Sekunesikhathi eside izinhlaka zobuholi babasubathi esifundazweni KwaZulu Natali zibhukuda ezinkingeni. Lokhu kuze kwaholela ekubeni buhlakazwe ubuholi bezabasubathi kulesifundazwe. Ingqungquthela yokukhetha ubuholi babasubathi ebingempelasonto esiphuma kuyona KwaZulu Natali inikeza ithemba.
Egameni likaMhlonishwa VF Hlabisa, uMholi weQembu eliphikisayo ngokusemthethweni esishayamthetho KwaZulu Natali, nonguMongameli weQembu leNkatha Yenkululeko, sedlulisa amazwi okubongela uMnu Steve Mkasi, uMongameli okhethiwe weKzn Athletics, nekomiti lakhe lonke, kanye nabo bonke ubuholi obukhethiwe babasubathi KwaZulu Natali. Amazwi akhulunywe ngu Mnu Mkasi, uMongameli, uma eqeda ukukhethwa anikeza ithemba. Umongameli unxuse abasubathi kanye nazo zonke izinhlaka ukuba kuqalwe kusetshenzelwe ubunye benhlangano. Ugcizelele ukuba iKwaZulu Natali isebenze kanzima ukuze ibalwe nezifundazwe ezihamba phambili kuzona zonke izinhlelo zabasubathi eNingizimu Afrika.
IQembu leNkatha Yenkululeko lihamba kuwo lamazwi kaMnu Steve Mkasi obumbano nokukhuluma ngokukhululeka ngaphakathi enhlanganweni. Ubuholi obukhethiwe kufanele benze umsebenzi ngobunono, buhole ngeqiniso, ubunono ehovisi, ikakhululukazi kube nobunono kanye neqiniso ekuphathweni kwezimali zenhlangano, okuyiyonanto edale umsindo omkhulu esikhathini esedlule. Kufanele kuqikelelwe ukuthuthukiswa kwabasubathi abasafufusa kuzona zonke izifunda esifundazweni ukuze kuqinisekiswe ikusasa eliqhakazile labasubathi.
Sinxusa ubuholi ukuba buqikelele ukuthuthukiswa kwamazinga abasubathi ngokufanayo phakathi kwezindawo ezingamadolobha, amalokishi kanye nezindawo zasemakhaya, kungabibikho abasalela ngemuva ngenxa yezindawo abahlala kuzona. Lokhu kudinga iso elibukhali ebuholini.
Siyizakhamizi zesifundazwe kanye nabantu balesifundazwe simi kanye nani basubathi bethu esibathandayo kanye nobuholi benu. Sinifisela okuhle kodwa kulesikhathi eninikezwe sona nathenjwa inhlangano ukuba nihole nithuthukise izinga lezemidlalo esifundazweni sakithi.
I-KwaZulu Natali izothuthuka ihlonishwe ngenxa yamagalelo enu uma nenze naphinde nahola kahle emsebenzini eniwunikeziwe. IQembu LeNkatha YeNkululeko lithi phambili nezemidlalo ezisezingeni elithuthukayo KwaZulu Natali.
Ikhishwe ngu : Mntomuhle B Khawula (Okhulumela iQembu LeNkathe YeNkululeko kwezemidlalo KwaZulu Natali)
Inombolo yocingo : 071 207 9445
ngoLwesithathu mhlaka 07 April 2021