ISITATIMENDE SABEZINDABA – NGESONTO MHLAKA 14 KUNHLANGULANA 2020

Jun 15, 2020 | Press Releases

ISITATIMENDE SABEZINDABA  – NGESONTO MHLAKA 14 KUNHLANGULANA 2020

UHULUMENI MAKACACISE NGEZINHLELO ZOKUBUYELA KOKUSEBENZA EMAHOVISI

Iqembu leNkatha Yenkululeko (IFP) KwaZulu Natali likhathazekile ngokudideka okukhungethe izikhungo namahovisi kahulumeni kuzwelonke nasezifundazweni mayelana nokuthi yibaphi abasebenzi bakahulumeni asebebuyele emsebenzini, yibaphi abangakabuyeli.

Ngomhlaka 4 kuNhlangulana 2020, bonke othisha KwaZulu Natali bakhonjwe ngumqashi ngenjumbane ukuba babuyele emsebenzini. Ngomhlaka 8 kuNhlangulana 2020, abafundi bebanga lesi-7 nele -12 babuyiselwe ezikoleni. Amanye amabanga azobuyiselwa kancane kancane ngokuqhubeka kwesikhathi. Ngasohlangothini lothisha, bonke babuyiselwe emsebenzini ngokungakhethile ukuthi lowothisha ufundisa ibanga lesi-7 nele-12 noma cha.

Kunokudideka kweminye iminyango kahulumeni mayelana nokuthi yibaphi abasebenzi asebebuyela nabangakabuyeli emisebenzini yabo. Iqembu leNkatha Yenkululeko likhathazekile  ngokuthi mayelana nothisha, umyalelo ubuqonde ngqo ukuba bonke babuyele emsebenzini ngomhlaka 4 kuNhlangulana. Kepha kulena eminye iminyango kuhulumeni akucaci kahle . Kubukeka kukwamazibonele. Abathandayo bayabuyela, abangakathandi bazihlalele emakhaya.

Isikhungo sokulawulwa kwabasebenzi bakahulumeni eNingizimu Afrika sinomnyango owodwa. Ngakhoke uhulumeni makaqede lokhu kudideka. Nanjengoba kwenzekile kothisha, uma neminye iminyango kahulumeni isivula ukusebenza, makube nomyalelo ocacile kubasebenzi bakhe ukuthi babuyela kanjani emsebenzini.

Ngokunjalo nabahlonishwa oSomlomo ephalamende likazwelonke nakumaphalamende ezifundazwe mabacacise ukuthi wubani osebuyela emsebenzini futhi wubani ongakabuyeli, ngoba yini?

Kuyaphela.

Kungathintwa : uMntomuhle B Khawula- Ilungu Sishayamthetho saKwaZulu-Natali

Inombolo – 071 207 9445

Recent Headlines

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP is deeply saddened by the passing of Rev. Bekizipho Khulekani “BK” Dludla, who was called to rest in the early hours of today aged 99. Cebisa was a devoted spiritual leader and community pillar in his long life of service and faith. Rev. Dludla touched...

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

WhatsApp