INCWADI EYA KUMHLELI EPHENDULA UMBHALO KAMNTU FRED KHUMALO NGOMNTWANA WAKWAPHINDANGENE

Oct 28, 2016 | Press Releases

Mhleli
Isolezwe
17 October 2016

Hawu!! Ngethuke kwaphela nasozwanini ngifunda ephepheni lakho Isolezwe ngoLwesihlanu (14 Mfumfu 2016) ekhasini leshumi nesishiyagalombili ngaphansi kwesihloko esithi”NGUYE LONA UBUTHELEZI OWAYENGUNDUNANKULU?”

Bekuthi nxa ngifunda imibhalo elotshwe nguFred Khumalo ngisho esabhalela iphephandaba iSunday Times bese ngiphawula ukuthi ubunono nendlela Isingisi esicwengwe ngayo ngimhalalisele. Ebengingeze ngingakunaka ukuthi ukukhuluma isingisi esiphezulu akusho ukuthi uhlakaniphe kakhulu.

Amanga yinto ekhona emhlabeni kusukela kwabakhona iqiniso kodwa ebengingakwazi ukuthi kanti namanga aseyafundelwa. Ilumbo leli eliphekwa nguMntungwa ngoMntwana waKwaPhindangene, Inkosi Mangosuthu Buthelezi. Into ezondwa nguMntwana waKwaPhindangene inzondo, amanga kanye nodlame noma ngabe luqhamuka nobani noma ngayiphi indlela.

Ngenkathi kunegugu lokuwela imingcele kuyofundelwa ukulwa ngezikhali emazweni angaphandle waba nyamanambana kwabanye ngoba ethi ukuchitheka kwegazi akusona isisombululo senkinga ngoba kuyofa abantu nabangazi ukuthi kwenziwani kodwa enxenxa amazwe omhlaba ukuba alekelele ekutheni kuyiwe enkundleni yokubonisana ngokuthula ukuze kubekhona inhlalakahle kuwona wonke umuntu walelizwe.
Imfundisoze eyatshalwa izitha zombusazwe zeNkosi Mangosuthu Buthelezi kuyadumaza ukuthi ixhwatha ngisho emakhanda abantu bokudabuka lapha KwaZulu-Natali nokuthi kwabona bazama ukuyichaza kangcono ukwedlula abasunguli bayo.

Kufikisela umunyu uma umbhali onjengoMnu Fred Khumalo ekhuluma kanje ngoMntwana azi kahle kamhlophe ukuthi abaphehli bempi neyadala ukubulalana kwabantu ngeminyaka yawo-1980 ngobani. UMnu Khumalo uyayazi incwadi ebhalwe ngu-Dr Anthea Jeffery ethi “The People’s War “ekhuluma ngempi yabantu nokuthi yayihloseni ngempela engaphenjwanga nguMntwana waKwaPhindangene. Ngisho imiphumela yeKhomishana yamaqiniso akukho lapho uMntwana abanesandla ekuchithekeni kwegazi. Cha bengithi uphusile ngokucabanga mfoka Mntungwa kodwa nxa usakholelwa ekutheni iNkosi Buthelezi ithatha amashansi ngezindlebe zenu ngiphelelwa ukukwethemba. Udaba luka 1983 kumele uMashobane afunde umbiko weKhomishana ka-Leon hayi into ayincela esithupheni sakhe.

Lento oyishoyo ifana ncimishi nalena omunye uMholi othe ekhuza imibhikisho eyenzeka ezikhungweni zemfundo ephakeme njengamanje wathi “Intsha kufanele ifunde entsheni yango-1976 eyayingashisi nokucekela impahla phansi”. Isikole samanga esingasho lokho. Empeleni kwakushiswa izikole kucekelwe phansi ngisho izimoto zabantu kanye nemizi ngenkathi intsha ibhikisha sekuneziqubulo ezithi “Freedom Now. Education later” okwathi yena uMntwana waKwaPhindangene waziphosa emaklobeni omlilo wendluzula ekhuza ukuba impahla ingacekelwa phansi ngoba eyezithukuthuku zawo umphakathi nokuthi wathi intsha ayifunde ukuze iphathe izwe emveni kwenkululeko waze wasungula isiqubulo esithi “Education for Freedom”.

Angifisi ukungena empini ehleliweyo yokucekela phansi uMntwana waKwaPhindangene ngokwezombusazwe kanye nokwehlukanisa umphefumulo nenyama yakhe, lokho ungakwazi kahle ngezehlo ezazihleliwe ngo-1976 izingane Ongoye zithela ngotshwala imoto yenkosazana yeSilo sasOsuthu uMntwana uMagogo kaDinizulu, udaba lwasemngcwabeni ka Mnu Robert Sobukwe ngo1978, kanye nezehlo zakwaPhangode ngo1984. Kubi Mashobane ukugiya ngethambo loMntwana esisebenzele kangaka isizwe impilo yakhe yonke engabheke nzuzo.

Abaphehli bozuthu kwi-Vaal Triangle babeze bacele yena uMntwana ukuba izingane zabo zizofunda KwaZulu lapho uMntgwana waKwaPhindangene ebengu Ndunankulu khona ngoba kwakuthule khona futhi kufundwa kwaze kwafika i-UDF nempi yabantu izama ukucekela phansi izakhiwo njengoba namanje ukhondolo lwemfundiso yangaleso sikhathi isaqhubeka.

uMhlonishwa uMengameli wokuqala uMnu Nelson Mandela obexhumene noMntwana ngisho esesejele iRobben Island kuze kube uyaphuma basebenza ndawonye yingoba akaxhilwanga intuthu elimaze ngisho ukucabanga kukaMnu Fred Khumalo ngobuqotho, ukwethembeka kanye nokuzinikela koMntwana kwi-Ningizimu Africa izwe alikhonzile nalithandayo.

Ikhishwe:
Mnu Blessed Gwala, uSihlalo kaZwelonke weQembu leNkatha

Recent Headlines

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

By Hon Vf Hlabisa MP President of the Inkatha Freedom Party Minister of Cooperative Governance and Traditional Affairs Ndwedwe: Sunday, 23 February, 2025 The Mfayela Family - Members of the IFP National Executive Committee (NEC) – The Prince Mangosuthu Buthelezi...

WhatsApp