iQembu leNkatha
kuSishayamthetho saKwaZulu Natali likhathazekile ukuthola umbiko kanye nezikhalo ezivela koNobhala beziNkantolo zoMdabu okubuye kuthiwe ngoNobhala bamaKhosi kuSifundazwe saKwaZulu Natali wokuthi bathola iholo elingu R1600 ngenyanga.Leliholo abalitholayo kabanawo ngisho nomhlomulo wempesheni obekwa eceleni ukuze uma sebethatha umhlalaphansi kubenemali abayitholayo.
Kulesikhathi lapho izinga lempilo lilimbi kangaka namandla erandi ephansi kangaka,lemali ayanele ukufeza izidingo zempilo zalabasebenzi.Eqinisweni kuyihlazo ukuthi oNobhala bamaKhosi bahola iholo elincane kangaka.
iQembu leNkatha kuSishayamthetho saKwaZulu Natali lizwe ukuthi uMnyango woHulumeni baseKhaya kanye nezindaba zobuholi boMdabu kwaZulu Natali wenza ucwaningo ngonyaka ka2012 olwaluholwa yiSekela loMqondisi Jikelele uMnuz Chonco ukuthi malini okumele ikhokhelwe oNobhala bezinkatolo zoMdabu kodwa kuze kubeyimanje izincomo zalolophenyo azikafezwa.
Loludaba luyaphuthuma ngoba oNobhala beziNkantolo zoMdabu bayakhala,kabanelisekile neze yileliholo uMnyango obanika lona.
Iqembu leNkatha kuSishayamthetho saKwaZulu Natali licela ukuba uNgqongqoshe uMhlonishwa uHlomuka alusukumele phezulu loludaba,alulungise.
iQembu leNkatha lizofaka umbuzo kuNgqongqoshe uMhlonishwa uHlomuka wokuthi zinyathelo zini azozithatha ukwenza ubulungiswa kuloludaba ukuze labasebenzi bezothola amaholo angcono ukuze bakwazi ukumelana nezidingo zempilo babuye bakwazi nokondla imindeni yabo.
Umnyango woHulumeni baseKhaya kanye neZindaba zobuholi boMdabu KwaZulu Natali buyazi ukuthi likhulu kangakanani iqhaza elibanjwa ngoNobhala beziNkantolo zoMdabu ukwelekelela amaKhosi ukusingatha izindaba zeziNkantolo zoMdabu kanye nezindaba zezizwe ezenganyelwe ngamaKhosi ayizinsika zobuKhosi baKwaZulu ngaphansi koHlanga lomhlabathi.
OTTO B KUNENE
Ilungu leSishayamthetho saKwaZulu Natali elimele iQembu leNkatha
Cell No:0834179944