Debate on Women’s Paliament

Aug 23, 2018 | Press Releases

Debate on Women’s Paliament
BY
HON MRS N.J NKWANYANA, MPL, KZN LEGISLATURE

 

Somlomo,

Namhlanje sibuthene kuleNdlu sizokhuluma kabanzi ngezindaba ezithinta thina bantu besifazane kodwa sizokwenza lokhu ngaphansi kwefu elimnyama elisigubuzele ngenxa yokushiywa uMama uZondeni Sobukwe. Iqembu leNkatha lithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakaSobukwe kanye neminye imindeni ehanjelwe izihlobo namalungu emindeni yayo nakuba ingekho kwezombusazwe. Sithi nje akwehlanga lungehliyo. Ukufa kudla fumuka kudle silaza.

Kubalulekile ukuthi siqedwe isihlava sokusebenzisa ipolitiki eshibhile yokubandlula okwenziwa ontabakayikhonjwa uma kunemibuthano efana nephalamende labesifazane lapho abanye bamaqembu ezombusazwe baye bakhishwe inyumbazane kube sengathi umcimbi oweqembu elithize. Imibono yamanye amaqembu inyathelwa kodwa kuqhakanjiswe eyabamaqembu athile. Wonke amaqembu kumele amukeleke ngoba kusuke kusetshenziswe izimali zabakhokhi-ntela kuleyomcimbi ayi izimali zeqembu elithize.
Uma ukhuluma ngabantu besifazane ukhuluma ngabantu ababaluleke kakhulu njengoba nomlando ukubeka kucace kuthi bha kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi kudala embusweni waKwaZulu babekhona abesifazane ababamba elikhulu iqhaza ekutheni umbuso waKwaZulu ume. Singabala abesifazane abafana noMkabayi kaJama kanye noMthaniya okulokhu nanamhlanje izwe laKwaZulu kuthiwa elikaMthaniya. Lokhu kuwubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi yonke into ukuze isimame kumele abesifazane bangashiywa ngaphandle. Ngisho umnuzane oqotho efuyile enochibidolo wemfuyo kodwa uma efuna ukudayisa noma yiphi imfuyo yakhe uqale abonisane nonkosikazi wakhe kuqala bavumelane ngaphandle kokuzithathela yedwa isinqumo. Lokhu kuyadingeka ukuthi kwenzeke nakuhulumeni uqobo ngokuthi asondeze eduze abesifazane uma kuthathwa izinqumo ezinqala ezithinta bona siqu. Abesifazane abangakhulunyelwa ngezinkinga zabo sengathi bayidlozi kodwa abazikhulumele bese beyalalelwa, bese kwenzeka lokho abakhala ngakho.

Kuyasikhathaza ukuthi njalo uma kunezinkulumo ezithinta abantu besifazane kumele njalo silokhu sikhuluma ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokuyinto eyaziwayo ukuthi ayilungile. Ngaphandle kokuthi abesilisa bashintshe imiqondo yabo sokhuluma size sikhihlize amagwebu ngoba ibona abahlukumeza abantu besifazane. Kuyichilo ukuthi kukhona abantu besilisa asebephenduke amankentshane acuthele ukwenzakalisa abantu besifazane. Kulesikhathi esiphila kuso umuntu wesifazane akasasesabi isilwane kodwa usesaba umuntu wesilisa ngoba uzomenza isilo sengubo. Sinxuma Amakhosi ukuthi nawo asilekelele ekutheni kufundiswe abafana ngokuziphatha besebancane ukuze kunciphe ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
We have seen many female learners that have been impregnated by male teachers who allegedly paid them stipends for unprotected sex.

The hyenas responsible for these monstrous acts have betrayed the trust bestowed upon them as educators and robbed the girls of their childhood with their blesser tendencies.

Sex perverts have no place in the education profession, they must be named and shamed for the rest of their lives. Teachers should lead by example by being professional and not behave like sexual perverts. Umkhandlu obhekele ukuziphatha kothisha awuqinisekise ukuthi othisha abalala nabafundi amagama abo ayangcoliswa ukuze bengazophinde bakwazi ukufundisa.

Abazali abawumumba nedlelo nabahlukumezi bezingane zabo okungaba othisha, izihlobo namalungu omndeni noma amasoka ezihlobo sithi nabo abathathelelwe izinyathelo. Kuliqiniso elingephikwe ukuthi kweminye imindeni uma ingane idlwengulwe isihlobo noma ilungu lomndeni udaba kuyaye kuthiwe alunyathelwe. Abanye abazali baze bamukele nezimvala-mlomo uqobo ukuze udaba lunganekelwa izwe. Nalabo abaganisa izingane zabo ezincane ngenkani nabo abathathelwe izinyathelo ngaphandle kokunanaza ngoba lokhu kuwukuhlukumeza amalungelo ezingane. Awuqine umkhankaso wokuqwashisa ngokukhulelwa kwezingane ikakhulukazi zisafunda.

