso – okwenzeke kamuva nje okube yimali engaphezu kwezi-R20 billion yesivumelwano nabakwa-Eskom – futhi singakukhohlwa lokho okubizwa “ngehlazo likawoyela” le-Petro SA neMvume Management.

ISINQUMO 8

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IFUNA UKUBA KUBE NOMNYANGO WENTSHA OZIMELEYO

INgqungquthela:

1. IFUNA ukuba iqedwe iKhomishani Yentsha ngoba isikufakazele ukuthi iyindlela yokulinga ebiza imali eningi nengasizi ngalutho nentula ukuqondiswa nomphumela;

2. IYAWASOLA amaholo nezindleko eziyinhlekisa ezikhokhelwa oKhimishana Bentsha imibiko nezinyathelo zabo ezingaphumelelanga iminyaka eminingi ezintula ukujula nombono nezhlulekile ukuhlangabezana nezidingo zentsha yezwe nganoma iyiphi nje indlela;

3. IYAKWEMUKELA ukuthi oKhomishana abaningi bebenehloso enhle eminyakeni eminingi, kepha iKhomishani njengoba imisiwe njengamanje, intula ikhono elidingekayo, ukukholakala namandla okuqhuba ukufezwa komsebenzi odingekayo;

4. IYAKUQONDA ukuthi izinga leKhomishani selehle lafinyelela kwelomkhandlu lapho ezikhathini eziningi umbimbi lwe-ANC luyisebenzisa khona ukuphakamisa nokuvikela abathembeke eqenjini nalapho kudlange khona ukwenzela abangani amathuba;

5. IFUNA ukuba kube nokuhlaziywa okuzimeleyo okuphuthumayo komsebenzi wempela weKhomishani kusukela yamiswa kuze kube yimanje ukukufakazela okokugcina ukuthi kawunamsebenzi kangakanani lomkhandlu;

6. INXUSA ukuba kubenoMnyango Wentsha ozimeleyo ozosebenzela eHhovisi loMengameli ukubhekana nezidingo zentsha yezwe ezibucayi, ezijulileyo nezinhlobonhlobo.

ISINQUMO 9

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LIYAKUGXEKA UKUKHULA KWEZINGA LOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE NENTSHA KANYE NOBUGEBENGU NJE JIKELELE EZWENI LAKITHI

INgqungquthela:

1. IYAKUGXEKA ukuqhubeka kokudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nentsha nobugebengu nje jikelele ezweni lakithi;

2. IYAKWEMUKELA ukuthi indluzula ehambisana nobulili nenye indluzula eningi nokuziphatha okunhlanhlathayo kufundwa futhi kwenzeka emakhaya ethu nokuthi iningi lezinkubele zivamise ukubazi abenzi bamacala obugebengu abawenza kubo, ikakhulukazi amacala aphathelene nocansi;

3. IYAKWEMUKELA ukucwaninga okukhomba ukuxhumana okucacileyo phakathi kokuhlukumezeka komqondo kwasebunganeni nokuziohatha ngendluzula kamuva empilweni;

4. IKHOLWA ngukuthi ububha, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa notshwala kanye nomoya wobulili, kungenzeka ukuba ingxenye yakho kuhambisane nendluzula yomndeni nezinye izenzo zobugebengu, ngakho idinga ubuholi bomphakathi obakhayo kanye nokungenela ngqo kukahulumeni maqondana nenhlalo yomphakathi nombusazwe;

5. IYAKUQONDA ukuthi intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ineqhaza lobuholi efanele ukulibamba ekusebenzeni emiphakathini yayo ukuqeda lokhu kuntuleka kwentshisekelo okukhona njengamanje nokusobala maqondana nokuziphatha okugcizelela ubulili, ukuhlukumeza okuhambisna nobulili nezinye izinhlobo zendluzula;

6. ICELA intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ukuba ikhankase ngenkuthalo ekulweni nobugebengu nokulekelela bonke abadinga usizo, noma ngabe ngolwabezenhlalakahle noma ngolwaboMbutho Wamaphoyisa WaseNingizimu ne-Afrika;

