Isolezwe
P.O Box 47549
Greyville
4023
Mhleli
Ngiphendula inkulumo esihloko sayo esithi :- “OKAMAGWAZA-MSIBI UGXEKA OBEYIMEYA” kulona Isolezwe langoLwesibili mhlaka 11 October 2011.
Kuyahlupha ukuba nguMholi owehlulwa ukuqhuba izinhlelo zentuthuko ulibale ukuyocana nabaholi ebebesebenza ngaphambi kwakho.
Abantu baseZululand bayayazi imisebenzi yami engiyenze ngesikhathi esincane nesingaphansi konyaka. Umcwaningi mabhuku angakufakaza ukuthi ngesikhathi sami akaze kube nachashaza lokuphatha budlabha amafa omphakathi. Ngisho izimoto akaze kuwe kumbe kushayise neyodwa njengoba bekwenzeka ngaphambi kwami kufihlwe.
Kwezemidlalo yimina lona okhuphule ezinye izigaba ebezingekho ngaphambili (codes) ukuze kube nemidlalo enhlobonhlobo. Yimina lona othuthukise ibhola ngangokuthi ngibambisene nabakwa SAFA sitomule intsha ene (4) ukuyodlala ezingeni lika Zwelonke ngaze ngayisa ezweni lase Sudan yafika yagila izimanga ngangokuthi igoli elenza i-Ningizimu Africa iye kuma ‘Quarter finals’ yigoli elashaywa umfana owatonyulwa yiMeya lena egxekwa oKaMagwaza-Msibi.
Yimina lona othuthukise abadlali be-cricket abangaboni ngazengabathengela izinto zokudlala. Yimina lona owenze okokuqala ngqa ukuba nomcimbi weziNgqalabutho, “Zululand Sports Pioneers” kuwo wonke ama (codes) mhlaka 06 May 2011 ngakho njalo ukuba ngithuthukisa ezemidlalo ezigabeni zonke. Abezindaba nomphakathi bayazi ngoba kwasakazelwa izwe lonke.
Yimina lona owenza umcimbi wayo i-Mayoral Cup khona e-Cecil Emmet eFilidi ngonyaka odlule eyahanjelwa zikhulu eziphezulu ezigabeni zonke. Kwakunesasasa elikhulu.
Kuyadabukisa nxa oKaMagwaza-Msibi alalele amaqoqwana abantu. UMholi onjani olalela amaqoqwana? Ngabe lamaqoqwana yibona njalo ‘omantindane’?
Kuningi nami engakufica kungahambi kahle kuMasipala waseZululand kodwa akaze ngime phezu kwamagquma ngishawode akade bephambi kwami kodwa ngathatha izinyathelo zokulungisa okungalungile nokuba ngithuthukise engikuficile ngibuye ngelekelele ngokusha engibona kufanele kusize umphakathi esiwukhethelwe ukuba siwusize. Siqinisile isiZulu esithi ‘izalela ngamaqubu enye’ njengoba oKaMagwaza-Msibi ezishaya isifuba ngakho okwenziwe yimina ngesikhathi esifushane.
Angiyena umafikizolo kwezokuphatha. Angigxambukeli mina emsebenzini wabaphathi ‘Managers’ ngoba nginguMholi ohlelekile. Yikho ngingagxeki uMholi okade ephambi kwami kodwa ngiyalungisa ngalena kokuqhwisha phezu kweziduli zobulongwe ngithele abanye abaholi ngebhakede lembube.
Amanga achaziwe ayaledlula iqiniso elingachaziwe. Yilokhu okwenza ngiphendule lenkulumo ehlanekezela amaqiniso ngabomu ukuhungula imiqondo yabantu nokuzama kukaMagwaza-Msibi ukubuyisa isithunzi, ashishilize ngami emveni kokuba elahlekelwe ubuqotho iminyaka engaphezu kweminyaka emibili.
OKaMagwaza-Msibi akabhekane nezinkinga zeqembu lakhe anguMengameli ongakhethiwe abuye asebenzele ukuletha intuthuko
e-Zululand ayeke ukugiya ngethambo lami ngoba esavunywe ngunyaka. Indlu yegagu iyanetha kanti neqaqa alizizwa ukunuka Manqondo.
Ngiyathokoza
M.B Gwala, MPL
ObeyiMeya yesifunda saseZululand noMholi weqembu eliphikisayo KwaZulu-Natal