UKUHLALA KWESISHAYAMTHETHO SAKWAZULU-NATALI EMPHAKATHINI WASOGWINI KWAQOLOQOLO NGOLWESIHLANU MHLAKA 1 KULWEZI 2019 ENKUNDLENI YEZEMIDLALO EMANTIYANENI EMZUMBE

Nov 1, 2019 | Press Releases

 

NKULUMO NGU: MNTOMUHLE B KHAWULA – MPL – IFP

 

Mhlonishwa Somlomo
Ndunankulu
Amakhosi aseNdlunkulu
Abefundisi Obaba Omama Bafowethu nawodadewethu.
Ngiyalithokozela ithuba egameni leQembu leNkatha Yenkululeko.

Somlomo iPhalamende lize lapha emphakathini ukuze abahlonishwa bezwe uvo lwabantu ngezinkinga eziningi ezikhungethe abantu bakithi. Ngithunywa yiwo lomphakathi Somlomo egameni leQembu leNkatha ukuba ngibike ezinye zalezinkinga. Angeke ngingene esilingweni esigabhe uNdunankulu sokubona abantu abaningi ebese sijijimezana, ngoba kufuna abantu bawubone umehluko.

Inkulu inkinga yemigwaqo kulesifunda sakithi ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya. Ngesikhathi sikaHulumeni waKwaZulu obekudala ubuncono kulesisimo wukuthi imishini yokulungisa imigwaqo ibihlala emakhaya ezinkambini ebezibekwe phakathi kwabo abantu. Lokhu bekwebza isimo esihle sokuthi lithi lingana izulu imishini ingene emigwaqeni iyikelefe ngaleso sikhathi. Manje sihlala isikhathi eside nemigwaqo engalungisiwe emakhaya imisele ize ibe yizindonga. Elasemakhaya itekisi liguga lisakhokhelwa ngenxa yemigwaqo kepha elasedolobheni lakha inzuzo iminyakanyaka.

Ngesikhathi uMhlonishwa uNdebele esenguNgqongqoshe wezokuthutha lapha esifundazweni kuphela ama 90’s, wafika khona lapha kwaQoloqolo. Umhlangano wabanjelwa phezulu laphaya esikoleni eFundeduze. Kwahanjwa yonke imigwaqo kwaQoloqolo, kwaMgai  kuyofika eFafa. Wathembisa uMazankosi ukuthi izokhonkwa imigwaqo ifakwe itiyela kusuka eMzinto kuya kwaQoloqolo kuye emaphoyiseni kunyuke kuye kwaMgai. Namanje Somlomo emuva kweminyaka ecela emashumini amabili lesosethembiso sisalindiwe.

Uhambo olufanayo lwenziwa nguye uBaba uNdebele kwaVulamehlo ngalesosikhathi kusuka kwaDumisa wehle ngoNyuswa unqamule ubheke phesheya koBaba uPP Ndlovu, nazo zonke leziya zindawo zako Kenterton.  Kwayiwa eDududu ubheka phezulu kwaQiko kuya eMkhunya. Isethembiso esifanayo senziwa, kodwa namanje sisabhekile lelo tiyela lelo. Umgwaqo osuka eFairview unyukela e Assisi kuye phansi eMorrison, isethembiso esifanayo senziwa, kodwa eminyakeni ecela emashumini amabili namanje sisalubambile udonga.

Mhlonishwa Somlomo iPolice station Umuziwabantu ungaka nje yinye qhwaba kuMuziwabantu iPolice Station. Umzumbe ungaka nje mabili shwi amaPolice Station. Lena enye kudala kwethenjiswa ukuthi izokwakhiwa kabusha ithuthele kwaMlamula kodwa dololo. Sekwacelwa amasatelite kwaMlamula nakwaMgai kwaze kwaphenduka ilanga. KwaVulamehlo yinye shwi iPolice station esemakhaya. E-Ray Nkonyeni yinye shwi iPolice station esemakhaya. Ngeshwa Mhlonishwa Ndunankulu wonke lawa asemakhaya njengamanje engiwabalulayo yilawa ayekade akhiwe ngesikhathi sikaHulumeni waKwaZulu, lona athi uNdunankulu kawenzanga lutho. Lemigwaqo edinga ukukhonkwa yilena eyayakhiwe nguHulumeni waKwaZulu. Izikole eziphethwe nguMhlonishwa uMshengu zafunda bona abahlonshwa laba abagcwele lelitende yilezi ezazakhiwe nguHulumeni wakwaZulu. Lenkundla ohlezi kuyo Ndunankulu yile eyayilungiswe ngumkhandlu Ugu luphethwe yiQembu leNkatha. Lamanzi akhonyana aphuma kompompi yilawa afakwa Ugu luphethwe yiNkatha.

