INKULUMO EYETHULWE UMHLONISHWA MRS NJ NKWANYANA ENEWCASTLE KUHAMBELE ISISHAYAMTHETHO
Somlomo Ohloniphekile!
Abantu abadala bathathwa njengezinsika kanye nezinqolobane zomlando kepha isimo sabo asigwinyisi mathe ngenxa yokwehluleka kukahulumeni ukubabhekelela.
Namhlanje njengoba sibuthene lapha phambi kwezinkumbi zabantu eNewcastle sizodingida kabanzi ngodaba oluyinkiyankinya umchayo wamamboza lokuphuculwa kwezimpilo zabantu akufanele nakancane sisenge ezimithiyo sithi konke kuhamba kahle sibe sihhubhuza amanga aluhlaza. Kepha kumele sibeke amaqiniso njengoba enjalo ukuthi cha uhulumeni kuningi okusamele akwenze ukuphucula izimpilo zabantu abadala.
Njengembu leNkatha sikhathazekile ekutheni nakuba uhulumeni eqhakambisa abantu abadala ngokuthi bayinqolobane yolwazi kodwa izenzo zakhe ziyaphikisana nalokho asuke ekusho kanye nezethembiso asuke ezenza. Kuphela siyaye sibone uhulumeni ngezikhathi ezithile enza izicagogwana zemicimbi ethi ujabulisa abantu abadala ngokuthi abanikeze izingubo zokulala kanye nezijumbana zokudla nokuyinto ayenza ngankathi. Ngabe izinkinga zabantu abadala zixazululwa ngosuku olulodwa ngezijumbana zokudla nobhulankethi bokulala?
Angithi baningi abantu abadala abahlala ezindlini eziwayo abanye bahlala emikhukhwini kepha uhulumeni elokhu ethi uyabanakekela abantu abadala. Ngabe ukubanakekela lokho uma behlala emikhukhwini behlala ezindlini eziwayo abanye babanjelwa izimali emiholweni yabo yempesheni kwa-Sassa kuthiwe bathenge ugesi ne-Airtime bebe bengazi kwakuthi lezozinto zithengwa kanjani? Angithi njengamanje kuvalwe amahhovisi eMfolozi lokhu osekuholele ekutheni abantu abadala abahola impesheni bahlupheke ngabe nalokho kusachaza kona ukuthi abantu abadala bayabhekelelwa uhulumeni? Akake ame uhulumeni ukudlala ngemizwa yabantu ngoba okunye kwenziwa ngenxa yokulambela amavoti abantu abadala kuphela.
Njengeqembu leNkatha sikhathazekile ngokwanda komkhuba osudlangile lapho kuhlaselwa khona abantu abadala benukwa ngokuthi bayathakatha bese bebulawa ngendlela enesihluku abanye bashiswe nezindlu belele noma badutshulwe. Kuyadinga ukuba uhulumeni angenelele kuloludaba oseluphenduke insakavukela umchilo wesidwaba. Bangaki nje abantu abadala asebendela kwelamathongo ngenxa yokubulawa ngoba besolwa ngokuthi bayathakatha? Ngaphezu kwalokho kuyashaqisa ukwanda kwezigameko zokudlwengulwa kwabantu abadala bedlwengulwa abantu abalingana namadodana abo kanye nabazukulu babo. Ngempela kulezozigilamkhuba unembeza wazo uthini uma bezwa abantu abadala bekhala becela uxolo ngenxa yamanyala abasuke bewenza kubona? Isizwe esinjani lesi esingenandaba nabantu abadala? Sihlulwa yini ukuvikela abantu abadala?
Okunye okusikhathaza kakhulu njengeqembu leNkatha udaba lokuzingelwa kuphinde kubulawe abantu abaphila nebala elimhlophe. Lesigaba somphakathi kulemihla esiphila kuyo sizithola sesiphenduke izinyamazane uqobo ngenxa yokuzingelwa abantu abafuna izicubu zomzimba kanye namafutha abo ngoba nje kunenkolelo yokuthi ayasiza ekutheni abantu bacebe babe zinjinga. Hloboluni lomphakathi lolu oluthi luhleli lube lucabanga ukuzingela abantu abanebala elimhlophe. Kufanele sibabonge abantu abafana nomelaphi wendabuko uMnu James “Godolulalamankankane” Mthembu wasePhelandaba eManguzi owasindisa izingane ezinebala elimhlophe sezidayiswa owesifazane ukuze zibulawe khona ezothola imali.
