To Isolezwe from Otto B Kunene

Mar 11, 2012 | Letters

Isolezwe langeSonto
Greyville

Mhleli

IPUTSHUKA KANJANI INTO ENGAZANGE IBEKHONA?

Ngicela ungivumele ukuba ngiphendule umbiko obhalwe yintatheli yakho kwelangomhlaka 11 Mashi 2012 ngaphansi kwesihloko esithi: I–IFP iphika incwadi equkethe amagama”.

Ngiyazisile intatheli yakho ukuthi ngiwubonile lombhalombumbulu ekhuluma ngawo saze savumelana naye ukuthi uthunyelwe usuka kwisikhahlamezi sase Ndabs internet cafe. Ikhona yini inhlangano ezihloniphayo ethumela izinto zazo zisuke kwi internet cafe?.

Ngiyazisile intatheli yakho ukuthi awukho emthethweni lombhalo, ngaze ngathi kuyona sengithumele incwadi esemthethweni eya kuzozonke izinhlaka zeQembu ukuzazisa ukuthi lombhalo awukho emthethweni, asiwazi, kanti futhi ungumsebenzi; wabantu abangcolile abahlose ukudida amalunga eQembu leNkatha kanye nokudala uqhekeko eQenjini leNkatha.

Igama elithi “ukuputshuka” livela kuphi? Nawe, Mhleli uyalwazi ulimi lwesiZulu, ngabe kuyenzeka yini ukuthi into engazange ibekhona kuthiwe iputshukile? Ngale-ke uma intatheli yakho inobufakazi bokuthi lombhalo ukhona. Kusho ukuthi intatheli yakho ayingikholwanga uma ngiyitshela ukuthi lombhalo awukho emthethweni, kanti futhi asiwazi.

Kungabe intatheli yakho ngokusebenzisa igama “ukuputshuka” iqonde ukuthi mina nginamanga? Kungabe intatheli yakho ibambisene nababhali balencwadi engcolile enhloso yayo ukuthunaza ubuholi beQembu leNkatha nokulihlakaza?.
Ngiphatheke kabi ngokusetshenziswa kwaleligama yintatheli yakho. Uma kungukuthi akulona iqiniso ukuthi beyingangikholwa engiyitshele kona kuyomele iphephandaba lakho, Mhleli lixolise eQenjini leNkatha ngokusebenzisa leligama, libuye futhi lilihoxise. Uma iphephandaba lakho lingakwazi ukwenza lokho kuyosho ukuthi intatheli yakho inabo ubufakazi bokuthi lombhalo usemthethweni nokuthi ukhona, kanti futhi uyinto eyiyo.

Ngifisa ukuqondisa futhi okungelona iqiniso okubhalwe yilombiko mayelana nokuhambela kwabaholi eZifundeni, ezahlukahlukene. Lokhu kwenziwa ngenxa yesinqumo soMhlahlandlela weQembu leNkatha sokuthi kuyiwe ezinhlakeni zeQembu kuyoxoxiswana nge roadmap document – okungumbhalo wangaphakathi eQenjini ongumkhombandlela owabhalwa yilowo owayengu Nobhala Jikelele weQembu. Awekho amagama abantu abhalwe kulosomqulu.

Amagama abantu abhalwe kulombhalo ongcolile intatheli yakho ebike ngawo kuhloswe ukuba kungcoliswe amagama alabobantu amagama abo avela kulombhalo, kuyishwa ukuthi iphepha lakho, Mhleli lisetshenziswe njengenkundla yokungcolisa amagama alababantu.

Ngithumela lencwadi yami kuwe kanye nombhalo engiwuthumelele ezinhlakeni zeQembu ngiziqwashisa ngalombhalo ongcolile intatheli yakho ethi uputshukile.

Ngiyabonga

OTTO B KUNENE
UNOBHALA WOKUPHATHA
EQENJINI LENKATHA

Recent Headlines

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP Sends Condolences to the Passing of Rev BK Dludla

The IFP is deeply saddened by the passing of Rev. Bekizipho Khulekani “BK” Dludla, who was called to rest in the early hours of today aged 99. Cebisa was a devoted spiritual leader and community pillar in his long life of service and faith. Rev. Dludla touched...

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

WhatsApp