Isolezwe
Greyville
Mhleli
IQEMBU LENKATHA LISEBENZA NGENTANDO YENINGI
Ngivumele ukuba ngiphendule loyo ombize ngomhlaziyi ozimele, uMnuz Nathi Mazibuko ophawule odabeni olubhalwe yintatheli yakho, isihloko salo sithi: “Bakhiphe isitatimende ngoMagwaza Msibi abesifazane be NFP” oluphume kwelakho langomhlaka 05 Mashi 2012.
Ngasekupheleni kwaloludaba intatheli yakho icaphune uMnuz Nathi Mazibuko ethi “uKaMagwaza Msibi uyingane yeNkatha eyaziwa ngokungabi nentando yeningi, naye useqala ukukhombisa ukuthi unjani”.
Angazi ukuthi uMnuz Mazibuko ukuthathaphi ukuthi iNkatha yaziwa ngokungabi nentando yeningi. Ingani zolo lokhu ngoDisemba 2011 wonke amaziko eQembu leNkatha eSifundazweni saKwaZulu Natali kade ehlangene eEdgewood College, ePhayindane ukuyokhetha abaholi beSifundazwe ngayo intando yeningi lena uMnuz Mazibuko akhuluma ngayo. Kanti phambi kwalokho bekunezingqungquthela zeZifundazwe, zaKwaZulu Natali nase Gauteng, nazo ezakhetha ubuholi bazo ngentando yeningi.
Umbutho weNtsha yeQembu leNkatha kanye noMbutho wabeSifazane beQembu leNkatha bukhethe ubuholi bazo lezizinhlaka zikhethwa ngayo intando yeningi. Ngakho-ke yini lena uMnuz Mazibuko akhuluma ngayo? Ngabe uMnuz Mazibuko ngenkathi ephawula ubekhombisa ubunjalo bakhe bokuthi uyayizonda iNkatha ngakho-ke usecasha ngehawu lokuba ngumhlaziyi wepolitiki okuthiwa uzimele ukuze aveze obala inzondo anayo ngeQembu leNkatha?
Ezingeni likaZwelonke iQembu leNkatha liphezu kwamalungiselelo okubiza iNgqungquthela ukuze kukhethwe abaholi ngentando yeningi. Lokhu kwaphazanyiswa yizinxushunxushu ezenziwa yizitha zeQembu leNkatha ukuthenga abathize phakathi kwamalungu eQembu leNkatha ukuba baphazamise amalungiselelo okwenza ukhetho lwentando yeningi iQembu lase liphoqeleka ukuyihlehlisa iNgqungquthela kaZwelonke. Ukuba azange zibe khona lezinxushunxushu engikhuluma ngazo ngabe iNgqungquthela yokhetho kade yabakhona. Ukusungulwa kwe-NFP kungumphumela walabo ababedala lenxushunxushu engikhuluma ngayo. Namanje basekhona ngaphakathi eQenjini abasasele abanayo insila yokudala inxushunxushu njengoba siphezu kokwenza amalungiselelo eNgqungquthela yokhetho. Siyazi ukuthi izitha zeQembu leNkatha zifuna ukulibona liphele nya iQembu leNkatha, zifuna lishabalale enkundleni yezombusazwe.
Ngifisa ukwazisa uMnuz Mazibuko ukuthi uMengameli weQembu leNkatha ngonyaka ka 2004 nango 2006 waphakamisa ukuthi ahoxe esikhundleni sokuhola iQembu leNkatha. Leso kwakuyisenzo sentando yeningi kodwa kwabangamalungu eQembu leNkatha amnqabela ukuba ahoxe kulesikhundla. Lokho futhi kwakuyintando yeningi. Abaholi beQembu leNkatha bahlezi ezikhundleni abakuzo ngenxa yentando yamalungu eQembu leNkatha.
Minyaka yonke wonke amaziko eQembu leNkatha akhetha ubuholi njengoba umthethosisekelo weQembu uthi isikhathi sawo siyokuba unyaka owodwa kuphela, lena yintando yeningi. Pho kungani uMnuz Mazibuko akhethe ukuthuka iQembu leNkatha ngalenhlamba alithuka ngayo?
Ngikuthatha njengenhlamba ukuthi uMnuz Mazibuko angathi “iNkatha yaziwa ngokungabi nentando yeningi” njengoba senginabile, ngachaza kabanzi kulencwadi, ukuthi ukusebenza kweQembu leNkatha kusekeleke kuyo intando yeningi.
Phela ukuba iQembu leNkatha alisebenzi ngentando yeningi ngabe selashabalala kwinkundla yezombusazwe wezwe lakithi kodwa lilokhu likhona ngoba amalungu alo ayazi ukuthi lisebenza ngendlela yentando yawo, okuyintando yeningi.
Yimina ozithobayo
OTTO B KUNENE
UNOBHALA WOKUPHATHA
WEQEMBU LENKATHA