Friday 21st May 2021 – Pietermaritzburg
By – Hon Mntomuhle B Khawula : IFP
Mhlonishwa Sihlalo
Mhlonishwa Ngqongqoshe
Mhlonishwa Bulawayo – Umholi weQembu Eliphikisayo Ngokusemthethweni
Abahlonishwa Amalungu Alendlu
Bafowethu noDadewethu
Egameni leQembu LeNkatha Yenkululeko, mangiqale ngokuthokoza kuSihlalo weKomiti, ngokubambisana okuncomekayo kweKomiti ukuqinisekisa ukusetshenziswa ngendlela kwezinsiza zikahulumeni nokwalusa lomnyango esithunywe kuwona.
Ngithunywa wuMholi weIFP kuleNdlu ukuba ngincome kakhulu umsebemzi omuhle owenziwa ngamaqembu ebhola lezinyawo aKwaZulu Natali kulesizini esikuyo. Lapha ngibala AmaZulu FC, Usuthu, iLamontville Golden Arrows, Abafana Besthende, iMaritzburg United. Kanjalo naku GladAfrica Championship, amaqembu aKwaZulu Natali enza kahle kakhulu kulesizini. iLog yakhona ibiholwa phambili abafana be Royal AM, kanti iRichards Bay FC ingaba sembangweni wokuhlunga uma kuphela isizini. Ngesizini ezayo Usuthu luzobe lugijima emidlalweni yeCAF lumele iNingizimu Afrika, okuyofanele silunike uxhaso sonke siyisifundazwe. Ngokunjalo Mhlonishwa Ngqongqoshe kufanele sibheke nakwisabelo sezimali ukuthi luyolekelelwa kanjani Usuthu yilesi sifundazwe, uma kufika lesisikhathi.
Siyiqembu leNkatha Yenkululeko sibongela uSihlalo omusha wabasubathi KwaZulu Natali uMnu Steve Mkasi nekomiti lakhe. Sibongele uMongameli omusha wabasubathi eNingizimu Afrika uMnu James Moloi nekomiti lakhe. Sithokoze kuMfowethu uMnu Aleck Skhosana obengu Mongameli wabasubathi eNingizimu Afrika ngomsebenzi oncomekayo awenzele isizwe.
Umkhuhlane ukhuvethe ushaye kwezwela endimeni yezemidlalo KwaZulu Natali. Ngenxa yalomkhuhlane kuye kwamiswa izinhlelo eziningi zezemidlalo ngo-2020 naku 2021. Imidlalo yeComrades Marathon imisiwe nakuwo lonyaka esikuwo. Imincintiswano yamahhashi eDundee nase Nkandla imisiwe. Imijaho ethinta izinhlobonhlobo zemidlalo iye yamiswa ezindaweni eziningi. Lokhu kuye kwaliveza lahlala obala iqhaza lezemidlalo ekuthuthukiseni umnotho. Babe baningi abantu bakithi abahweba ezinkundleni nalapho kuhlanganiswe khona ezemidlalo abaye bakhahlamezeka kwezomnotho. Akubanga yinto enhle ukuba uhulumeni ehluleke ukubhekelela lezizimo zabantu bakithi ngendlela egculisayo.
Nakuba eminye imidlalo isibuye yavulelwa ukuqhubeka, kuseyisilonda ukuthi ababukeli abakavumeleki ukuya ezinkundleni. Nakho lokhu kuyimise kabi imboni yezemidlalo kanjalo nalabo abahweba uma kuhlangenwe. Umnyango ubulokhu uhlela ukuba kube nokubambisana phakathi kwawo kanye nowezemfundo kwezemidlalo. Nakho lokhu kuye kwaphazamiseka.
