Iqembu leNkatha Yenkululeko (IFP) lizwakalisa indumalo ngobuhlungu bokudlula ngokuzuma emhlabeni kwaloyo owabe engukabuteni weLamontville Golden Arrows uNkanyiso “Sgora” Mngwengwe. Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zisishaqise sonke esingabalandeli nabathandi bomdlalo webhola eNingizimu Afrika.
Njengabalandeli besisabheke lukhulu kuyena ngemuva kokunyamalala isikhashana exinwe ukulimala. Siyezwa-ke ukuthi besekungekudala ukuba abuyele ensimini. Egameni likaMengameli weQembu leNkatha Yenkululeko ongumholi weqembu eliphikisayo ngokusemthethweni KwaZulu Natali, uMhonishwa VF Hlabisa, sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe kwaMngwengwe kanye nezihlobo zonke zomndeni. Ubesemncane uNkanyiso isizwe sonke sisabheke lukhulu kuyena, nokho izinhlelo zalowo ongumenzi wethu sonke zalawula ngenye indlela. Ngakho-ke sithi lala uphumule qhawe owakho umsebenzi uwufezile.
KuBafana Besthende iLamontville Golden Arrows sithi dudu zinsizwa zakithi ngokulahlekelwa nguzakwenu. Omdala wezinsuku uzonithoba amanxeba. Iqembu lebhola iArrows lingelinye lamaqembu ahlonishwayo kakhulu eNingizimu Afrika ngebhola layo elihle, elinokuthula nomjiko ojabulisa izibukeli. Abafana Besthende bayaziwa ngekhono labo lokuvundulula amakhono asemancane bawacije bawathuthukise aze avelele ahahelwe amaqembu amaningi ezweni. U-Mngwengwe ubengesinye sezibonelo zalolukhondolo lwe-Arrows. Sizwakalisa ukuzwelana kakhulu nethimba lonke labaphathi be-Lamontville Golden Arrows.
Sengathi ukudlula kuka-Mngwengwe kungangaba isithiyo ezinhlelweni zethimba neqembu lonke, kepha abafana benze konke okuhle nokulangazelela impumelelo egameni lakhe. Lala ngokuthula Nkanyiso.
Kuyaphela.
Kungathintwa : uMhlonishwa Mntomuhle B Khawula – Okhulumela iqembu le-IFP KwaZulu Natali kwezemidlalo.
Inombolo : 071 207 9445