Mhlonishwa Somlomo bayakhala abantu basoGwini ngokugqoza kohlelo lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso ezindaweni abahlala kuzona, kuhamba kancane, ngonyawo lonwabu. Nalapho kuqaliwe khona lezindlu ziyahlupha zikhetha abantu, kwakhelwa osibanibani abahamba noma abazana nosibanibani. Bayakhala abantu Ogwini ngamathuba emisebenzi awekho. Hulumeni sicela izimboni nathi eSouth Coast ukuze basebenze abantu. Amathuba lawa esikhashana alethwa nguHulumeni ngohlelo lwe – EPWP ayahlupha ngoba amakhansela afunza abantu lokho okuyintando yamakhansela. Ayikho imihlangano yomphakathi ehlalayo ukuze umphakathi wendawo uhlonze wona labo abantulayo ukuze kube yibo abacosha lamathuba njengokulawula kwenqubo. Cha. Kuba nje yintando yekhansela nabangani balo. Kakubona abangani bamakhansela kuphela abantulayo. Awunikwe umphakathi ithuba lokuzikhombela abantu abazoqashwa bo.

Njengoba sikhuluma Somlomo, amanzi kawekho eHarding amapayipi omile. Amanzi awekho eSbanini, eGobhela, eMakhoso, kwaNomakhanzana amapayipi omile. Lapha kwaQoloqolo amapayipi omile Othandweni, eWalida, eHymen, omile amapayipi. Amanzi awekho eDududu. Amanzi awekho emaBheleni nezinye izindawo eziningi. Lokhu kukhomba izinga eliphezulu lokwehluleka kweqembu elibusayo ukufezekisa izidingo zabantu. Yebo kunesomiso, kepha isomiso sifike vele phezu kwesimo esinomkhuhlane sentuthuko.

Inkohlakalo idla lubi kwabanye omasipala lapha Ogwini Somlomo. Unyaka odlule wonke nenxenye yalonyaka ophezulu osonkontileka baseMzumbe bese behlala laphaya kwamasipala bekhala ngamathenda akhetha amabala kanye nenkohlakalo. Uthe esuka uMasipala noMenenja ebekukhalwa ngaye wabe eshiya phansi umsebenzi. Wenzani umasipala, waqasha omunye uMasipala Menenja, okungelona-ke iphutha. Kodwa akasekho oselandela leya nkece obekukhalwa ngayo eze yakhipha umenenja ngomnyango. Inkundla yaseMzumbe eNkanini okukhulunywe ngayo lapha yaqala ukwakhiwa ngo2014. Ingumgodi kawugcwali isiyiqedile phu phu phu imali yaseMzumbe kepha ayipheli. Inkece esidulelwe laphaya eNkanini kulomgodi ongagcwali kuthiwa isidlule kuR24million, kepha kakukazuphela kusafuneka ngaphezu kuka R8million nawo mhlawumbe osazoshintsha wenyukele ngenhla. Amahovisi kamasipala waseMzumbe akhiwayo athe engakabonakali nokuthi kuyakhiwa kwabesekukhokhwe ngaphezu kuka R11 million kodwa kungeke kukhonjwe ukuthi kwenziweni. Lemisebenzi ikhokhisa kakhulu ngento engabonakali. Imfihlo yayo yonke inikezwa uSonkontileka oyedwa odlayo nje.

Kube nezikhukhula ezweni lethu ezishiye kukhalwa lapha Ogwini. Kwadilika izindlu, konakala imigwaqo kwamuka amabhuloho. Izikhukhula ezazenze lomonakalo ngeminyaka yo 2007, amanye alawomabhuloho eMswilili, kaMatiwane nakwezinye izindawo namanje asenjalo. Cishe kweminye iminyaka emihlanu edlule kube nezinye izikhukhula nazo ezenze omunye umonakalo. Lapha kwaQoloqolo kwamuka ibhuloho lomfula uGuquka eliwelela esilengeni kaNdwalane ngomgwaqo oya eMnsinsini nase Mthwalume High school. Kuze kube manje lolo sizi alukaxazululwa abantu basahlupheka ngenxa yokuthi alizange lilungiswe. Kanti ngempela kwakhala nyonini kuthina basemakhaya kulohulumeni.  Kulandele ezinye izikhukhula ezidale ukuba Ugu kanye neTheku ngo 2017 babizwe ngezindawo zenhlekelele. Abantu abadilikekwa yizindlu kuleyonhlekelele kwafika uHulumeni ezohlola bathenjiswa ukwakhelwa namanje basahleli dengwane.