Uma bonke abalaphi bendabuko bengafana noMthembu inkinga yokuzingelwa kuphinde kubulawe abantu abanebala elimhlophe inganqandeka. Kumele uhulumeni abajezise kanzima abantu abatholakala nezicubu zabantu ngoba inyanga yangempela ayilaphi ngezicubu zabantu. Nakuba kunjalo naye uhulumeni uqobo kumele azibhekele zonke izidingo zabo abantu abaphila nebala elimhlophe njengoba besakhala namanje ukuthi izidingo zabo zezempilo ezihambelana ngokwesimo sabo azitholakali kalula njengezigcobisi eziyizivikeli emzimbeni wabo. Ake uhulumeni alusukumele udaba lwabantu abaphila nebala elimhlophe. Somlomo, Kuningi okuhlezi kukhulunywa ngodaba lokubhekelelwa kwezidingo zabantu abaphila nokukhubazeka. Abantu abaphila nokukhubazeka namanje basabhekene nenkinga yokungakwazi ukuqashwa ngisho eminyangweni kahulumeni kanye nakomasipala ngenxa yokucwasa. Uhulumeni wathembisa ukuthi uzonyusa isibalo sokuqashwa kwabantu abaphila nokukhubazeka ngamaphesenti amabili kodwa namanje uyehluleka ukwenza lokho. Kungaba kuhle ukuthi yonke iminyango kahulumeni nomasipala bakwazi ukuba nohlelo oluqondile lokubhekela abantu abaphila nokukhubazeka ngoba ukukhuluma kepha ungenzi kufana nokuthela amanzi phezu komhlane wedada. Uma uhulumeni engababhekeleli abantu abaphila nokukhubazeka uqonde ukuthi abashone kuphi? Abaphile ngani uma bengaqashwa?
Njengoba silapha namhlanje ngiyathanda ukuphonsela inselelo iminyango yesifundazwe ekhona lapha ukuthi itshele izwe ukuthi bangaki abantu abaphila nokukhubazeka ebaqashile? Nezikhulu zikamasipala walapha eNewcastle azitshele izwe ukuthi bangaki abantu abaphila nokukhubazeka ezibaqashile ukuze kubonakale ukuthi ngempela zidingo zabantu abaphila nokukhubazeka ziyabhekelelwa. Enye inkinga ebhekene nabantu abaphila nokukhubazeka udaba lokuthi ezinye izakhiwo eziningi azikho esimweni esivumelana nesimo sabo njengoba kwezinye izindawo zingekho izindawo ezakhiwe ezinendawo yokuhamba izihlalo ezinamasondo phecelezi ama-wheelchair. Ngaphezu kwalokho izinto zokuthutha umphakathi njengamatekisi kunzima ukuthi abantu abahamba ngezihlalo bawagibele njengoba kumele umuntu afukulwe uma egitsheliswa bese kugoqwa isihlalo ukuze singavimbi indawo.
Enye inkinga ebhekene nabaphila nokukhubazeka izindawo ezidayisa ukudla okusheshayo emadolobheni lapho uthola ukuthi azikho izindawo ezakhelwe abaphila nokukhubazeka kubalwa ngisho izindlu zangasese imbala. Angeke yini kwaba isu elihle lokuthi nasezindaweni zasemakhaya kube nezinto zokuthutha ezifana nezasemadolobheni ikakhulukazi amabhasi akhelwe ukwamukela ngisho abagibeli abaphila nokukhubazeka? Ngabe izitimela zona angeke nazo zaphuculwa ukuthi zikwazi ukubhekelela abaphila nokukhubazeka?
Mingaki iminyango kahulumeni kanye nezitolo ezinezindlela zokuxhumana nabantu abaphila nokukhubazeka? Uma umuntu onenkinga yokuzwa ezindlebeni noma ukukhuluma bangaki abantu ababhekele leso simo eminyangweni nakwezinye izindawo na? Angithi lenkinga ikhona ngisho eziteshini zamaphoyisa lapho uthola ukuthi akukho muntu oqeqeshelwe ukubhekana nabantu abaphila nokukhubazeka ikakhulukazi abangakwazi ukukhuluma kanye nokuzwa ezindlebeni? Uma sikhuluma ngabantu abaphila nokukhubazeka kumele sikhulume iqiniso singasengi ezimithiyo ngoba kuningi uhulumeni ahlulekayo ukukuhlinzeka okuyizidingo zabo.
Somlomo iqembu leNkatha liyathanda ukweluleka yonke iminyango kahulumeni nomasipala ukuthi ake inyuse amasokisi iphucule zonke izidingo zabantu abadala kanye nazozonke izigaba zomphakathi ezizizwa zishiywe ngaphandle uhulumeni ohlezi uzishaya isifuba uthi unakelela abantu. Abasemagunyeni ababe nonembeza ngezinkinga ezibhekene nabantu bese begcina ngokugcwalisa izisu zabo kanye nezemindeni yabo.
Ngiyathokoza,