IFP IKHALA NGAMAHOLO ONOBHALA BAMAKHOSI

Jun 29, 2020 | Press Releases

iQembu leNkatha

kuSishayamthetho saKwaZulu Natali likhathazekile ukuthola umbiko kanye nezikhalo ezivela koNobhala beziNkantolo zoMdabu okubuye kuthiwe ngoNobhala bamaKhosi kuSifundazwe saKwaZulu Natali wokuthi bathola iholo elingu R1600 ngenyanga.Leliholo abalitholayo kabanawo ngisho nomhlomulo wempesheni obekwa eceleni ukuze uma sebethatha umhlalaphansi kubenemali abayitholayo.

Kulesikhathi lapho izinga lempilo lilimbi kangaka namandla erandi ephansi kangaka,lemali ayanele ukufeza izidingo zempilo zalabasebenzi.Eqinisweni kuyihlazo ukuthi oNobhala bamaKhosi bahola iholo elincane kangaka.

iQembu leNkatha kuSishayamthetho saKwaZulu Natali lizwe ukuthi uMnyango woHulumeni baseKhaya kanye nezindaba zobuholi boMdabu kwaZulu Natali wenza ucwaningo ngonyaka ka2012 olwaluholwa yiSekela loMqondisi Jikelele uMnuz Chonco ukuthi malini okumele ikhokhelwe oNobhala bezinkatolo zoMdabu kodwa kuze kubeyimanje izincomo zalolophenyo azikafezwa.
Loludaba luyaphuthuma ngoba oNobhala beziNkantolo zoMdabu bayakhala,kabanelisekile neze yileliholo uMnyango obanika lona.

Iqembu leNkatha kuSishayamthetho saKwaZulu Natali licela ukuba uNgqongqoshe uMhlonishwa uHlomuka alusukumele phezulu loludaba,alulungise.

iQembu leNkatha lizofaka umbuzo kuNgqongqoshe uMhlonishwa uHlomuka wokuthi zinyathelo zini azozithatha ukwenza ubulungiswa kuloludaba ukuze labasebenzi bezothola amaholo angcono ukuze bakwazi ukumelana nezidingo zempilo babuye bakwazi nokondla imindeni yabo.

Umnyango woHulumeni baseKhaya kanye neZindaba zobuholi boMdabu KwaZulu Natali buyazi ukuthi likhulu kangakanani iqhaza elibanjwa ngoNobhala beziNkantolo zoMdabu ukwelekelela amaKhosi ukusingatha izindaba zeziNkantolo zoMdabu kanye nezindaba zezizwe ezenganyelwe ngamaKhosi ayizinsika zobuKhosi baKwaZulu ngaphansi koHlanga lomhlabathi.

OTTO B KUNENE
Ilungu leSishayamthetho saKwaZulu Natali elimele iQembu leNkatha
Cell No:0834179944

Recent Headlines

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

By Hon Vf Hlabisa MP President of the Inkatha Freedom Party Minister of Cooperative Governance and Traditional Affairs Ndwedwe: Sunday, 23 February, 2025 The Mfayela Family - Members of the IFP National Executive Committee (NEC) – The Prince Mangosuthu Buthelezi...

WhatsApp