IMBIZO YESIZWE SAMAZULU MAYELANA NODABA LOMBUZO NGOMHLABA ONGAPHANSI KWENGONYAMA TRUST

Jul 4, 2018 | Press Releases

UKWETHULWA KWENGONYAMA KAZULU
NGUMNTWANA UMANGOSUTHU BUTHELEZI
ILUNGU LEPHALAMENDE LIKAZWELONKE
UNDUNANKULU WOMDABU WENGONYAMA NESIZWE
INKOSI YESIZWE SAKWABUTHELEZI
NONGUMENGAMELI WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO

Ondini: 4 Julayi 2018

Isilo saMabandla Unomthebe weSizwe samaZulu, Ingonyama uZwelithini Goodwill ka Bhekuzulu; AbaNtwana baseNdlunkulu namaLungu e-Royal Council; USihlalo neSigungu se-Ingonyama Trust Board; AmaKhosi aseNdlunkulu neZinduna eziphuma kulolonke elikaMthaniya; Izihambeli ezimele uHulumeni; Abaholi bezenkolo nabaholi bezamabhizinisi; Sizwe sika Zulu esiziqhenyayo –

Eminyakeni engama-50 Ingonyama u-Goodwill Zwelithini ka Bhekuzulu esebuse phezu kweSizwe sethu singuZulu, usebuse iminyaka engu-46 ngaphandle kokuphaka ngisho eyodwa impi ukuyohlasela. Kakukaze kuzwakale ngisho nangelilodwa ilanga kukhuzwa isiqubulo sethu “Usuthu” esenanelwa yizintaba, amagquma kanye namathafa ombuso welakithi solokhu indodana yeNgonyama, uCyprian Bhekuzulu ka Solomon, yabekwa esihlalweni sobukhosi. Amaklwa amabutho kaZulu kawakaze akhothwe futhi anukelwe ligazi ngaphansi kombuso wakhe kanti iSizwe sakithi siqhubeka ngokuchuma, siphila phansi kokuthula.

Kulokhu sizwakalisa ukuthokoza, njengoba inkumbulo yempi, isolokhu kulokoza inhlansi yayo, emiqondweni weSizwe. Sesikulalele njengensakavukela kuhle komchilo wesidwaba, udaba esasiluxoxelwa ngobabamkhulu nokhokho bethu, ababesadl’anhlamvana, kuyinto eyayisengundab’izekwayo eSizweni sikaZulu ukuthi oyise balwa kanjani empini kaZulu namaNgisi, okwabonakala kuyo, ukwehlulwa kweSizwe sakithi okwalandelwa yikucazwa kombuso wezwe leSizwe sakithi. UBabamkhulu uMkhandumba ka Mnyamana waba yisisulu sokulimala empini yaseSandlwana kwathi umfowabo uMntumengana wabulawa khona lapho wasala enkundleni. Ngemuva kwempi yaseSandlwana, impi yasOndini yaba yisiphetho somzabalazo kaZulu ngaphansi kukakhokho weSilo, ukhokho wami, nabeSilo abalapha iSilo uCetshwayo ka Mpande.

Impi yaMazwe oMbuso wamaNgisi kwakungakaze kulinge ukuba inqotshwe okushaqisayo ngezinga elilinganiswa nelempi yaseSandlwana. Ekuziphindiseleni, amaNgisi aqinisa ukuphepha kwamabutho awo, ngokuthumela inqwaba yamabutho ayehlome ezingovolo amasotsha amaNgisi ayephezulu kwalawo abanqoba ngawo izwe lase-India ukuhlasela elaKwaZulu. Kwathi ngomhlaka ka Julayi 4 ngonyaka ka-1879, kwahlaselwa Isigodlo sasOndini. Amaqhawe eNgonyama alala edindilizile emuva kokubulawa amanye alimala kabi, lapho amaNgisi egubha ukunqoba kwawo okokugcina empini phakathi kuka Zulu namaNgisi. Nokusho ukuhlithwa kwezwe lamaNgisi lafakwa ngaphansi kombuso ka-Queen Vitholi wamaNgisi.