7. INXUSA uhulumeni ukuba akulawule ngokucophelela ukukhangisa ngotshwala nogwayi nokuqeda ukusabalala kwamashibhi nezindawo ezithengisa utshwala ngokungemthetho emiphakathini yethu;

8. IYASHAQEKA ukuthi omasipala abathile kuthiwa beseka ukuba lamashibhi enziwe abe semthethweni;

9. IBUZA ukuthi kungani uMbutho Wamaphoyisa WaseNingizimu ne-Afrika ungawavali lamashibhi angekho emthethweni nokuthi kungani amaphoyisa engavinjelwa ukuba asebenzise lezizindawo ngendlela esobala njengoba enza;

10. ICELA ukuba kube nezinhlelo zemfundo zokufundisa abazali (okuhlanganisa nabazali abangaphansi kweminyaka engamashumi amabili yobudala) amakhono obuzali adingeka ngendlela ephuthumayo kanye namasu okuxazulula ukungqubuzana;

11. IYAYESEKA inhlabamkhosi yokuba kwakhiwe izizinda zezingane nokuba kutshalwe imigomo yomphakathi ezinganeni kusukela zisezincane;

12. INXUSA uHulumeni ukuba ahlinzeke amalungiselelo okunakekelwa nezindawo zokweseka nokukhulisa izingane emiphakathini;

13. IBUZA ukuthi kudalwa yini ukuba izindawo zokuvikela izingane zingabonakali kalula futhi kufinyeleleke kalula kuzo;

14. IQHUBEKA ICELA ukuba kube namaqhinga ezwe okuvikela izingane nentsha, okuhlanganisa nalawo aphakanyiswa yi-Childline okukhona kuwo: izinhlelo zokunakekelwa okungcono kwezingane ngemuva kwesikole nokuviviswa kwabeluleki bezempilo, othisha nabanye ukuba basheshe baziqaphele izimpawu zokucindezeleka kwengqondo noma ukuhlukunyezwa phakathi kwezingane;

15. IDINGA ukuba amalungu nabeseki beQembu benze konke okusemandleni abo ukulekelela abazali abasebenzayo emiphakathini empofu nabasethubeni lendluzula, lapho kwaziwa ukuthi kudlange khona ukuhlukunyezwa kwezingane, ukulekelela ukuhlela ukunakekelwa nokuthokoziswa kwezingane ngesikhathi samaholide ezikole kulamaholide ezikole ezayo.

ISINQUMO 10

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IYAQHUBEKA NOKWESEKA UMKHANKASO “WOKUHLONISHWA KWABOBONKE ABANTU” NOKUNXUSA UKUBA KUBE NAMAZINGA APHAKEMEYO OKUZIPHATHA EKUNQANDWENI KWEGCIWANE LENGCULAZA NENGCULAZA UQOBO KANYE NOKUNQANDWA KOKUKHULELWA KWENTSHA ENGAPHANSI KWEMINYAKA ENGAMASHUMI AMABILI YOBUDALA

INgqungquthela:

1. ITHUMA izinsizwa nezintombi ukuba bahloniphe ukuphelela kwemizimba yabo kanye neyabanye nokuba intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko itshengise izinga lokuziqoqa nobuholi maqondana nalokhu;

2. IYAKUQONDA ukuthi amazinga ayisibonelo okuziphatha kwabazali nezinhlobo ezehlukeneyo zemfundo kungukhiye ekugxiliseni ukuziphatha okwazisa izibopho entsheni, kusukela isencane;

3. IKHOLWA ngukuthi ukuvinjelwa kwegciwane lengculaza nengculaza uqobo nemikhankaso eqaphela ubulili neyemfundo kufanele ididiyelwe futhi inxusa nokuba amalungu ahlale ewaphindaphinda amazwi okuxwayisa athi: Zithibe, Thembeka Sebenzisa ikhondomu;

