Mhleli
ISOLEZWE
P O Box 47549
GREYVILLE
4023
EMAIL: [email protected]
FAX: [031] 308 2879
Mhleli
Ngeshwa mhla womkhosi wokubongela iSilo iminyaka engamashumi amane sisesihlalweni soBukhosi kwavela inkinga, amaPhoyisa evimbela ababesuka eThekwini esangweni ngoba ethi amaPhoyisa ekufikeni kwabo kuqhume isibhamu. Ngabesengiphoqeka-ke ukusuka lapho umkhosi wawukhona e-Stadium ngayozama ukuxazulula leyonkinga esangweni. Ngangihamba neNkosi yakwaGolela iNkosi yaseMazimeleni neNkosi uMntwana waseMaMbatheni eMahlabathini kanye neNkosi yakwaSibisi eDumbe. Ngalenkathi kwakungesikhathi kukhuluma uMhlonishwa iMeya yeZululand uNkosikazi kaMagwaza-Msibi. Ngiyethuka uma ngibona lamagama angezansi embikweni obekwe zintatheli ze-SOLEZWE ngalomkhosi. (ISOLEZWE; UMSOMBULUKO AGASTI 29, 2011) ‘ABAHOLI BANGCOFANE EMCIMBINI WESILO’ (Celani Sikhakhane noMlungisi Gumede.)
Kugqame okwekati elimhlophe ehlungwini ukuba yinkukhu nempaka kukaMengameli we-IFP uDkt Mangosuthu Buthelezi nomholi we-NFP oyiMeya yaseZululand uNkk Zanele Magwaza-Msibi ngesikhathi beklolodelana ngezinkulumo emcimbini wokugubha iminyaka engu-40 iSilo sibusa. UNkk Magwaza-Msibi okunguye othule inkulumo kuqala, uvele wagigiyela wabalisa ngokuthi iSilo sesidlule ebunzimeni obuningi njengoba kukhona ababesisebenzisa ukufeza izinhloso zabo zepolitiki.
Uthi kwesinye isikhathi besizithola sesizondwa, kuhlanekezelwa nezinkulumo zaso ngenxa yalabobantu abathile ababesifunza lokho okuzosiza bona namaqembu abo ezepolitiki.
Ngenxa yesikhala esincane ephepheni kangizukucaphuma amagama abhalwe zintatheli ayevela kweyami inkulumo ngoba babhale iqiniso ngengakukhulumayo. Kepha ngifuna ukucacisa ukuthi inkulumo yami yayibhaliwe ngakho-ke akusilo iqiniso ukuthi ngangiklolodelana noNkk kaMagwaza-Msibi. Ngiyazisola izintatheli ukuba zingasho ukuthi mina ngangiphendula izinto ezibhalwe nguMhlonishwa uZabulon Zulu ebhukwini alikhiphayo elinesihloko esithi ‘UMONGO KA ZULU” ibika lalo (preface) elilotshwe yiSilo samaBandla elingibeka mina kabi noHulumeni waKwaZulu. Ngangiphendula nokuningi okushiwoyo ukuthi mina noHulumeni waKwaZulu sasihlukumeza Ongangezwe. Okunye yikho lokhu engibone ephepheni lakho Mhleli ukuthi kwashiwo nguNkk Magwaza-Msibi ngoba wakukhuluma ngingekho mina ngisaphumile ngisayolungisa umsindo owawusesangweni. Kuthiwe iSilo mina Mangosuthu kangikaze ngisenzele lutho, nguMnu Nelson Mandela kuphela owasenzela utho. Kuthiwe iSilo sasiboshiwe yimi noHulumeni waKwaZulu emzini kayise, ungcono uMandela owayesejele.
Nxa uNkk Magwaza-Msibi kungamazwi akhe lana asephepheni ISOLEZWE ngimphosela inselelo ukuba achazele izwe ukuthi yimi yini noHulumeni waKwaZulu ongaphambili esasenza lezizinto azishoyo athi zazenziwa iSilweni mhla ka-27 August Ondini. Mina kangikaze ngizame noma nini ukusebenzisa iSilo Somhlaba ezindabeni zombusazwe neQembu engiliholayo. Futhi akukaze kubekho sidingo salokho ngisho kuzozonke izinketho kusukela kokula-1994 kangikaze ngelekelelwe yiSilo noma ngisisebenzise njengoba esho uNkk Magwaza-Msibi.