U-Lord Chelmsford wathumela ukuba Isigodlo seSilo sasOndini sithungelwe ngomlilo, owathatha izinsuku usha, ugqamuka, amalangabi. Ihlalankosi laKwaZulu lasha langumlotha. Izinsalela kwaba-nje yiwo umlotha; kwasala isisekelo somoya wokunqoba esizweni esehluliwe. Lowomlotha wokusha kweSigodlo seNgonyama yasOndini, iJindi kwakusho ukwephucwa kwayo umhlaba wayo okokugcina.

Okwalandela lapho kwaba umzabalazo ongaphezu kweminyaka eli-100, ukuhlanganisa Isizwe saKwaZulu futhi nokubona umbuso wakithi kanye neNgonyama yethu ukubuyiselwa kwayo esikhundleni ngokuphelele. Sike saba yizisulu zenhlupheko siboshelwa futhi sidingiselwa Amakhosi ethu. Sibe yizisulu zobukoloni kanjalo futhi nombuso wobandlululo. Sibe yizisulu zokwenqatshelwa ukuvunyelwa kweSilo samaBandla Ingonyama kaZulu ukwethamela izingxoxo zokubhunga ngokusungulwa kombuso wentando yeningi kuleli leNingizimu ye-Afrika. Sakulwela kwaze kwenzeka. ISilo sasOndini sadingiselwa eKoloni, saze sacela ukuyobonana no-Khwini Vitholi (Queen Victoria) siyoncengela ukubuyiswa kobukhosi baso nezwe laso

Naphezu kwakho konke lokhu, iSizwe saKwaZulu siselokhu simile. Siselokhu sino Nomthebe ohlezi eSihlalweni seNgonyama yasOndini uCetshwayo. Kusene Ngonyama eseSihlalweni seNgonyama uShaka. Yikho iNgonyama yethu isibuthele lapha Ondini ngalo kanye usuku esephucwa ngalo izwe, nokwehlulwa kukaZulu lapha Ondini ngamasotsha amaNgisi.

Namhlanje sibuthene lapha ukuhlangabezana nomlozi weNgonyama yethu; ngoba sekuqubuke usongo olusha esekufanele sibhekane nalo. Usuku lwale Mbizo luqokwe ngabomu ukuluqondanisa nosuku lwesikhumbuzo seminyaka eli-139 kokulwa kweMpi yasOndini. Lolu suku olukhethwe yiSilo lungolubalulekile, njengoba iSizwe sakithi savuka emlotheni owawemboze lendawo, futhi siyakwazi ukuphinda sivuke, ngisho nangaphansi kwamalangabi asembozile. Sekukaningi kuthiwa siyacishwa okokugcina sidlule singacisheki.

Ngifuna ukuba ngikubeke kucace kuthi bha ukuthi kangihlabi mlozi wokuphehla impi. Njengesizwe sinokuziqhenya ngeqiniso lokuthi Ingonyama yethu ibusa ngesikhathi sokuthula. Kasiyifuni impi. Kasilufuni udlame. Kasikufuni ukuchitheka kwegazi. Esikufunayo yilungelo lethu lomhlaba elihlonishwa ngokusemthethweni wezwe. Phela yikusho-nje nokuthi sifuna izwe. Sikhuluma ngesicutshana noma amanenjana asala neSilo naMakhosi, ngaphansi kweSilo sephucwa izwe. Sifuna uhulumeni kazwelonke oholwa nguKhongolose ukuba avume ukuthi Ingonyama yethu inegunya lokubusa emhlabeni wethu, nokuthi Amakhosi omdabu agunyaziwe ukuphatha umhlaba, ngaphansi kweNgonyama yethu nokuthi umzamo owenziwa nguMbuso wezwe wokuhlwithwa komhlaba wethu ngaphandle kwesinxephezelo kakuphambene-nje kuphela noMthethosisekelo wezwe, kodwa kuphambene ngisho nanobulungiswa ngokwemvelo futhi.