Kunenhlekelele lapha edalwa nguHulumeni ehamba evala izikole la emakhaya kuthiwe izingane zimbalwa. Ziphelile izikole lonke Ugu lolu zivalwa. Kuthiwa kuzothunyelwa amabhasi azothutha izingane ngoba sezifunda kude, wemame dololo amabhasi. Izingane nezincane sezibhadula ngonyawo amabanga amade imiphakathi ikhohliswe nguhulumeni. Zivalelwani izikole engabe kwandiswa Othisha kusulwe lento okuthiwa wuPPN evalisa umnyango izikole. Vele imiphakathi yasemakhaya kayisoze yalingana neyasemadolobheni ngobuningi. Inguquko yavalwa, iSangqu yavalwa, iKwaTate yavalwa, IGidela, Mfimfitha, Sibukosethu, Hlelikusasa, Sizanayo, Ntengo, Dalusizo, Ellingham, zonke zavalwa kwangafika mabhasi azothutha izingane. Okubuhlungu kakhulu ukuthi zonke lezikole ezivaliwe seziphenduke imihume yabaphangi. Ezinye sezicwiyiwe zadephunwa kwaba amagebedu. Beningenike nankake amaSonto okungenani abefundisi namabandla abo bakhonzele khona kunokucekela phansi ngaloluhlobo.

Enye inkinga yilena yezimpi zezigodi esifune ukuqala phansi laphaya kuMuziwabantu endaweni yakwaMachi. Sikhuluma nje izingane sezifunda zigadwe yizinduna nezinsizwa zendawo laphaya esikoleni iSiyaphambili High School ngenxa yezimpi zezigodi. Lapha ngenhla kwethu kwavalwa isibhedlela sofuba iDunstan Farrel Hospital kwaSANTA ngoba kuthiwa sesigugile. Uyazi umsebenzi walohulumeni ungathi ukuvala nje adlule. Uma isibhedlela sigugile akwakhiwa ngani esinye phela ngoba isidingo sona sikhona asigugile. Ngenxa yalolunya lokuvala abantu balendawo balahlekelwa yimisebenzi yona belu lena evele ingekho.

Iyacela imiphakathi yalesifunda soGu Mhlonishwa Somlomo. Kuyahlushekwa uma abadinga usizo lwamahovisi akwaSocial Development kufanele bafinyelele kuwona. AbaseMdoni kudinga baye eMzinto ngoba kawekho asemakhaya kanzima. AbaseMzumbe kudinga baye oThuthwini. AbaseMuziwabantu kudinga baye eHarding. Angithi-ke sikhuluma ngosizo olusuke ludingwa ngabantu abantula ngempela abasuke beye kofaka zona izicelo zokondliwa kodwa kufanele bakhokhe ukuze bafinyelele esicelweni. Lamahovisi mawasondezwe eduze kwabantu abawadingayo.

Nansi enye inkinga Mhlonishwa Somlomo. Izinkantolo zaMakhosi azinakiwe. Ngempela kuthiwa amaKhosi nemikhandlu yawo kawasebenze kanjani uma ezinkantolo kuzoba sehlathini ngaloluhlobo. Lokhu kwehlisa isithunzi sendawo yenkosi, kwehlise isithunzimseNkosi kanye nesomphakathi wendawo.

Nisebenzile-ke nasibizela laba enibakhohlisayo nanikeza bona bodwa itransport ngoba yibo kanye esidinga ukukhuluma nabo sibakhulule kulobu bugqila enibafake kubona. Hayi, laba enibagabhe ngezinto zokuhamba vele abazidingi lezinkulumo bayalwazi udaba.

Egameni likaMhlonishwa uBaba uHlabisa, siyathokoza Somlomo.

Recent Headlines

Memorandum to the South African Reserve Bank

Memorandum to the South African Reserve Bank

Delivered by Hon. VF Hlabisa MP, President of the Inkatha Freedom Party (IFP) Minister of Cooperative Goverance and Traditional Affairs (COGTA) At the #SaveIthala March Durban: Monday, 24 February 2025 The Clients of Ithala Bank - Representatives of the Reserve Bank -...

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

Tribute to the Late Senzo Brian Mfayela

By Hon Vf Hlabisa MP President of the Inkatha Freedom Party Minister of Cooperative Governance and Traditional Affairs Ndwedwe: Sunday, 23 February, 2025 The Mfayela Family - Members of the IFP National Executive Committee (NEC) – The Prince Mangosuthu Buthelezi...

WhatsApp