INKULUMO-MPIKISWANO YEQEMBU I-IFP MAYELANA NESETHULO ESENZIWE NGUMHLONISHWA C.J PAPPAS WE-DA

Oct 24, 2019 | Press Releases

 

MHLONISHWA P.N MSIMANGO

MHLONISHWA SOMLOMO

NGIVUMELE Mhlonishwa ukuba ngiqale ngokuba ngishayele ihlombe ngincome uMhlonishwa uPappas ngalesi sethulo esimqoka kule ndlu. Sekuyiminyakanyaka iqembu iNkatha liphakamisa ukuthi uHulumeni afake uxhaso lwemali emkhakheni weZolimo kwisifundazwe iKwaZulu-Natal ukulwa nobubha obukhungethe imindeni ngenxa yokuntula amathuba emisebenzi.

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi ezolimo yizo ezingakhipha abantu bakulesi sifundazwe endlaleni nakububha obusikhungethe. Imibiko yakamuva ethi elakuleli iphunyukwe amathuba okwakha imisebenzi kwezolimo alinganiselwa ku-43 000 eminyakeni emine edlule akusethusi nakancane ngoba kuncane kakhulu uma kukhona okwenziwe ilomnyango ukucwaninga, ukuthuthukisa, nokuqhamuka nezindlela ezintsha zokuthuthukisa ezomnotho zakulesi siFundazwe sethu.

Sekukaningi siyiqembu iNkatha sinxusa uHulumeni ukuba afukule abalimi abasafufusa ngokubaxhasa ngengqalasizinda ukuze kwakheke amathuba emisebenzi. Kudingeka uhlelo olunqala lokubeseka olufaka phakathi ulwazi lokuthola imali yokuqala umsebenzi, ulwazi olumayelana nentengo yomkhiqizo nobuchule obusetshenziswa ezimakethe. Kuyadumaza ukuthi uHulumeni nomnyango wezoLimo bayehluleka ukwenza lokhu njengoba ubufakazi kwalokhu kuwukufadalala kwezoLimo kanye namathuba emisebenzi kulesifundazwe.

Ukunikezelwa ngezinsiza ezifana nogandaganda nezimbewu ezinganele akwenzi mehluko futhi akwenele ukutakula imiphakathi ekhungethwe ububha obesabekayo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhay. Isomiso sifaka usawoti enxebeni kubalimi njengalokhu amadamu nemifula kushile kanti nezitshalo ezingavunyelwe kuleli zidla lubi. Siyanxusa ukuthi umnyango wezoLimo ulusukumele phezulu lolu daba njengoba nemfuyo ifa ngenxa yesomiso. Ukufa kwemfuyo ngenxa yesomiso ezindaweni zasemakhaya okubikwa emaphepheni ahlukene, ezintsha izigameko zibikwe kwiphephandaba iSolezwe lomhlaka-22 October 2019 lapho ifa ubuthaphuthaphu ezindaweni ezahlukene.

Sinxenxa ukuthi uMnyango uqaphe ngeso lokhozi udaba lwemikhiqizo yolimo enamakhemikhali nezikhuthazi ezinobungozi ezimpilweni zabantu ngokuthi wenze ucwaningo olufanele ngaphambi kokuba lemikhiqizo yezolimo iqhubeke nokusatshalaliswa.

Sifuna umnyango uchaze kabanzi ngezinhelo onazo ezibeka ezolimo eqhulwini ezihambisa nohlelo likaMengameli Ramaphosa lwe-4th Industrial Revolution lokuzama ukufukula umnotho. Ngabe uzokwazi yini umnyango wezolimo ukukwenza lokhu ekubeni umbiko woMcwaningi Mabhuku owethulwe kwiSCOPA ngeviki eledlule, uveze ngokusobala ukuthi lo mnyango wehlulekile ukusebenzisa imali engaphezu- kukaR100 million wokuxhasa abalimi wagcina ngokuphinda emuva.

Kuze kube manje uHulumeni uyehluleka ukuphenya ubophe iziphathimandla ezakhwabanisa zisebenzise izimali zomphakathi ngendlela engekho emthethweni. Kunyaka odlule ikhuphuke yafinyelela ku R715 757 million imali esetshenziwe ilomnyango ngokungekho emthethweni ekubeni yayilinganiselwa ku-R590.40 million ngonyaka ka2017. iNkatha izilindele ngamehlo abomvu izinhlelo nezinyathelo ezizothathelwa izisebenzi zomnyango ezibandakayeka ekudliweni kwemali ngokungekho emthethweni, nokuthi izobuyiswa kanjani lemali yabakhokhi- ntela.

Sinxusa ukuba uMhlonishwa uNdunankulu uSihle Zikalala angenelele ngokushesha kulo ludaba ngokuthi asinike umbiko ogcwele ngemiphumela yophenyo olwenziwa uhlelo lwe-Special Investigations Unit ngaphansi kwalomnyango. Iningi imali ekhokhwa iminyango kaHulumeni walesifundazwe ukuqhuba lolu phenyo kodwa kusacwebe iziziba ngemiphumela eminingi. Sinxusa nomcwaningi mabhuku ukuba asebenzise amandla akhe ukuqinisekisa ukuba iyadluliselwa phambili imibiko etholakale ocwaningweni lawo ukuze abathintekayo bagcine bethathelwe izinyathelo zomthetho ezifanele.

Inkohlakalo idla lubi kulomnyango njengoba kuxhaswa izinkontileka eseziphelelwe yisikhathi. Imali inikwa izigilamkhuba kusetshenziswa inkohlakalo enuka phu. Kulo mnyango ikwaMachanca kwampunz’ edl’ emini.

Nokho siyishayela ihlombe iNhloko entsha noMqondisi woMnyango ngemizamo yabo yakamuva yokubuyisela isimo sokusebenza emnyangweni esifanele. Imizamo yabo ingagcina iphelele ezeni uma kungaphenyisiswa imigulukudu engaphakathi kulo mnyango ekuyiyona engagcina iyimigoqo evimbe endleleni okwenza lomnyango wehluleke ukudala imithuba emisebenzi.

Sinethemba lokuthi uNgqongoshe kanye nobuholi obusha emnyangweni bazokwenza uguquko olubonakalayo kulomnyango balusukumele phezulu loludaba ukuze kusizakale abalimi kanye nabantu abadla imbuya ngothi bakwazi ukuziphilisa ngezolimo nesimo somnotho sisimame kanye namathuba omsebenzi.

Ngiyabonga Somlomo.

Recent Headlines

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

By Hon Vf Hlabisa MP President of the Inkatha Freedom Party Minister of Cooperative Governance and Traditional Affairs Ndwedwe: Sunday, 23 February, 2025 The Mfayela Family - Members of the IFP National Executive Committee (NEC) – The Prince Mangosuthu Buthelezi...

WhatsApp