Mayelana nezinkulumo zeSilo, iSilo ebezilungiswa yimi bekusho sona ukuthi kangisenzele ‘udladla’ yigama laso iSilo esasibiza ngalo lokhu ngesilungu okubizwa nge-‘draft’ yalokho esasizokusho. Ngesinye isikhathi besisho kusihlwa sizobeka inkulumo ekuseni ngakusasa ngihlale kuze kubephakathi kwamabili ngenza lokho engikuthunywe yiSilo njengoNdunankulu waso. Kwesinye isikhathi ngiphume embhedeni entathakusa ngiyofeza lokho engikuthunywe ngoNgangezwe. Umkami uMaMzila ungufakazi walokhu. Futhi ngangisho ukuthi nxa ngingabekanga ngendlela iSilo esingithume ukuba ngibeke ngayo sisho iSilo. Kangikhumbuli neyodwa inkulumo yeSilo lapho ngangisifunza amazwi asiza Inkatha njengoba okaMagwaza nabanye besho. Ngiyamangala ukuthi uNkk Magwaza-Msibi ukwaze nini lokho. Ngibuze ukuthi wayekuphi kuhamba iSilo sakwaKhethomthandayo emhlabeni wayengakanani?. Ngikhumbula thina simelekelela ngomfundaze efundela ubuthisha ekholishi laKwaGqikazi eyintombazanyana efundayo. Sonke lesisikhathi-nje sinaye ebuholini beNkatha wazi ukuthi Inkatha yabisebenzisa iSilo ukuze isekwe ngabalandeli bayo?
Kulokhu okuculwa ngakho ukuthi mina noHulumeni waKwaZulu sasihlukumeza Ongangezwe ngifisa ukwazi nakhu;
• KusenguHulumeni waKwaZulu ngemukela ezandleni zeSilo indondo ye-King’s Cross yobuqhawe emsebenzini engangiwenzela abantu baso.
• Ngomunye umkhosi weLembe kwaDukuza ngemukela i-King Shaka Gold Medal ezandleni zeSilo.
• Ngemukela indondo eyaziwa ngoMthunzi kaZulu ezandleni zeSilo, ivela kuso naBantwana bonke baseNdlunkulu.
• Kwathiwa ngibongwa ngakho konke engikwenzele iSilo noBukhosi bukaZulu ukububeka lapho bukhona njengamanje.
• Ngabe zonke lezindondo iSilo sasibonga lezizinto uNkk Magwaza-Msibi athi ngangihlukumeza ngaso iSilo?
• Kuyisimanga ukuthi yena uNkk Magwaza-Msibi usebenze name sihola iQembu leNkatha yenkululeko naye, engazi ukuthi nginguHodoba omubi kangaka owawuchumise iQembu ngeSilo?
Akachazele iSizwe-ke umholi we-NFP ukuthi ngangikwenza ngenkulumo yeSilo engayilobela iSilo nini, iSilo sayibeka ngelanga elingukuthi. Kufanele izizukulwane zazi iqiniso lalezizinto esengingcofwa ngazo seliyoshona. Ngiyabonga ukuthi oNkk kaMagwaza-Msibi baziveze ngisadla amabele ngoba ngingasekho kukhulu ababezokusho ngami sebenonisa onke lamanga. Okusimanga ngubani loButhelezi okuthi nxa kubongwa iSilo zithi izinyosi; “UBENESIBINDI BUTHELEZI NGOKUKHUTHAZELA.’
MANGOSUTHU BUTHELEZI
UMNTWANA WAKWAPHINDANGENE
INKOSI YESIZWE SAKWABUTHELEZI
USIHLALO INDLU YABAHOLI BOMDABU YASEKHAYA YESIFUNDA SEZULULAND
UNDUNANKULU WESILO NOZULU