Sekukaningi Undi lushiswa emva kokushiswa ngamaNgisi ngo-1879. Lolo kwakuyiloluya olwalungamadlangala ekubuyeni kweSilo sasOndini phesheya. Lolu olubizwa ngokuthi lwalumahlikihlikana lushiswa ngabantu abamnyama, amaZulu ayesephendukele iSilo. Njengoba nasemuva kokuba sesithi sivuka emlotheni, Undi lweSilo lubuye lwashiswa ukuthi uHulumeni omnyama anqume ukuba lushiywe lunje. Kuyomiswa uHulumeni weSifundazwe eMgungundlovu. Namanje nguHulumeni wethu omnyama osezolushisa okokugcina Undi. Nxa sebephuce iNgonyama naMakhosi ayizinsika zobukhosi bayo, lezicucwana ebezisele, sizifake ngaphansi kweNgonyama umnikaziso, selusha okokugcina Undi ngalesisenzo. Sisawuphinde sikhuleke-nje sithi Silo Somhlaba njengoba besenza.

UMthethosisekelo uyakwazi ukuguqulwa. Umthetho uyakwazi ukuchitshiyelwa. Lokho kodwa kakukwazi ukwenza ukuhlwitha komhlaba kube yinto elungele ukwenziwa, evumelekile noma kube ngukuziphatha kahle okwesekelekile. Ubuhlanga bethu bubopheleke emhlabeni. Ukususwa komhlaba ebunikazini beNgonyama naMakhosi kungukuntwengula umphefumulo kaZulu okokugcina. Umbuso wakithi wake wacanwa ngaphambilini, ngemuva kweMpi phakathi kuka Zulu namaNgisi. Kwasetshenziswa umthetho oyisenzo-mbumbulu ukuwehlukanisa, kwabakhona iziqeshana ezili-13, okwatshala imbewu yoqhekeko olungasobe lwagwemeka. Kwathi abanikwa lezoqeshana kwathiwa sebelingana neNgonyama, abasaphoqekile ukuyithobela ngokuyikhonza.

Izizukulwane eziyizisulu ngaphansi kwengcindezelo yobukoloni futhi nokwephucwa ubunikazi ngokobuhlanga kwashiya iSizwe saKwaZulu nezingcezu neziqeshana zezwe lethu lomdabu. Kwathi ngonyaka ka-1994, lapho selidumela emansumpeni kwelentando yeningi, wonke lomhlaba kwakuhleleke ukuba ubunikazi bawo kuzenzakele khona ukwedluliselwa eMbusweni weZwe, njengoba ubunikazi bangasese bawo babungekho, kodwa umhlaba womphakathi uphethwe ngaphansi komthetho womdabu nangokomthetho wesiko.

NjengoNdunankulu kaHulumeni waKwaZulu waphambilini ngalesosikhathi, ngakho-ke ngabeka ngaphambi kweSishayamthetho saKwaZulu umthetho obusalungiswa ukubekwa wonke lomhlaba ku-Trasti, ubunikazi bawo bube ngaphansi kweNgonyama Isilo sethu, ukuze uhlale ubunikazi bawo bungaphansi kwemiphakathi buphatheke ngokomdabu kanye nangokomthetho wesiko. Njengoba uMthethosisekelo uthi uyakwemukela ukubakhona koBukhosi, kufanele-ke umhlaba uphathwe yiSilo umniniwo naMakhosi akhe.

Umthetho-sivivinyo lona kwalandelwa isigaba senqubo yonke, kwakusemini bebade futhi kwenekelwe-ke nangokuhlolisiswa ngabezindaba. Kwashicilelwa ku-Government Gazette kwaze kwanikezwa ezandleni kubaholi abehlukene be-ANC e-Skukuza Summit, ukuze babe nolwazi ngakho lokhu. Akwenzeka ebumnyameni, esithe. Kwenziwa emini libalele bha!

