“AKUPHEFUMULEKI” NGENXA YENKOHLAKALO YEZIGIDI EMNYANGWENI WEZEMFUNDO

Sep 17, 2020 | Press Releases

UMnyango weZeMfundo KwaZulu-Natal uvele ngomqala obhukwini lwenkohlakalo yamanani aphindaphindiwe ezinsiza zokulwisana nesifo seCovid-19 ezikoleni zakulesi sifundazwe. Izisebenzi zalomnyango ziyaqhubeka nokuzisikela amavenge kwimali yabakhokhintela phezu kokuzibophezela kwabo  nokwenza sengathi bayaphikisana nenkohlakalo kanti bangene shi ngomkhono nesiphanga.
Lokhu sekuphinde kwahlaluka ophenyweni lwakamuva olwenziwe iKhokhasi yeNkatha Freedom Party eSishayamthetho saKwaZulu-Natal lapho ivumbulule umkhonyovu wenkohlakalo enuka phu phakathi koMnyango WezeMfundo oholwa nguMhlonishwa Kwazi Mshengu kanye nezinkampani ezinye zazo eziyizi”poki”. Ophenyweni olunzulu lweKhokhasi ye-IFP KwaZulu-Natal, ludalula inkohlakalo phakathi kwenkampani ebizwa ngeNjikiyesizwe Projects egixabezwe ngomsebenzi wokuletha izinsiza yokulekelela ukunqanda isifo i-Covid 19 ofinyelela ezigidini ezibalelwa ku ku-R27 562,500 million. Le nkampani ebhalise ikheli layo ngaphansi kuka -CIPC ukuthi ngeyakwa-419 Nhlekane street, Imbali Unit 2, Pmb, 3219. Uphenyo ludalula ukuthi awukaze waba khona nakwaMadala eJuteni lomgwaqo elokishini laseMbali. Kuvela nokuthi lenkampani yacishe yasulwa nyakenye (2019) emabhukwini akwa CIPC ngenxa yokungasebenzi.
Uphenyo ludalula ukuthi le nkampani ihlomula ngezigidi nje yabiza uMnyango wezeMfundo  o-25litha bezigubhu zesanithayza eziwu- 6300 isamba semali e engu R27 562 500 wezigidi, okwaba uR4 375 isgubhu sisinye.
Akugcinanga lapho njengoba enye  inkampani eyaziwa ngele-Promed Technologies egixabezwe ngomsebenzi wokuletha izibulali magciwane ezikoleni okuyizigubhu eziyizi- 6300 ezingama- 25litha okubhalwe ukuthi isigubhu sibiza  R4 370 sisinye. Le nkampani yona idle uMnyango weZeMfundo R27 531 000 wezigidi.
Ozulazayithole beNkatha bafake esabo nabo iscelo kule nkampani, iPromed ebatshele ukuthi isigubhu siwu R950 sisodwa ekubeni lenkampani idayisele uMnyango weZeMfundo amalitha esigubhu esifanayo ngo-R 4370.
SiyiKhokhasi yeNkatha YeNkululeko YeSizwe KwaZulu-Natal siphinde senze olunye uphenyo ngenkampani ezibiza nge-Logan Medical and Surgical Pty Ltd ehlomule ngo- R122 million kwithenda yezibulali magciwane. Sifake isicelo sokuhweba nale nkampani ebize u-R32 ngebhodlela ngalinye eliwu-500ml wesanithayiza ekubeni uMnyango WeZeMfundo wona ulithenge ngo-R69.57 kwinkampani efanayo. Lokhu kuchaza ukuthi lo emnyango ukhokhe izigidi ezingu- R16 975 080 ngalamabhodlelana ezibulali magciwane ayi- 244 000. Ukuba loMnyango awuhlaselwe ilo mdlavuza wobusela obungenanembeza ubuzosebenzisa  R7,8 wezigidi kuphela wonge izigidi eziyi-R9 ngentengo ejwayelekile. Ngesikhathi iNkatha ifaka esayo isicelo sokuthenga inkampani kaLogan isibize R260 isigubhu esingu-5 litha ekubeni lenkampani idayisele uMnyango weZeMfundo ngo-R726.09 isigubhu ngasinye.
Lokhu kuchaza ukuthi uMnyango weZeMfundo uchithe R88 582 90 wezigidi ngo-5 litha abangu 122 000. Ukuba lo mnyango ubungaqhubi inkohlakalo ngesikhathi uhwebelana nalezi zinkampani ubuzokhokhela lezi zinsiza ngo- R31.7 wezigidi wonge R56.3 wezigidi ukuba bekungacebiswa izisu zamanye amadoda. INkatha ayikunanazi ukuthi lomnyango imali yabakhokhintela uyidla bume wena owabona izingane zidlala ucabhayiyane.
Siyazibuza siyaziphendula ukuthi iyiphi le migodi engagcwali ekubeni izingane ezikoleni zeswele izindlu zangasese zimpintshana emakilasini ngenxa yokugcwala okweqile. Uyadela owaziyo ukuthi udaba lwenzukayikeki  yamathangi okuthiwa gabize R28 000 ngalinye wawuyiqiniso kangakanani. SiyiNkatha sicela incazelo ngalezi zinsolo zale nkohlakalo ehlasimulisa umzimba.
Kuyaphela.
Kungathintwa: UMhlonishwa Mntomuhle B Khawula, MPL
071 207 9445

Recent Headlines

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP is deeply saddened by the passing of Rev. Bekizipho Khulekani “BK” Dludla, who was called to rest in the early hours of today aged 99. Cebisa was a devoted spiritual leader and community pillar in his long life of service and faith. Rev. Dludla touched...

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

WhatsApp