Iqembu leNkatha Yenkululeko (IFP) KwaZulu Natali linxusa uhulumeni ukuba angazivali izikole ngaloluhlelo lwakhe lokuguquguqula isimo zemfundo (Transformation of the schooling system – TSS).
Eminyakeni ecishe icele eshumini eyedlule, umnyango wezemfundo waqala uhlelo lolu lokuguquguqula isimo semfundo ezweni. Loluhlelo lubalula izikole ezithile ukuba zisesimweni esintengayo sokungakwazi ukuphakela imfundo ngemfanelo, ngakhoke kufanele zivalwe kumbe zimbandakanywe nezinye ezingomakhelwane zenziwe zibe yisikole esisodwa. Izikole ezivalwayo yilezo zamabanga aphansi (Primary schools) ezinenani labafundi abangama – 135 nangaphansi, ebese kuba ezamabanga aphezulu ezinenani labafundi abangama – 200 nangaphansi.
Ngesikhathi uNgqongqoshe wezemfundo KwaZulu Natali uMhlonishwa Kwazi Mshengu ephendula umbuzo obubuzwe yilungu le-IFP kwisishayamthetho saKwaZulu Natali uMnu Mntomuhle Kwawula, obubuza ukuthi yilokhu lwaqalwa loluhlelo sezibe zingaki izikole esezivaliwe esifundazweni, uNgqongqoshe uthe zingama – 236. Umbuzo uphinde wabuza ukuthi zingaphi izikole ezicathamelwa ngejozi lokuba zivalwe kusuka manje kwisifunda ngasinye KwaZulu Natali. Impendulo inikeze lezizibalo ezilandelayo ezishaqisayo:
- Amajuba – 28 Izikole
- Harry Gwala – 100 Izikole
- Ilembe – 106 Izikole
- King Cetshwayo – 105 Izikole
- Pinetown – 14 Izikole
- Ugu – 85 Izikole
- Umgungundlovu – 101 Izikole
- Umkhanyakude – 63 Izikole
- Umlazi – 12 Izikole
- Umzinyathi – 106 Izikole
- Uthukela – 57 Izikole
- Zululand -162 Izikole
Sezizonke izikole eziwela kulelizembe kwisifundazwe ziba ngama – 939. Umnyango uthi loluhlelo luzohlengahlengiswa ukulandela imigomo ethize kancane kancane iminyaka ize ibe mihlanu ezayo.
Iqembu LeNkatha Yenkululeko lithi lokhu kuvalwa kwezikole kakwamukelekile futhi kufanele kumiswe ngokushesha. Uma izikole zivalwa ngokwaloluhlelo, izindawo ezisemakhaya zesifundazwe kuba yizo ezikhahlamezeka kakhulu. Okucacayo wukuthi ngenxa yohlelo lwezikhathi zobandlululo lwezimo zokuhlaliswa kwabantu, kunamuhla abantu bayafuduka ezindaweni ezisemakhaya nasemalokishini baya emadolobheni. Lokhu kuyisimo esenzeka umhlaba wonke ngenxa yezizathu zenhlalo, ezomnotho kanye nezinye. Ngakhoke izindawo zasemakhaya kanye nasemalokishini okuyizona ezakhahlamezeka kakhulu ngokunganakekelwa ngendlela efanele esikhathini esedlule, namanje kuhulumeni wentando yeningi yizo futhi ezithwaliswa kanzima ngokuvalwa kwezikole.
Iqembu leNkatha Yenkululeko selikusho kaningi ukuthi uhlelo lokwabiwa kothisha (PPN) alufanele lwenziwe uziyokufa ngamvuyinye ngenxa yalezizathu ezingafani zokuhlaliswa kwabantu. Kunokuba kugijimelwe ukuvala izikole, kufanele uhulumeni abuyekeze uhlelo lwe – PPN luhambisane nezimo ezahlukahlukene zezindawo.
Njengoba kusabhilite nombulali womkhuhlane ongu – COVID 19 emhlabeni, kungenzeka nezibalo zabafundi kube ngesezinciphe kakhulu uma kuvulwa ukusebenza kwezikole, ikakhulukazi khona emakhaya nasemalokishini. Uma-ke loluhlelo luqhubeka, luzokuba yimfe ephindiwe ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.
Kulezi zikole uhulumeni asezivalile kuleminyaka eyedlule, ushiye imiphakathi nesethembiso sokuthi abafundi bazolethelwa okokuthutha ukubephula kulamabanga engeziwe ebesekufanele bawahambe. Njengokwejwayelekile kulohulumeni, lesisethembiso ezindaweni eziningi sigcine siwukubamba utalagu ngezandla.
Kuyaphela.
Kungathintwa : uMhlonoshwa Mntomuhle B Khawula (MPL)
Ilungu lekomiti lezemfundo kwisishayamthetho saKwaZulu Natali.
Inombolo – 071 207 9445
13 Meyi 2020