Umhlangano weSishayamthetho saKwaZulu wawuselungelweni lawo ukushaya umthetho waloluhlobo, futhi kwakungadingeki noyedwa, noma imvume kuhulumeni wobandlululo. Ingonyama Trust Act kwaba yisiqeshana sokugcina somthetho ukushaywa nguHulumeni waKwaZulu eseyosongwa. Kwathi ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, kwabanjwa nezinketho zokuqala zentando yeningi, kwathi umhlaba ubunikazi bawo obungaphansi kweSizwe saKwaZulu wasala ngaphansi kokuphathwa Ingonyama kaZulu, ngaphansi kwalomthetho naMakhosi.

Eminyakeni embalwa elandelayo, Ingonyama Trust Act kwaba nenkulumo-mpikiswano eyabanjwa ngokukhulu ukucophelela Esishayamthetho saKwaZulu kanye nasePhalamende likazwelonke ngo-1997. Yaba nezichibiyelo ezimbalwa, ekugcineni kwaba nokweneliseka kwawo wonke amaqembu. Lomthetho wasiwa ePhalamende eKapa ngo-1997 ukuba ucutshungulwe kuphele ukuwungabaza.

Kuwo lomgudu, empeleni kakukho noyedwa owaphikisa ukuthi – Ingonyama iphethe igunya lokuphatha umhlaba, futhi ukuthi Ingonyama ifanele ukuphatha leli gunya. Kwakudingidwa ngesikhathi seSishayamthetho senkulumo-mpikiswano ngomhlaka 11 Mashi ngonyaka ka-1997, kukhulunywa ngesiqeshana somthetho Ingonyama lapho uMhlonishwa uDkt ZL Mkhize, owayenguNgqongqoshe weZempilo waphambilini lapha eSifundazweni aphawula khona mayelana naloMthetho: ngimcaphume –
“(Lokhu) kuvumela lesi Sifundazwe ukuhlabela phambili ngohlelo lwentuthuko………… Ngifisa ukuqinisekisa ukuthi sesikwamukele futhi sikweseka ukuthi Ingonyama ifanele ukuba nguSihlalo weBhodi noma ngoyi Liso leSilo. Njengoba sonke sivumelene ngesiphakamiso sokuthi wonke umhlaba ubunikazi bawo ungoweNgonyama futhi kakufanele ukuba kushiwo-nje ngomlomo kuphela kodwa kufanele ukuba kubonakale ukuthi Ingonyama iyambandakanyeka siqu kulo Mthetho.”
Kusho uMhlonishwa uDokotela uMkhize, ngenhlahla manje osekunguye ophethe umnyango weZomdabu esingaphansi kwawo.

Ingonyama Trust isolokhu ihlezi ikhona ngokusemthethweni eminyakeni engama-24 eyedlule. Ingonyama Trust ukwaziwa kwayo kuqashelwe futhi kuhlonishwa yiNkantolo yoMthethosisekelo. Akukaze kubekhona noyedwa owake wabeka igama lokusola noma ukugxeka kokubakhona kwe-Ngonyama Trust Act ngemuva kobusuchitshelwe ePhalamende ngo-1997. Bekukhona kuphela izikhalo kunabakwezinye izifundazwe bethi thina Zulu sikhethwe ngokuba sinjani ukuba owethu’mhlaba uvikeleke nokuba ubesezandleni zeNgonyama eyengamele ibhodi yeNgonyama Trust.

Namhlanje kodwa, kunemisindo etswininizayo ethi kuhwaywe kucishwe uMthetho noma uchitshiyelwe umthetho ngomhlaba ngendlela engedlulisela izwe leSizwe saKwaZulu, kuHulumeni kazwelonke, ukungaphathwa yiSilo naMakhosi oHlanga, kodwa uphathwe nguNgqongqoshe weZokuphathwa kweNtuthuko eZindaweni zaseMakhaya noKuhlelwa kweZomhlaba. Ingonyama yethu yephucwe ubunikazi begunya layo lokwetshatha umthwalo wayo waseNdlunkulu, wokuba ngumgcini womhlaba. Kuyakubasiza lokhu ukuba baphumelele ukwehlisa isithunzi sokuhlonishwa kwesiqu ngokwesiko kweNgonyama embusweni osuphelelwe yisithunzi sawo. Nxa bekwenza lokhu abathi bazokwenza kobe kuphelile ngeNgonyama noBukhosi.

