IFP : IZINSIZA ZIKAHULUMENI MAZABELWE UKUFEZA IZIDINGO ZOMPHAKATHI HAYI UKUNWAYA IMIZWA YABAPHATHI

Sep 7, 2020 | Press Releases

Iqembu leNkatha Yenkululeko KwaZulu Natali lithi kubalulekile ukuba imali yombuso yabiwe ngokubuka izidingo zomphakathi kunokuba kubukwe ukuthi ngubani ophethe ngaleso sikhathi, futhi uthandani. Osombusazwe kuhulumeni bayafika bedlule, futhi banezifiso ezihlukahlukene. Kepha izidingo zomphakathi zananoma esiphi isikhathi zihlale zinobuqiniso bokudingekayo, kungabhekekile ukuthi wubani ophethe ngaleso sikhathi.

Empendulweni enikezwe wumnyango wezokuthuthukiswa komphakathi KwaZulu Natali embuzweni welungu lesiShayamthetho uMntomuhle Khawula weQembu LeNkatha Yenkululeko, obubuza ukuthi ingakanani inkece efakwe wumnyango ezinhlelweni zalowo owayengu-Mengameli wezwe uMnu JG Zuma njalo uma ehlele imicimbi kaKhisimusi eNkandla, nokuthi kwakuye kube zinhlelo zini, umnyango unikeze lezimpendulo. Umnyango uthi ubuyaye usize lowo owabe engu-Mengameli wezwe ngezinhlelo zokuthuthukiswa kwezingane, nangezinhlelo ze-RDP kwezemfundo yabantu abasha kanye nokuhlonza labo abafanelwe ukunikezwa usizo. Umnyango ubuyaye futhi uxhase ezinhlelweni zabantu abadala, izinhlelo zalabo abaphila nokukhubazeka kanye nezinhlelo zezingane kanye nemindeni entulayo edinga uxhaso. Konke lokhu bekwenziwa kuncikwe ngenhlangano engenzi nzuzo i-JG Zuma Foundation. Kwenziwe phakathi kweminyaka u-2012 kuya ku-2017, ngesikhathi sobuMengameli bukaMhlonishwa uZuma eNingizimu Afrika.

Kuyoyonke leminyaka, uhlelo lwezingane ludle imali eyizigidi ezingu-RI, 824 800.00. Kwathi uhlelo lwabadala lwadla izigidi ezingu-R1, 674 100.00. Sezihlangene zonke lezinhlelo zokuxhasa uMnu Zuma kuleminyaka zidle izigidi ezingu-R3, 498 900.00.

Okuqaphelekayo ngukuthi umnyango usukuyekile ukuxhasa kulezinhlelo. Iqembu leNkatha Yenkululeko libuza ukuthi sekuyekelweni-ke manje ukufaka isandla kulezinhlelo, yini lena esiyenzekile esidala ukuthi zingabe zisabaluleka? Kungabe ngokuphuma kuka Mnu uZuma kuhulumeni kube sekushintsha nezidingo zabantu baseNkandla na? Uma kungukuthi lezi zinhlelo beziyisidingo esibalulekile esenze uhulumeni ubone kufanelekile ukuba angenelele ngoxhaso, kufaneleke ngani ukuba nxa kuphuma uMnu Zuma kuhulumeni bese kunswinywa uxhaso lomphakathi obeluza egameni lakhe na?

Okucacayo yilokhu, laba abasemandleni njengamanje emnyangweni wezokuthuthukiswa komphakathi banetwetwe lokuthi umbuso kaMengameli Ramaphosa namandla awo ungase ubafake amasondo uma bebonakala beqhubeka nokuxhasa izinhlelo ezeyamaniswa noMnu uZuma. Lokhu kuyisimo esimbi kabi ezimweni zokuhlupheka zenhlalo yabantu abadinga usizo lukahulumeni, ngaphandle-ke uma kungukuthi vele lezi zinhlelo bezimane zembathiswe ingubo kahulumeni nje ukuzicashisa kodwa zona zibe ziwumkhankaso weqembu likaKhongolose wokuheha abantu.

Kuyaphela.

Kungathintwa uMntomuhle B Khawula : iLungu lesishayamthetho saKwaZulu Natali.

Inombolo : 071 207 9445

Recent Headlines

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP is deeply saddened by the passing of Rev. Bekizipho Khulekani “BK” Dludla, who was called to rest in the early hours of today aged 99. Cebisa was a devoted spiritual leader and community pillar in his long life of service and faith. Rev. Dludla touched...

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

WhatsApp