4. INXUSA ukuba zithathwe ngokunakwa okukhulu izifundo ezikhombisa ukuthi ukudla okungenele nokuhlatshwa yigciwane lengculaza kuxhumene (ngokuthi abesifazane abangakufumaniyo ukudla okweneleyo basethubeni elikhulu lokungena ekusebenziseni ucansi olungaphephile) ngoba indlala ithathwa njengesithiyo esikhulu esisendleleni yamaqhinga okuvinjelwa kwegciwane lengculaza nengculaza uqobo;

5. ICELA ukuba amalungu nabeseki beQembu bakhankase emiphakathini yabo nomlayezo wokuthi ukukhulelwa kwentsha engaphansi kweminyaka engamashumi amabili yobudala kuba nomphumela wezingane ezivamise ukuba sengozini yokuhlukunyezwa nokunganakwa;

6. IKHOLWA ngukuthi izinhlelo zezifundo ezikoleni kufanele zifundise ngazozonke izinhlangothi eziqondene nokukhulelwa kwentsha eneminyaka engaphansi kwamashumi amabili yobudala, okuhlanganisa nentengo yakho yemizwa (ngoba kuvamise ukuba ukukhulelwa kube nemiphumela yemindeni yabazali abangabodwana, lapho unina kunguye obhekene nokuhlinzeka usizo lokunakekela izingane) kanye nezindleko zempela zokondla, ukugqokisa, ukufundisa nokunakekelwa nje jikelele kwengane;

7. ICELA amalungu nabeseki beQembu ukuba babeseke ngenkuthalo nanganoma iyiphi indlela bonke abathintwa nabahlatshwe yigciwane lengculaza nengculaza uqobo nokuba bahambisane ngokupheleleyo nazozonke izinqumo zeQembu ezinqondene nalokhu, okuhlanganisa nokulekelela ukusungulwa kwezikhungo zokulekelela nokweluleka ngegciwane lengculaza nengculaza uqobo kuwowonke aMaziko ethu.

ISINQUMO 11

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IVIKELA INDAWO YETHU

INgqungquthela

1. IQOPHA UKUSHAQEKA KWAYO ngombiko owenziwe yibutho lawohulumeni ngesimo sezulu ethi kuyothu kuba ngunyaka ka-2020 abantu base-Afrika abaphakathi kwezigidi ezingama-75 nezigidi ezingama-250 bayobe sebesengozini enkulu yokuntula amanzi ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu;

2. IQHUBEKA IQOPHA ukuthi umkhiqizo wezolimo, okuhlanganisa nokufinyella ekudleni, kukhonjwa ukuthi kuzokhinyabezwa kanzima ngukufudumala komkhathi nokuthi emazweni athile ase-Afrika, izivuno zizokwehla ngohhafu kwezolmo ezithembele emvuleni;

3. IYAKUQAPHELA ukuthi izinhlobo ezilinganiselwa ezingxenyeni ezingamashumi amabili ekhulwini zezilwane zisengozini yokushabalala emhlabeni nokuthi kuyothi kuba ngunyak ak-2100, izinga lokushisa liyobe selikhuphuke ngendlela esabekayo ezindaweni ezinokuphakama okulingana nokolwandle;

4. IKHOLWA ngukuthi zonke izakhamizi kufanele zigqugquzele ukuvikelwa kwendawo yethu ekwehleni kwezinga ikhuthaze nokulondolozwa kwemvelo nokuthi lokhu kufanele kuqalise emakhaya ethu nasezindaweni lapho intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ibamba khona iqhaza eliphambili;

5. IFUNA ukuba kufundiswe ngokuguquka kwesimo sezulu ukuze sithathwe njengento ephuthumayo ezweni;

6. INXUSA wonke amalungu nabeseki beQembu ukuba baqalise ukuxoxa nokuphikisana ngokuguquka kwesimo sezulu nezindlela namasu okunganikela kuzo abantu ngamunye, imiphakathi, abalimi, abahwebi, izimboni nohulumeni ekunciphiseni ubuthi bekhabhoni emkhathini – lokho okubizwa nge-“greenhouse gas”;

7. IKHUTHAZA imikhankaso yokuhlanza izindawo zethu; imifula nemihosha yethu, kanye nemikhankaso yokutshala izihlahla eziningi;