Lomsindo otshwazayo ophikisana nokuba khona kwe Ingonyama Trust Act okuqubuka wePhaneli Esezingeni Eliphezulu Ekuhlolweni Komthetho Nokusheshisa Uguquko Oluyisisekelo. NgeNgqungquthela yayo yama-54 Kazwelonke ngoDisemba ka-2017, i-ANC yaqaphelisa ngokuthi (ngiphawule) “…….. i-ANC KwaZulu Natali kade ilokhu iphakamisa imizamo yokuchithwa kwe-Ingonyama Trust”.

Ngakho isincomo sePhaneli kwakungesona esingalindelekile. Iphaneli yenganyelwe nguSihlalo uNobhala-Jikelele waphambilini kaKhongolose futhi owabe enguMengameli kaHulumeni, waphambilini, uMnu Kgalema Motlanthe. Yehluleka, ezimweni zayo, ukuhlangana kanye ne-Ingonyama Trust Board, neSilo saMabandla uNomthebe, neNdlu yaBaholi Bomdabu, neZindlu zeZifundazwe ngisho noma ne-CONTRALESA. Kayikaze yenze ngisho nomzamo owodwa wokulinga ukukhuluma nomsunguli we-Ingonyama Trust Act, mina ukuqondisisa isizathu esaholela ekubeni umthetho lona usungulwe, nokuthi kwaba yini isidingo sakho lokho. Yimi njengomsunguli wawo engingachaza lokho.

Kwathi lapho isincomo sePhaneli sesinwebekela kude sesiqhakambiswa emiphakathini ngobubanzi bayo, Ingonyama Trust Act yamumema uMengameli waphambilini uMnu Motlanthe ukuba akazobikela iBhodi kanye naMakhosi achaze ngomcabango walePhaneli. Isimemo kodwa kasizange silinge samukelwe. Esikhundleni salokho, kwathi ngeSiqongo se-ANC esimayelana noMhlaba ngenyanga kaMeyi kulo ophezulu, uMnu Motlanthe waciba ngokuhlasela kwakhe, ngokubiza abaholi bomdabu, “ngondlovu-kayiphendulwa basemakhaya abangamabhodwe-nje akhiwe ngethini, elinokuchoboka kalula.”

Kakuzange kube khona ngisho nalinye ilungu likaKhongolose elake lathi nje vu ngomlomo walo. Kakuzange kube khona nalinye ilungu likaKhongolose elake lamuphikisa noma bamhlome umbuzo ngalokhu. Iqiniso elimsulwa ngalokhu yikuthi lomholi wayekhipha, ephahluka izwi lenhlangano kaKhongolose elikade lisesifubeni sabo ngalolu daba. Emuva kwezinsuku ezimbalwa, kwathi ngesikhathi semibuzo ePhalamende ngenyanga eyedlule, iSekela likaMengameli uMnu David Mabuza enqwamana nemibuzo ngamacala abekwa uMnu Motlanthe ngokuthuka kwakhe abaholi bomdabu. Wehluleka ukuphikisa lezi zinsolo, waziba umbuzo weLungu lePhalamende, akaqhamuka nekhambi lokulungisa, wavele waqinisekisa ukuthi Umthethosivivinyo owuhlaka usukhona ukuze ususe umhlaba ophethwe yilaba baholi bomdabu, kanye asebesebenze bahola abantu bakithi izizukulwane ngezizukulwane.
Kuthe ngeviki eledlule, ngamenywa ngaBaholi boMdabu beNdlu kaZwelonke ukuzimazisa i-Lekgotla Ethekwini kanye nokukhuluma ngodaba lomhlaba njengefa eliligugu. Indlu yamema uNgqongqoshe woMnyango weZobulungiswa kanye neZokuhlunyeleliswa Kwezimilo ukuzokhuluma mayelana nesihloko esithi “Izinyathelo zeSahluko sesi-7 nese-12 zoMthethosisekelo maqondana namandla nemisebenzi yabaholi bomdabu, nomgudu oqonde ekuchitshelelweni kwesahlukwana sama-25 soMthethosisekelo”

