Iqembe leNkatha Yenkululeko likhathazekile ngesimo sokubhacaza kwamaqembu esizwe kanye nawaKwaZulu Natali kwezemidlalo. Lokhu kushiwo nguMhlonishwa uMntomuhle Khawula, ilungu lesishayamthetho KwaZulu Natali, okhulumela iqembu Lenkatha Yenkululeko kwezemidlalo.
“Uma sibuka kokwenzekayo kanye nokusanda ukwenzeka, iqembu lakithi lekhilikithi lifike labhacaza emincintiswaneni yendebe yomhlaba ka 2019 yekhilikithi eNgilandi. Amaqembu akithi amabili kwindebe yombhoxo yeSuper Rugby okungama Bulls aseGauteng kanye nama Sharks alapha kwelika Mthaniya, nabo bakhahlele ngedolo emidlalweni yokuhlungela imidlalo yezingqungqulu (semi finals). iBafana Bafana idlala into engagwinyisi mathe laphaya eGibhithe kwindebe yase Afrika yebhola lezinyawo iAfcon ka 2019. I Banyana Banyana nayo yaphuma ekamabuyaze kwindebe yomhlaba yamantombazana yebhola lezinyawo yabuya negungquza lamaphuzu,” kusho uMhlonishwa uKhawula. Namathimba akithi omdlalo wokubhukuda akade esebenza kahle ngendlela engakaze ibonwe kodwa kulemincintiswano esanda kwedlula yomhlaba nawo abonakale enokwehlelwa yizinga ngendlela exakile. I KZN yiyo ebikade ilithemba leNingizimu Afrika kwezokubhukuda. Isicoco seComrades Marathon naso siphunyukile KwaZulu-Natali ngo-2019.
Uqhubeke waphawula ngokudlala kwamaqembu ebhola lezinyawo esifundazwe saKwaZulu Natali kwi PSL kanye naku NFD. “iMaritzburg United iphunyuke ngembobo yenaliti isishovelwa phansi kwi NFD, kwathi iRoyal Eagles yaphuthwa yithuba lokunyukela phezulu kuPSL emidlalweni yokuhlunga.” Iqembu leNkatha Yenkululeko likhathazekile ngalokhu kwehla kwezinga kwezemidlalo esifundazweni kanye nasezweni.
uKhawula uthi sekufike isikhathi sokuba uhulumeni afake igxalaba elibonakalayo ezinhlelweni zezemidlalo. Uthi inkece eyabelwa isabelo sezemidlalo kuhulumeni kufanele kungabi yimvuthu yezinsalela zesabelomali, kepha kufanele kube yisamba esinohlonze. Kanjalo nezinhlelo zokuthuthukisa ezemidlalo nokungcebeleka ezindaweni makube ngeziphusile futhi zibe nokubambisana okuzwakalayo nokunomphumela obonakalayo phakathi kuka Hulumeni kaZwelone, uHulumeni wesifundazwe kanye noHulumeni basemakhaya.
uKhawula uphethe ngokuthi, “Ezemidlalo mazingasetshenziselwa izinhloso zezombusazwe zawosopolitiki, kepha mazisebenzele ukuthuthukisa amakhono abadlali ukuze bakhule baziphilise ngawo.”
Kuyaphela lapha:
Kungathintwa: uMhlonishwa Mntomuhle Khawula
Okhulumela I IFP Kwezemidlao KwaZulu Natali
071 207 9445