8. IGCIZELELA isidingo sokuba sonke siqale ukucabanga ngokuthi sizobhekana kanjani nezinselelo zokufudumala komkhathi ngokukhuthaza ukuguqulwa kwendlela yokuphila kuze kuyofinyelela phansi ohlotsheni lwegilobhu kagesi esilusebenzisayo nokuhlanza kuphinde kusetshenziswe amanzi asendlini;

9. INXUSA ukuba zonke izigaba zikaHulumeni ziqiniseke kusukela manje ukuthi zonke izindawo okwakhiswa kuzo abantu zihlelwa ngokulandela izimiso nemigomo ebhekela indawo;

10. IYABASOLA abathuthukisi bezindawo abenqaba ukuthuthuka okubhekela ukuzwaka kwemvelo nokusetshenziswa komhlaba nabaphanga ingcebo yemvelo ngenjongo yenzuzo;

11. IQHUBEKA INXUSA ukuba kube nokucwaninga ukuze kuqinisekwe noma imigomo kahulumeni ekhona njengamanje ehlelelwe ukulekelela ezinguqukeni ezidingekayo ukunciphisa ubuthi bekhabhoni iyasebenza ngempela yini nokuthi inalo yini ithuba lempumelelo ekudaleni ukuphathwa ngendlela kwendawo okudingekayo nokuthi uma lokhu kungasebenzi, kubenendlela yokwazi ukuthi yini engenziwa ukwenza isimo sibengcono;

ISINQUMO 12

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LESEKA UMKHANKASO WEQEMBU WOKHETHO LUKA-2009

INgqungquthela:

1. IHLABA UMKHOSI ewubhekise kuyoyonke intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ukuba iqale ukukhankasela ukhetho ,ANJE nokuba isabalalise umlayezo obucayi wokuthi ukhetho-jikelele oluzayo luzokuba yibanga elimqoka emlandweni weningizimu ne-Afrika ngemuva kwenkululeko;

2. IYAKWEMUKELA ukuthi lolukhetho luzonquma ikusasa lentando yeningi yamaqmebu amaningi ngezindlela eziningi ezweni lakithi;

3. IXWAYISA ngengozi elengela intando yeningi eningizimu ne-Afrika yokuba iphenduke uMbuso weqembu elilodwa ngenxa yokuphela kwentshisekelo kubavoti nokudideka ngukubusa kombimbi lwe-ANC;

4. IZIMISELE ukuba intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ibambe iqhaza eliphambili ekuthungatheni nasekuqinisekeni ngokunqoba kweQembu LeNkatha Yenkululeko okhethweni nokuba kubuyiselwe ukubuswa kweSifundazwe saKwaZulu Natali eQenjini LeNkatha Yenkululeko;

5. IYAWUSOLA FUTHI IYAWUCHITHA umbusazwe odukileyo osekeleke ezinhlangeni embusweni wethu omusha wentando yeningi kanye nanoma yimiphi imizamo yokugqugquzela ukwesekwa ngokombusazwe ngokusebenzisa ubuzwe bezinhlanga njengeqhinga;

6. IQHUBEKA IXWAYISA ngokuthi ukugqugquzela ngobuzwe bezinhlanga okufufusayo kuyingozi enkul kakhulu ngakho icela amalungu ukuba aphumele obala akhulume ngengozi yabo ntandweni yeningi yamaqembu amaningi nenganalo ubandlululo lwezinhlanga;

7. IYAKUQONDA ukuthi iningi lentsha yezwe iphelelwa yithemba ngokuthi impilo yayo nempilo yemindeni yayo ingase yenziwe ibengcono kakhulu nokuthi lokhu kungase kuholele ekuludubeni ukhetho;

8. IKHOLWA ngukuthi intsha kufanele ingaphenduki ukudla kwemimoya emukela ukunqotshwa nokuthi, esikhundleni salokho, kufanele izigqugquzele MANJE ukuqiniseka ukuthi amazwi abo ayezwakala kuzozonke izindaba ezithinta inhlalo yomphakathi nezomnotho kanye nezombusazwe ezibathintayo bona kanye nemindeni yabo;