Ake ngingene ngomkhono nesiphanga ngokweminyango yesifundazwe ngokusingatha kwayo izindaba ezithinta abantu besifazane. As the IFP we are not satisfied with how public departments are letting down women in this province. We iterate our call for more visibility and execution of various departments’ programmes at grass root level. It is absolutely futile to have all these programmes with beautiful names at your offices if they are not fulfilling the mandate they were designed to fulfil.

We witnessed this from the 2017 resolutions whereby departments such as the Office of the Premier still has unfunctional Operation Sukuma Sakhe War rooms in other municipal wards. KZN has 249 war rooms that are either poorly functional or not established at all. We urge the Office of the Premier to ensure that these resolutions taken at the 2018 women’s parliament will be addressed with the emergency that they deserve.
The Agriculture Department must reach out and allocate more training, resources, workshops and agricultural advisors in all sectors where women seek the support. Kumele kugxiliswe kakhulu umkhakha wezolimo ukuze abantu besifazane bakwazi ukuziphilisa. Akumele bagcine ngokulimela ibhodwe kuphela. Badinga ukuhlinzekwa ngezimakethe ukuze bakwazi ukuthumela imikhiqizo yabo emazweni angomakhelwane kanye nezinqolobane zokugcina imikhiqizo yabo. Kodwa konke lokho kuncike ekutheni kumele banikwe umhlaba wokuthi bakwazi ukuthi balime.

Department of Social Development has amazing programmes such as: 1. Shelters for Abused Women 2. Victim empowerment 3. Counselling to abused women and their children/families 4. Skills training and development 5. Referrals to legal and medical services 6. HIV/AIDS Counselling and 7. Personal Development.

But how many of us in this House have seen any campaign, advertisement and communication in our local areas about any of these programmes? How many of women who have been helped by these programmes?

COGTA was urged to have women directorate but this hasn’t materialised because the structure has not been approved, WHY? We are also not pleased with the number of women in management positions in many departments. Very few municipalities in this province meet the 50% threshold while others have none of women in management. Why are women still being overlooked? We encourage all municipalities to meet the threshold or face the consequences for not implementing this threshold.

As the IFP we also strongly advocate for equal gender pay. If a woman does same job as male counterpart they must earn the same pay. We are against gender pay gap that seek to oppress women.

It is shocking that the Department of Health has only 42% women in management positions in 2018. Further, we appeal to Health Department to conduct awareness campaigns to schools and intensify education on types of family-planning options to assist mothers in the fight against teenage pregnancies. The scarcity and lack of availability of doctors in rural clinics still affect abused women whereby at the time of rape or abuse cases are reported they do not get checked immediately and this negatively impact on their cases.

The other deeply concerning matter is that of poor Home Affairs and Police department failing to trace the activities of illegal immigrants who have turned our girls into drug traffickers, prostitutes, illegal wives and drug addicts. We urge government to clean our streets of these illegal immigrants who also add on our crime levels, we have seen stats on cars stolen in our communities leaving through borders. Recently we saw huge package of explosives used in cash heists entering our country through Zimbabwe border.

Sinxusa umnyango wezabesifazane kuzwelonke ophethwe uMhlonishwa uBathabile Dlamini ukuthi awube sophondweni wokufuqa umkhankaso wokubhekana ngqo nezindaba ezithinta abantu besifazane. Kumele lomnyango uqinisekise ukuthi izidingo zabesifazane ezibucayi njengamaqakelo awafakwa intela uma ethengwa. Kanjalo nomfaniswano wesikole sithi intela ayingafakwa kuwo. Siyakubonga ukuthi amaqakelo ayahlinzekwa ezikoleni kodwa labo abaxebula umkhoma ngokungemthetho kuloluhlelo sithi abathathelwe izinyathelo.

ANC must work on the culture of failing to implement and execute programmes and initiatives. This speaks to the cadre deployment whereby people without skills, expertise and qualifications are put into critical departments through political affiliation and this is why we have seen programmes crumble and failing dismally. The proof is the rate at which we witness violent protests in every corner of this country. Our women want to feel the change.

Recent Headlines

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

By Hon Vf Hlabisa MP President of the Inkatha Freedom Party Minister of Cooperative Governance and Traditional Affairs Ndwedwe: Sunday, 23 February, 2025 The Mfayela Family - Members of the IFP National Executive Committee (NEC) – The Prince Mangosuthu Buthelezi...

WhatsApp