Nakuba kunalezi zinkinga, Sihlalo, mangisho ukuthi kunezinto eziye zasiphazamisa ngendlela umnyango obuye usebenze ngayo. Besinolwazi ukuthi umjaho iComrades Marathon angeke ube khona kulonyaka. Kepha umnyango ufike ekomitini nohlahlomali obelusakhomba ukuthi lomjaho ukhona kulonyaka futhi wabelwe nenkece. Kube amalungu ekomiti akhomba lesi sigwegwe, abe esecela ukuba umnyango usilungise. Iqembu lezemidlalo iRoyal Eagles kade laphuma kuGladAfrika layozidlalela ehlathini. Kepha kuhlahlomali olufike ekomitini nomnyango leliqembu belabelwe inkece njengamanye. Kube yikomiti elibona lesi sigwegwe lacela umnyango usilungise. Umnyango ufike ekomitini nohlahlomali olukhomba ukuthi kunenkece eyabelwe iDrakensberg Production nakuba bekucaca ukuthi lomcimbi awukwazi ukuba khona ngenxa yemithetho ehambisana nesigaba sezimo ezibucayi izwe elingaphansi kwazo. Kube yikomiti eliphawule lesi sigwegwe lacela umnyango ukuba usilungise.
Zisho ukuthini lezizimo na? Basebenzi beminyango kahulumeni, ake niyeke ukusithatha kancane singamalungu eSishayamthetho. Nifika kithina nezinto ezingo cut and paste, nisenze abantu abazohhomuzela nje bavume konke bengafundanga nokuthi yini ebhaliwe. Akusenjalo manje. Siyayifunda imibiko yenu, ngakhoke kuhlonipheni lokho.
Mhlonishwa Sihlalo, kunesimo senkece engabonakali ukusebenza umsebenzi eyabe ihlelelwe wona eMzimkhulu. Lena inkece esicishe ilinganiselwe ezigidini eziyishumi nesikhombisa zamarandi eyayizokwakha odedangendlale bezinkundla. Ikomiti liyile ukuyohlola lomsebenzi ukuthi uqhubeka kanjani ekuqaleni konyaka ka 2020. Kuye kwaphela nasozwaneni uma iKomiti lifumana ukuthi kalinakuhlola lutho ngoba kakukho lutho olwakhiwe yonke leminyaka. Ngqongqoshe, Inkatha iyakucela ukuba ugudluke kulelilahle. Suka phezu kwalo alibaswanga uwe, nawe ulifice likhona. Kujwayelekile ukuthi kungacaci ngokusebenza kwezimali kepha kube nabalokhu befihlana ngokungabonakali kwayo.
Kuyacaca ukuthi loMasipala wase Mzimkhulu inkosana yawo uNkohlakalo, alanywe uCorruption, yena owelanywa uBuqhophololo. Inkatha-ke ifuna ukuluqeda nya lolukhondolo lwalezelamani. Sifuna laphaya kuzalwe oQalakabusha, kanye noNcome noWestville.
Sisaphinda siyagcizelela ebesilokhu sikusho yonke leminyaka edlule. Umnyango weZemidlalo nokuNgcebeleka kulesi sifundazwe ake uyeke ukuphathiswa okwalengane enguMthatheni. Ake nawo ube uMletheni, unakekelwe ngendlela efanele kwisabiwomali sesifundazwe. Inkece engu R475 629 million eyabelwe lomnyango kayenele ukuba lomnyango ukwazi ukufeza izidingo zezemidlalo zesifundazwe ngendlela egculisayo.
Ukuthuthukiswa kwamakhono nokuvumbululwa kwawo esifundazweni kuncike kakhulu kwizakhamizi zakithi ezizinikelayo ukwenza lomsebenzi ngaphandle kwenkokhelo, (volunteers). Iqembu leNkatha lifisa ukubonga kuwona wonke lamavolontiya azinikele ukwenza lomsebenzi esifundazweni, enikela ngamakhono awo, ngesikhathi sawo nangesikhathi semindeni yawo. Nokho siyamkhumbuza uNgqongqoshe kanye nomnyango ukuthi umbiko weKhomishani ye-Eminent Persons wezemidlalo eyabe iholwa ngu-Solwazi Somadoda Fikeni kuze kube namuhla izincomo zawo bezingakaqalisi ukwenziwa, asazi kubambe kuphi. Lapha kwakunezincomo ezibalulekile ezithinta ukuncishiswa kwegebe lamathuba phakathi kwezinhlanga ezahlukene kwezemidlalo.
Siyini isizathu samakhomishana uma zingezukunakwa izincomo zawo hulumeni?
Siyathokoza.
Rea leboga.