9. INXUSA ukuba yonke intsha esiseminyakeni yokuvota ikhuthazwe futhi ilekelelwe ukubhalisela ukuvota MANJE nokuba isebenze ngenkuthalo kuyoyonke imikhankaso yohetho yeQembu LeNkatha Yenkululeko;

10. IKHUTHAZA intsha yeQembu LeNkatha yenkululeko ezweni lonke ukuba iqalise – MANJE – ukuhlanganisa izinhlelo zomkhankaso wokhetho woMbutho Wentsha weQembu LeNkatha Yenkululeko osekeleke emigomeni yeQembu.

ISINQUMO 13

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IYAKUSOLA UKUCHEMA KWENHLANGANO YOKUSAKAZA YASENINGIZIMU NE-AFRIKA KANYE NEZINGA LAYO ELIPHANSI LOKUHLANGANISA IZINHLELO ZENTSHA

INgqungquthela:

1. IYAKUSOLA ukusetshenziswa kabi nangaphandle kwezinhloni kwamandla ombusazwe nokusetshenziswa kweNhlangano Yokusakaza yaseNingizimu ne-Afrika yi-ANC nezicikilishana zayo ezisemsakazweni womphakathi;

2. IQAPHELA ukuvuma okubikwa ukuthi kusanda kwenziwa nguNonhala-Jikelele we-ANC ukuthi abaholi abaphezulu ukuthi iSigungu Sikazwelonke seqembu labo “samedusa’ samenza wagunyaza uhla lwabakhonjele izikhundla emkhandwni weNhlangano Yokusakaza YaseNingizimu ne-Afrika “olwaphoqelelwa” ePhalamende;

3. IKHOLWA ngukuthi kuyinto engaphezu kwesobala ukuthi i-ANC isiphindisela iNhlangano Yokusakaza Yaseningizimu ne-Afrika esimeni esifuze esidala sesikhathi sobandlululo sokuba ngumsakazo woMbuso njengoba abaholi bayo behluleka nje ukwehlukanisa phakathi kweqembu noMbuso;

4. IYAKUCHITHA ukushiywa ngaphandle ngabomu kweQembu LeNkatha Yenkululeko nabaholi balo okwenziwa yi-television nomsakazo weNhlangano Yokusakaza YaseNingizimu ne-Afrika

5. INXUSA izakhamizi ukuba ziziqonde izingozi ezilengela intando yeningi yamaqembu amaningi ngenxa yokulawulwa ngonya kokuqokwa komkhandlu weNhlangano Yokusakaza YaseNingizimu ne-Afrika okwenziwe ngubuholi be-ANC — beqa iPhalamende — beqa futhI nesigungu sokuphatha somsakazo ngemuva kwalokho;

6. ILINDELE ukuba intsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko liphinde litshengise ubuholi ekweluseni izindaba, ulwazi kanye nokuphawula ku-television nomsakazo weNhlangano Yokusakaza YaseNingizimu ne-Afrika nokuba iyiphedule obala yonke imfundiso-ze nokuchema;

7. IHLABA UMKHOSI wokuba kube nohlobo olufanelekileyo lokuhlanganiswa kwezinhlelo ze-television nomsakazo okuzokhuphula kufundise intsha yaseNingizimu ne-Afrika kukhuthaze nokuthuthukiswa kwamakhono, ukuzisiza nokuzethemba;

8. IYAKUQONDA ukuthi umculo uyingxenye eyodwa nokuzithokozisa kwentsha,kepha iyaluchitha ihlobo lomculo we-rap oludumisa indluzula nomoya ongakhiyo obhekiswe kwabesifazane;

9. IQHUBEKA IKHOLWA ngukuthi kuningi okusadinga ukwenziwa ukuphakamisa ukulingana kobulili, amasiko asekhaya, imigomo yobuntu/botho nokutshengisa intsha ukubaluleka kokuzimbandakanye ngenkuthalo kwezemidlalo kanye nazozonke izinhlobo zemisebenzi yamasiko neyomphakathi;

