BY
MRS NJ NKWANYANA MPL, KZN LEGISLATURE 2018
Somlomo,
Sicela uMhlonishwa uDinangwe ake ame ngosicululela uNoyana ngezinkinga ezimayelana nosimo sokuxazulula inkinga ekhungethe ukwelashwa kweziguli eziphila nimdlavuza. Sikhathele ukuthi uMhlonishwa uDinangwe asitshele ngamaphupho asifuni ukumila izimpondo emakhanda emini kwabha. Incane inqukebekela phambili eyenziwe umnyango ekuxazululeni izinkinga zomdlavuza.
Umnyango usuhluleke wancama ukuxazulula inkinga yemishini eyelapha isifo somdlavuza ezibhedlela lapha KwaZulu-Natali nokwenza abantu abagulayo balinde eside isikhathi ukuze bathole ukwelashwa ngenxa yenkinga yemishini kanye nokwentuleka kodokotela abelapha iziguli ezinomdlavuza.
Loludaba lunomthelela ekufeni kweziguli ngenxa yokuthi umnyango awuzinakile. Sidinga ukwazi kuDinangwe ukuthi zingaki iziguli ezishone ngenxa yokungalutholi usizo lokwelashelwa umdlavuza? Uma kufa iziguli ngenxa yomdlavuza kumele kube umnyango obekwa icala. It is shocking that there are about 3 017 patients registered for future appointments of which only about 500 are new patients. Lokhu kuchaza ukuthi njengamanje kuneziguli ezingu 500 ezilindele ukuthi zelashwe umdlavuza okungazeki ukuthi ziyoluthola nini usizo lokwelashwa. Asazike noma lolosuku lwazo lokwelashwa luyofika zisaphila yini.
Iyasikhathaza indaba yemishini eAddington Hospital njengoba kunemishini emibili kuphela. Kuyihlazo ukuthi isiguli sokuqala sizokwazi ukuthola usizo ekuqaleni kwenyanga ezayo kubalwa nomshini omusha osanda kufakwa ozoqala ukusebenza ngenyanga kaJuly. The commission report found that the measures the department committed to implement in efforts to end the crisis were “inadequate and unacceptable”.
Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi abantu abagulayo basazoqhubeka bagule ngaphandle kokuthola usizo lwezempilo. Asikwamukeli ukuthi umnyango usitshele ngendaba yokuthi uzolanda ama-oncologists phesheya kwezilwandle abantu bebe begula bedliwa izinhlungu. We have noted that Inkosi Albert Luthuli Central Hospital‚ a contract has been signed with the Wits Health Consortium‚ which undertook to provide three oncologists for eight hours per day and to see an average of 450 new patients per month. Lokhu akwanele ngoba akusinciphisi isikhathi sokulinda ukuze iziguli zithole usizo.
Ukushaya ngonyawo ngolwabu ekutheni kusukunyelwe phezulu izinkinga ezikhungethe umnyango wezempilo KwaZulu-Natali kuwubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi uKhongolose uyabavikela labo ababonakala behlulwa ukwenza umsebenzi ngendlela.
Sekuyisikhathi sokuthi ungqongqoshe asitshele ngomnqamulajuqu ukuthi izinkinga lezi zixazululwa nini.
Sifuna ukwazi ukuthi yini ezokwenziwa ukuze odokotela bomdlavuza bengaqhubeki nokufuduka njengoba isimo sokusebenzela singagculisi.
As the IFP we are concerned about the KwaZulu-Natal (KZN) department of health for the dismal of health standards in the province’s public health facilities. We maintain our stance that the poor management of public health by the department has led to a collapse in the service.
As the IFP we will continue to campaign for these burning problems to be addressed in order for patients to receive the quality public health care service they deserve.
I thank you