Ngakho-ke nganqamula umhlangano weKomidi Lesigungu Esiphezulu weQembu lami ngayokwethamela i-Lekgotla ngosuku lapho uNgqongoshe wayefanele ukuba akhulume khona. Kodwa uNgqongqoshe uMasutha akazange abonakale nangalukhalo. Nokubasizwa-nje ukuthi ubanjwe yini ukuba angezi emhlanganweni waMakhosi onke aseNingizimu ne-Afrika

Kwathi emazwini ami okuphawula, ngakhumbula isibophezelo somhlangano ophuthumayo ongokukhethekile weKomidi leKhabinethi ngaphansi kobuholi bukaMengameli uZuma waphambilini, ngenyanga ka-Novemba ngonyaka ka-2000. Ezingxoxweni esibe nazo nabaHoli boMdabu Wokusebenzisana, iKomidi leKhabhinethi lavuma ukuthi iZahluko sesi-7 nese-12 zoMthethosisekelo kwakufanele ukuba zichitshiyelwe ukukhosela futhi zivikele iqhaza, amandla kanye nemisebenzi yabaHoli boMdabu, ukubhekana neMithetho yeZizinda zeMithetho yoMasipala. Leso sibophezelo kodwa kasizange sifezekiswe.

Ngike ngachaza ngesikhathi se-Lekgotla ngeviki eledlule eThekwini ngokukhathazeka kwami ukuthi ngabe uHulumeni uthatha abaholi bomdabu njengeziphukuphuku yini kanti? Lokho ngangikusho ngo-February emhlanganweni weNdlu yaBaholi Bomdabu kaZwelonke eyayikade ivulwa nguMengameli uRamaphosa eKapa. Akazange akhulume aqondise uMengameli uRamaphosa ngokuthi ukuchitshiyelwa kweSahluko sika-7 nesika-12 kuzokwenziwa yini njengoba kwethenjiswa Amakhosi ngonyaka ka-2000, kwethenjiswa nguMengameli uMbeki neSigungu sikaHulumeni – iKhabhinethi engangiyingxenye yayo. UMengameli uRamaphosa wavele wamunaza-nje, ekhuluma ngokungabikho kwesidingo sokuchibiyela uMthethosisekelo. Wakhuluma ngokucasuka embuzweni wami ukuthi ngabe bathatha Amakhosi njengeziphukuphuku yini. Wathi bona abawathathi Amakhosi njengeziphukuphuku. Emhlanganweni we-Lekgotla ngeledlule uNgqongqoshe uMkhize wathi kasikho isidingo sokuphakama kwemimoya ngaloludaba. Uthe kakukho ukujamelana phakathi kukaHulumeni naBaholi Bomdabu, nokuthi kakukho lutho oseluphothuliwe mayelana nohlwithwa komhlaba ezindaweni zabomdabu.

Ngimphendule ngokumkhumbuza ngeSinqumo sika-Khongolose, ngeNgqungquthela ka-Khongolose yama-54 kaZwelonke ngenyanga ka Disemba ka-2017, i-ANC yanquma “Ukusebenzisa Intando Yeningi ekulawulweni nasekuphathweni kwezindawo ezingaphansi kwelungelo lomhlaba womphakathi.” “Ukuhlwithwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo kufanele kube phakathi kwezindlela ezibalulekile…”

Ngaphezu kwalokho, umsindo wokucisha Ingonyama Trust Act waphuma kumuntu ongengaphansi ngesikhundla sikaNobhala-Jikelele we-ANC wangaphambili. Kakufanele yini lokhu ukuba sikuthwalele amehlo? Nginombuzo futhi ukuthi kungabe kwenziwa yini ukuba abaHoli boMdabu baphathwe kube sengathi phakathi kwezindlebe zabo kakunalutho kugeleza umoya nje kuphela?