ISINQUMO 14

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO LILEKELELA IZAKHAMIZI EZIKUFANELEYO NEMIZI ENEZINHLOKO EZIYIZINGANE UKUFUMANA USIZO LUKAHULUMENI LWEZENHLALAKAHLE

INgqungquthela:

1. IQAPHELA ukuthi kunesibalo esibikwayo sezigidi eziyisishiyagalombili sezingane zaseNingizimu ne-Afrika ezifumana usizo lukahulumeni lwezimali zenhlalakahle;

2. IYAKWEMUKELA ukuthi inini lalezizingane ziphila esimeni sobubha obesabekayo nokuthi kakungabazeki ukuthi ngabe zibulawa yindlala ziphile ngaphandle kokunakekelwa ukuba bezingazifumani lezizimali;

3. IQHUBEKA IQAPHELA ukuthi kunezinye futhi eziningi zalezizingane okuthiwa “ngezisengozini” — okuhlanganisa nezintandane nemizi enezinhloko eziyizingane — ezidinga ukulekelelwa ukufinyelela kulezizimali, kepha ezingakwaziyo ukufinyelela kuzo ngenxa yezinkinga zalokho okuthiwa “yimicikilisho yezokuphatha”;

4. IYAWUVUMA igalelo elicekela phansi wegciwane lengculaza nengculaza entsheni yethu nasesizweni sethu;

5. ITHUMA ALAMULNGU NABESEKI BEqEMBU lEnKATHA Yenkululeko ukuba batshengise ubuholi ngokulekelela lezizingane ezisesimeni esibucayi nabazali bazo, abaphathi bazo nabanakekeli bazo ukufinyelela ezimalini zezenhlalakahle zokuzeseka nezabamele abazali;

6. INXUSA abaholi bentsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ukuba benze konke okunokwenziwa ukulekelela lababantu ukufumana izincwado zokuzalwa zalezizingane kanye nawomazisi babazali nabanakekela izingane;

7. ITHUMA abaholi bentsha yeQembu LeNkatha Yenkululeko ukuba baqiniseke ngamagama nezindawo okusebenzela kuzo zonke izisebenzi zezenhlalakahle kulezizindawo lapho abaholi bethu bentsha behlala khona kanye namahhovisi aseduze lapho kungafakwa khona izicelo zezimali zosizo lwezenhlalakahle;

8. IQHUBEKA NOKUTHUMA ubuholi beQembu LeNkatha Yenkululeko ukuba batshengise ukubakhona “KWEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO ELIKUSEBENZELAYO EMPHAKATHINI WAKHO”.

ISINQUMO 15

INTSHA YEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO IZWAKALISA UKUTHOKOZA KUMENGAMELI WAYO

INgqungquthela:

1. IYATHOKOZA keMengameli weQembu lethu, Umntwana Mangosuthu Buthelezi, ngentshisekelo nokuseseka okuqhubekayo asihlinzeka ngakho sonke engakhathali;

2. IKHOLWA ngukuthi okungukuphela kwendlela esingatshengisa ngayo ukuthokoza nenhlonipho yethu ngukuba sense lokho esikuthunywa yileziZinqumo egameni leQembu nasegameni lezakhamizi zeNingizimu ne-Afrika;

3. IYAKUVUMA ukuthi zonke izimpawu zikhomba ukuthi isimo sombusazwe kusosonke isizwe njengoba kuyiwa okhethweni-jikelele oluzayo sibucayi kakhulu futhi iyakuqonda ukuthi izwe libudinga kakhulu ubuhlakani babaholi abavuthiweyo nabaqotho abafana nobomholi wethu ukuba basihole emgudwini ofaneleyo;

4. ITHEMBISA ukuzinikela kwethu emigomeni esilwelwe nguMengameli wethu yonke impilo yakhe esebenza kwezombusazwe, okuhlanganisa nokumela isidingo sobuqotho; ukuzisiza nokuzethemba kanye nokuthungatha umbuso wentando yeningi yamaqembu amaningi ephilayo.

WhatsApp