Akucaci ngokuba khona kwezingqungquthela ze-IFP

Jun 22, 2017 | Letters

Imibono YabaFundi
ISolezwe
PO Box 47549
GREYVILLE 4023

Mhleli

“Akucaci ngokuba khona kwezingqungquthela ze-IFP,” iSolezwe, 22 Juni 2017

Intatheli yakho, uMnuz. Mlungisi Gumede, ithi akukacaci namanje ukuthi izingqungquthela zokukhetha ubuholi kwi-IFP zizoba nini. Lesitatimende sigcwele uchuku; sizama ukudweba isithombe esithi ubuholi be-IFP buyayinyathela indaba yezingqungquthela. Iqiniso yikuthi, izingqungquthela ze-IFP zisekelwa emazikweni nezinye izinhlaka zobuholi ezisuke sezigcotshiwe. Njengoba ubulungu be-IFP bubangunyaka, kuthi uma kuphela lesosikhathi siqale phansi singamalungu e-IFP sivuselele ubulungu bethu, kugcotshwe amaziko nezinye izinhlaka zobuholi. Izingqungquthela ngokwehlukana kwazo ziza emva kwalokhu. Yilomshikashika-ke esisephezu kwawo njenge-IFP. Alikhoke ilungu le-IFP elingazi ukuthi izinyathelo eziya ezingqungqutheleni zikuphi manje. Ngakhoke ayikho into engacacile ngezingqungquthela kumalungu e-IFP.

Kwi-IFP asinayo imithombo; sinabaholi abangumlomo weqembu abanegunya lokuphawula kwabezindaba ngaphandle kokuzifihla. Kephake ukuze ngisize abangase beduswe yilezipoki zikaPhakathwayo, angikubeke kucace ukuthi kungukusenga ezimithiyo uqobo ukuthi “ayikhulunywa indaba yezingqungquthela enhlanganweni.” Ukuba izinkulumo zikaMengameli azethula kwi-NEC nakuMhlahlandlela zisuke zivulelekile emphakathini, ngabe ngithi uPhakathwayo akayozifundela yena ukuze azizwele ukuthi ayikho i-NEC noMhlahlandlela lapho uMntwana engakhulumi khona nabaholi ngesidingo esiphuthumayo sokuvuselelwa kwezinhlaka zeqembu ukuze kubanjwe izingqungquthela. Isinqumo se-NEC sokudweba uhlaka lokulawula umsebenzi wokuvuselelwa kwamaziko nesokujuba amalungu oMhlahlandlela ukuba ayosebenza ezifundeni agqugquzele ukuvuselelwa kwamaziko, kwaba ngenxa yezinkulumo zoMntwana. Angazike ukuthi yikuyiphi i-IFP lapho ingakhulunywa khona lendaba. Ngiyakucabanga ukucela i-NEC ukuba ivume ukuba uPhakathwayo anikwe ithuba ake azifundele izinkulumo zikaMengameli kanye nezingxoxo zoMhlahlandlela ngodaba lwezingqungquthela.

Ngiyethemba ukuthi sengiyenyulile intatheli yakho ekudlaleni izipoki eziyedusayo.

Obhalile

Mbongeleni Joshua Mazibuko
IPhini LoMkhulumeli we-IFP kuZwelonke
0839926135

Recent Headlines

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP is deeply saddened by the passing of Rev. Bekizipho Khulekani “BK” Dludla, who was called to rest in the early hours of today aged 99. Cebisa was a devoted spiritual leader and community pillar in his long life of service and faith. Rev. Dludla touched...

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

WhatsApp