Inkosi Patekile Holomisa, uMengameli we-CONTRALESA, wakhuluma ngokuvulelekile ngesikhathi se-Lekgotla, esikaza ukuthi sisungule kabusha i- Coalition of Traditional Leaders ukuphoqa uHulumeni ukuthi asihloniphe njengoba benza ngonyaka ka-2000. Kuliqiniso lokhu akukhulumayo njengoba bayibonisa inhlonipho ngokwanele i-Coalition of Traditional Leaders ukusihlanganisa ngokusebenzisa iKomidi leKhabinethi futhi ngisho nokuzibophezela ekuchitshelelweni komthethosisekelo. Kodwa lolo luhlobo lwenhlonipho kaluhambanga lwafinyelela kulokho empeleni ababethembise ukuthi bayokwenza.

Sekwenzeka konke lokho sibuka, kwathi mhla izinsuku zingu-11 enyangeni kaJuni ngonyaka ka-2018, Isilo saMabandla Onke sabiza uMhlangano we-Ingonyama Trust Board kanye naMakhosi ukuzozama ukuthola indlela eya phambili. Kwathathwa isinqumo sokuthi siyathatha indlela yezinkantolo ukuyocela inselelo Umbiko wePhaneli, nalezo zingxenye ze-KwaZulu Natal Traditional Leadership Act of 2005. Ukuthi Inkantolo kufanele ichazisise ngamandla eNgonyama ikakhulukazi ukuthi ngubani onegunya phakathi kweNgonyama kanye noHulumeni.

Sayikhuthaza futhi Ingonyama nxa ithi ifuna ukuba ibonane noMengameli uRamaphosa, sifuna ukuba uHulumeni ahlangane ubuso nobuso neSizwe saKwaZulu asitshele mayelana nohlelo lwabo lokuguqula izinhlelo. Izakhamizi zalapha KwaZulu Natali sezizwakalise ukungeneliseki mayelana nezinhlelo zokuhlwithwa kwemihlaba yemiphakathi. Ingonyama Trust Board kayihambisani nakho lokhu. Indlu yoBuholi Bomdabu Esifundazweni kayihambisani nalokhu. Ngisho uNdunankulu weSifundazwe, onguNdunankulu ka-ANC, usekhulumile ngokungahambisani nalenqubo-mgomo yeqembu elibusayo ngaloludaba lweNgonyama Trust Act.

Kodwa kuze kufike isikhathi lapho uMengameli ekhuluma khona nathi, kuyakusala sona isimo sokungabi nasiqiniseko. UHulumeni akakwazi ukuziba ukuzichaza ukuthi wenzani. Isizwe sakithi sifanelwe ukuthola izimpendulo. Sifanelwe okungenani yilelo zinga lenhlonipho. Kodwa eqinisweni, sifanelwe ngokungaphezulu kwalokho. Sifanelwe ukugcina umhlaba wethu sithokozele igunya leNgonyama yethu.

Isizwe samaZulu sinenhlonipho engenamkhawulo eSilweni sethu. Akesilalele manje lapho Ingonyama ikhuluma kithi ngosongo olungelapheki ebuhlangeni bethu, isithunzi kanye nomoya wokubumbana. Kungukuhlonipheka kwami ukuba ngethule uNomthebe wethu Ingonyama yeSizwe samaZulu.

Media Enquiries:
Mkhuleko Hlengwa MP
IFP National Spokesperson
071 111 0539

Recent Headlines

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP is deeply saddened by the passing of Rev. Bekizipho Khulekani “BK” Dludla, who was called to rest in the early hours of today aged 99. Cebisa was a devoted spiritual leader and community pillar in his long life of service and faith. Rev. Dludla touched...

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

WhatsApp